Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 11/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abafileyo Bazovuka!
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ithemba Langempela Ngabathandekayo Bakho Abafile
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Abantu Obathandayo Asebashona Bangaphinde Baphile!
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Uvuko—Lobani, Futhi Kuphi?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 11/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Ingabe uJesu wabavusa ngempela abantu?

UJesu uvusa uLazaru, uthi makaphume ethuneni

UJesu wavusa uLazaru, okwase kuyizinsuku ezine efile

IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi uJesu wabavusa abantu abafile. Lokho kulandisa akuyona inganekwane; kuwukulandisa kwezenzakalo ezingokoqobo ezenzeka ngempela. Ngokwesibonelo, phakathi nehlobo lika-31 C.E, isixuku esikhulu sahamba noJesu sisuka eKapernawume siya eNayini. Lapho sifika, sahlangana nesinye isixuku. Ungakwethemba ukulandisa okukhuluma ngovuko okwenzeka lapho ngoba kulotshwe eZwini likaNkulunkulu iBhayibheli futhi kwenzeka phambi kwabantu abaningi.—Funda uLuka 7:11-15.

UJesu wavusa nomngane wakhe uLazaru okwase kuyizinsuku ezine efile. Ungawethemba umbiko walokho uJesu akwenza ngalolo suku ngoba nakho kwabonwa ofakazi abaningi.—Funda uJohane 11:39-45.

Kungani uJesu avusa abantu?

UJesu wavusa abantu ngoba wayeshukunyiswa uzwela. Esinye isizathu ukuthi wayefuna ukubonisa ukuthi uYise, uMdali wokuphila, wayemnike amandla okunqoba ukufa.—Funda uJohane 5:21, 28, 29.

Ukuvusa kukaJesu abantu kusenza siqiniseke ngezithembiso zakhe zekusasa. Uyovusa abantu abaningi kuhlanganise nabantu abangalungile abafa bengazi lutho ngoNkulunkulu weqiniso. Bayonikezwa ithuba lokwazi nokuthanda uJehova uNkulunkulu.—Funda izEnzo 24:15.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 7 sale ncwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

lyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela