Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 12/1 k. 3
  • Ingabe Uzizwa Usondelene NoNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uzizwa Usondelene NoNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNGASONDELA KUNKULUNKULU
  • Ayikho Indlela Yokuphila Engcono Kunale
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • ‘Ungasondela’ Ngempela Yini “KuNkulunkulu”?
    Sondela KuJehova
  • Ingabe Uyakhuluma NoNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Buqine Kangakanani Ubuhlobo Bakho NoJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 12/1 k. 3
Indoda icabanga ngoNkulunkulu

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UNGASONDELA KUNKULUNKULU

Ingabe Uzizwa Usondelene NoNkulunkulu?

“Ukuba nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu kukwenza uzizwe uvikelekile, wanelisekile futhi uzinzile. Kuba sengathi uNkulunkulu uhlale ekufunela okungcono kakhulu.”—UCHRISTOPHER, INSIZWA YASEGHANA.

“UNkulunkulu uyakubona lapho udumele, akuthande futhi akukhathalele ngendlela ongeke wayicabanga.”—UHANNAH ONEMINYAKA ENGU-13, E-ALASKA, E-U.S.A.

“Ukwazi ukuthi unobuhlobo obuseduze noNkulunkulu kubalulekile futhi kubangela ukuzola!”—UGINA, OWESIFAZANE WASEJAMAICA ONEMINYAKA ENGABA NGU-45.

Baningi abazizwa njengoChristopher, uHannah noGina. Abantu abaningi emhlabeni bayaqiniseka ukuthi uNkulunkulu ubabheka njengabangane bakhe. Kuthiwani ngawe? Ingabe uzizwa usondelene noNkulunkulu? Noma ungathanda ukusondela kakhudlwana kuye? Mhlawumbe uyazibuza, ‘Kungenzeka ngempela yini ukuba umuntu abe nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu uMninimandla onke? Uma kunjalo, kungenzeka kanjani?’

UNGASONDELA KUNKULUNKULU

IBhayibheli libonisa ukuthi singakwazi ukusondela kuNkulunkulu sibe abangane bakhe. IBhayibheli lithi uNkulunkulu wabiza inzalamizi engumHebheru u-Abrahama ngokuthi “umngane wami.” (Isaya 41:8) Nasi isimemo esifudumele esikuJakobe 4:8: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” Ngakho, kuyacaca ukuthi singaba nabo ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu—sibe abangane bakhe. Kodwa njengoba uNkulunkulu engabonakali, ‘ungasondela’ kanjani kuye futhi ube nobuhlobo obuhle naye?

Ukuze siphendule lo mbuzo, ake sihlole indlela ubungane obakheka ngayo. Ngokuvamile buqala ngokuthi abantu ababili bazane amagama. Njengoba belokhu bexoxa njalo futhi bethululelana izifuba, ubuhlobo babo buya bukhula. Lapho benzelana izinto buyaqina. Kungashiwo okufanayo nangokwakha ubungane noNkulunkulu. Ake sibone ukuthi lokhu kwenzeka kanjani.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela