Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 1/1 k. 16
  • Ukuphila Kwaqala Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphila Kwaqala Kanjani?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMBONO WEBHAYIBHELI
    I-Phaphama!—2015
  • Izilwane Ziyaya Yini Ezulwini?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe UNkulunkulu Uyazikhathalela Izilwane?
    I-Phaphama!—2011
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 1/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Yini ebangela ukuba abantu abaningi bazibuze ngokuba khona koMdali?

Umama ubuka ingane yakhe ngothando

Akumangalisi yini ukuphila?

Eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule, imbongi ethile yabhala: “Ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo.” (IHubo 139:14) Akukumangalisi yini ukucabanga ngendlela ingane eyakhekha ngayo isuka engqamuzaneni elilodwa? Abantu abaningi bayavuma ukuthi izinto eziphilayo zaklanywa uMdali.—Funda iHubo 139:13-17; Hebheru 3:4.

Lowo owadala indawo yonke wenza nokuba umhlaba ukwazi ukusekela ukuphila, wadala nezinto eziphilayo. (IHubo 36:9) Uye wakhuluma nabantu futhi wenza ukuba bamazi.—Funda u-Isaya 45:18.

Ingabe savela ezilwaneni?

Imizimba yethu iyafana neyezilwane ngezindlela eziningi. Lokhu kubangelwa ukuthi izilwane nabantu benziwa uMdali ukuze baphile emhlabeni. Umuntu wokuqala akavelanga esilwaneni, uNkulunkulu wamenza ngothuli.—Funda uGenesise 1:24; 2:7.

Abantu bahlukile ezilwaneni ngezindlela ezimbili ezibalulekile. Okokuqala, abantu bayakwazi ukuqonda, ukuthanda nokuhlonipha uMdali. Okwesibili, ngokungafani nezilwane ezazingadalelwanga ukuba ziphile phakade, abantu badalelwa ukuba baphile phakade. Nokho manje, bonke abantu bayafa ngenxa yokuthi indoda yokuqala yasenqaba isiqondiso soMdali.—Funda uGenesise 1:27; 2:15-17.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 1 sale ncwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela