Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 9/1 k. 7
  • Kungani Sishumayela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Sishumayela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okunye Okungasiza Imindeni
    I-Phaphama!—2018
  • Singazitholaphi Izimpendulo Zemibuzo Ebalulekile Ekuphileni?
    Singazitholaphi Izimpendulo Zemibuzo Ebalulekile Ekuphileni?
  • Ukuthola Usizo Lokuqonda IBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 9/1 k. 7
OFakazi BakaJehova ababili bashumayela emizini

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | BANGOBANI OFAKAZI BAKAJEHOVA?

Kungani sishumayela?

Kungenzeka ukuthi umsebenzi wethu wokushumayela endlini ngendlu, ezindaweni zomphakathi nanoma kuphi lapho sithola khona abantu, yiwona ngokuyinhloko osenza siphawuleke kalula ebantwini. Kungani siwenza lo msebenzi?

OFakazi BakaJehova bashumayela ukuze bakhazimulise uNkulunkulu futhi benze igama lakhe laziwe. (Hebheru 13:15) Sifuna nokulalela uKristu uJesu, owathi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”​—Mathewu 28:​19, 20.

Ngaphezu kwalokho, siyabathanda omakhelwane bethu. (Mathewu 22:39) Yiqiniso, siyaqaphela ukuthi abantu abaningi banezinkolelo zabo futhi akuwona wonke umuntu othanda umyalezo wethu. Noma kunjalo sikholelwa ukuthi izimfundiso zeBhayibheli zisindisa ukuphila. Yingakho siqhubeka ‘ngaphandle kokuyekethisa, sifundisa futhi simemezela izindaba ezinhle ngoKristu,’ njengoba kwenza amaKristu ekhulu lokuqala.​—IzEnzo 5:​41, 42.

U-Antonio Cova Maduro, isazi sezokuhlalisana kwabantu, wabhala lokhu, “oFakazi BakaJehova benza imizamo emikhulu futhi bayazikhandla . . . , ukuze imibhalo engcwele ifinyelele ezingxenyeni ezikude zomhlaba.”​—I-El Universal iphephendaba laseVenezuela

Abantu abaningi abafunda izincwadi zethu ababona oFakazi BakaJehova. Izigidi ezifunda nathi iBhayibheli zikhonza kwezinye izinkolo. Noma kunjalo ziyakujabulela ukuvakashelwa oFakazi BakaJehova.

Kuyavunywa, kungenzeka uneminye imibuzo ngoFakazi BakaJehova. Ukuze uthole izimpendulo, sicela wenze lokhu okulandelayo

  • Buza omunye woFakazi BakaJehova.

  • Ngena engosini yethu ethi www.pr2711.com/zu.

  • Yiya emihlanganweni yethu okungenwa kuyo mahhala futhi wonke umuntu wamukelekile.

UJesu uthuma abafundi bakhe ababili ukuba bayoshumayela
Intaba eneqhwa

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngoFakazi BakaJehova, bukela i-video ethi OFakazi BakaJehova​—Bahlelelwe Ukushumayela Izindaba Ezinhle, engosini ethi www.pr2711.com/zu. (Bheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI > AMA-VIDEO)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela