Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 10/1 k. 15
  • Thethelela Ngokukhululekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Thethelela Ngokukhululekile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Qhubekani Nithethelelana Ngokukhululekile’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Thethelelanani Ngokukhululekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Kuyini Ukuthethelela?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Kungani Kumelwe Uthethelele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 10/1 k. 15

UKUHLAKANIPHA KWASENDULO OKUSASEBENZA NANAMUHLA

Thethelela Ngokukhululekile

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Qhubekani . . . nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.”​—Kolose 3:13.

Kusho ukuthini? EBhayibhelini isono sifaniswa nesikweletu futhi ukuthethelela kufaniswa nokusula isikweletu. (Luka 11:4) Enye incwadi ithi, emiBhalweni igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “thethelela” lisho “ukusula isikweletu.” Ngakho, lapho sikhetha ukuthethelela umuntu osonile, sikudlulisa ngokuphelele lokho akwenzile. Ukulungela kwethu ukuthethelela akusho ukuthi sivumelana nobubi abenzile noma ukuthi okwenzekile akusizwisi ubuhlungu. Kunalokho, sinquma ukungabambi amagqubu ngisho noma sinesizathu esizwakalayo sokukhononda.

Ingabe lokho kuyasebenza namuhla? Njengabantu abangaphelele sonke siyona. (Roma 3:23) Ngakho, kuwukuhlakanipha ukuthethelela abanye ngoba nathi siyakudinga ukuthethelelwa. Ngaphezu kwalokho, lapho sikhetha ukuthethelela, nathi siyazuza. Kanjani?

Lapho sifukamela intukuthelo namagqubu​—futhi singathetheleli—sizilimaza thina. Imizwa enjalo ingasincisha injabulo, isenze singakhululeki futhi sicindezeleke. Ingabeka nempilo yethu engozini. Umbiko owavela kuyi-Journal of the American College of Cardiology, kaDkt. Yoichi Chidaka noprofesa wokusebenza kwengqondo u-Andrew Steptoe waphetha ngokuthi: “Ukuhlola kwamuva kubonisa ukuthi kunokuhlobana phakathi kwentukuthelo, inzondo nesifo senhliziyo.”

Manje ake sixoxe ngezinzuzo zokuthethelela. Lapho sithethelela abanye ngokukhululekile, silondoloza ubunye nokuthula, ngaleyo ndlela sigcine ubuhlobo bethu nabo bubuhle. Okubaluleke nakakhulu, sizibonakalisa singabalingisi bakaNkulunkulu, othethelela izoni eziphendukayo ngokukhululekile nolindele ukuba senze okufanayo.—Marku 11:25; Efesu 4:32; 5:1.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela