IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI
Singalazi yini iqiniso ngoNkulunkulu?
Kungani uNkulunkulu efuna sazi iqiniso? Funda uJohane 17:3
UNkulunkulu uye waxhumana nabantu. Wasebenzisa umoya wakhe ongcwele noma amandla akhe asebenzayo ukuze adlulisele imicabango yakhe kubalobi beBhayibheli. (2 Petru 1:20, 21) Singalazi iqiniso ngoNkulunkulu ngokufunda iBhayibheli.—Funda uJohane 17:17; 2 Thimothewu 3:16.
EBhayibhelini, uNkulunkulu wembula izinto eziningi ngaye. Usitshela ukuthi kungani asidala, yini azosenzela yona nokuthi ufuna siphile kanjani. (IzEnzo 17:24-27) UJehova uNkulunkulu ufuna sazi iqiniso ngaye.—Funda eyoku-1 Thimothewu 2:3, 4.
Kungani uNkulunkulu ebamukela abathandi beqiniso?
UJehova unguNkulunkulu weqiniso futhi wathumela iNdodana yakhe, uJesu, ukuba ifundise abantu iqiniso. Ngakho, abathandi beqiniso badonseleka kuJesu. (Johane 18:37) UNkulunkulu ufuna ukukhulekelwa abantu abanjalo.—Funda uJohane 4:23, 24.
USathane uDeveli uye wavimbela abaningi ukuba bazi uNkulunkulu ngokusakaza izimfundiso ezingamanga ngoNkulunkulu. (2 Korinte 4:3, 4) Abantu abangakuthandi okuhle badonseleka kulezo zimfundiso zamanga. (Roma 1:25) Noma kunjalo, izigidi zabantu abaqotho zifunda iqiniso ngoNkulunkulu ngokutadisha iBhayibheli.—Funda izEnzo 17:11.