Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp16 No. 4 k. 16
  • Lithini IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lithini IBhayibheli?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe inkolo isungulwe abantu?
  • Ingabe kuyadingeka ube senkolweni ethile?
  • Inkolo
    I-Phaphama!—2014
  • Ingabe Kuyimfuneko Ukuba Ilungu Lenkolo Ehleliwe?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukuqhuba Inkolo Emsulwa Ukuze Sisinde
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ngingayithola Kanjani Inkolo Yeqiniso?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
wp16 No. 4 k. 16
Umndeni ubuka izindawo zokukhulekela ezihlukahlukene

Lithini IBhayibheli?

Ingabe inkolo isungulwe abantu?

ABANYE ABANTU BAKHOLELWA ukuthi inkolo yinto esungulwe abantu; abanye bacabanga ukuthi uNkulunkulu usebenzisa inkolo ukusiza abantu ukuba basondele kuye. Wena ucabangani?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Kukhona ‘indlela yokukhulekela [noma, inkolo] ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu uBaba wethu.’ (Jakobe 1:27) Inkolo ehlanzekile noma yeqiniso ivela kuNkulunkulu.

OKUNYE ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI

  • Ukuze inkolo ijabulise uNkulunkulu, kumelwe isekelwe eqinisweni leBhayibheli.—Johane 4:23, 24.

  • Izinkolo ezisekelwe emibonweni yabantu azisizi ngalutho.—Marku 7:7, 8.

Ingabe kuyadingeka ube senkolweni ethile?

UBUNGATHINI?

  • Yebo

  • Cha

  • Kuya ngezimo

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye.” (Hebheru 10:24, 25) UNkulunkulu ufuna abakhulekeli bakhe bahlangane ndawonye njengeqembu.

OKUNYE ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI

  • Labo abakhulekela uNkulunkulu ndawonye kufanele babe nezinkolelo ezifanayo.—1 Korinte 1:10, 11.

  • Amalungu enkolo uNkulunkulu ayamukelayo angabafowabo bomunye nomunye emhlabeni wonke.—1 Petru 2:17.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, Lifundisani Ngempela IBhayibheli? bheka isahluko 15 sale ncwadi, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela