Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w18 Ephreli k. 32
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Indaba Ethi Ayifane
  • A3 Indlela IBhayibheli Elafika Ngayo Kithi
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • A1 Iziqondiso Zokuhumusha IBhayibheli
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • Inguqulo YeZwi LikaNkulunkulu Efinyelela Inhliziyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • A2 Okutholakala Kule Nguqulo
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
w18 Ephreli k. 32

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe iHubo 144:12-15 libhekisela kubantu bakaNkulunkulu noma kubantu ababi bezizwe okukhulunywa ngabo evesini 11?

Igama lesiHebheru lingabhekisela kukho kokubili. La maphuzu alandelayo azosisiza siqonde umqondo onembile:

  1. Cabangela umongo walo lonke ihubo. Ukusetshenziswa kwegama elithi “khona-ke” evesini 12 kusho ukuthi izibusiso okukhulunywa ngazo emavesini 12 kuya ku-14 zizotholwa abantu abalungile—labo abafuna ukukhululwa nokophulwa kwababi (ivesi 11). Lokhu kuphinde kuvele evesini 15, lapho igama elithi “Bayajabula” liphindeke kabili futhi libhekisela kubantu abalungile—labo “abaNkulunkulu wabo nguJehova!”

  2. Lokhu kuqonda kuvumelana namanye amavesi eBhayibheli athembisa ukuthi uNkulunkulu uyobusisa abantu abathembekile kuye. Leli hubo lichaza ithemba eliqinisekisiwe uDavide ayenalo lokuthi ngemva kokuba uNkulunkulu ekhulule isizwe sakwa-Israyeli ezitheni zaso, wayeyosibusisa ngenjabulo nokuchuma. (Lev. 26:9, 10; Dut. 7:13; IHu. 128:1-6) Ngokwesibonelo uDuteronomi 28:4 uthi: “Siyobusiswa isithelo sesisu sakho nesithelo somhlabathi wakho nesithelo sesilwane sakho osifuyile, amathole ezinkomo zakho nenzalo yomhlambi wakho wezimvu nowezimbuzi.” Ngempela, ngesikhathi kubusa indodana kaDavide uSolomoni, isizwe sasijabulela ukuthula futhi sicebile. Ngaphezu kwalokho, ukubusa kukaSolomoni ngokwezinga elithile kwakubhekisela ekubuseni kukaMesiya.—1 AmaKh. 4:20, 21; IHu. 72:1-20.

Ekuphetheni, iHubo 144 aliphikisani nendlela esiqonda ngayo iBhayibheli. Leli hubo liveza ithemba zonke izinceku zikaJehova eziqiniseka ngalo—ukubhujiswa kwabantu ababi okulandelwa ukuthula okuhlala njalo nokuchuma okwenzelwa abantu abalungile.—IHu. 37:10, 11.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela