Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp19 No. 3 kk. 14-15
  • Indlela Yokuthola Injabulo Kwamanje

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuthola Injabulo Kwamanje
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUTHOLA UKWANELISEKA
  • UKUBHEKANA NOKUGULA
  • UKUQINISA UMSHADO
  • Izihluthulelo Ezimbili Zomshado Ohlala Njalo
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Mamatheka—Kukulungele!
    I-Phaphama!—2000
  • Umthombo Wokuhlakanipha Ophakeme
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
  • Ingabe Imali Iyimpande Yakho Konke Okubi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
wp19 No. 3 kk. 14-15
Usosayensi okukhulunywe ngaye ekuqaleni nomkakhe bayapheka ndawonye

Indlela Yokuthola Injabulo Kwamanje

LUYEZA usuku lapho singeke sisagula, siguge noma sife. Nawe ungakuthola lokho kuphila. Kodwa okwamanje ukuphila kunzima futhi kugcwele izinkinga. Kukhona yini okungakusiza? Yebo. IBhayibheli lingakusiza ujabule futhi waneliseke kwamanje. Ake sixoxe ngezinye zezinkinga esibhekene nazo nokuthi iBhayibheli lingasisiza kanjani.

UKUTHOLA UKWANELISEKA

Iseluleko seBhayibheli: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, naneliswe izinto ezikhona.”—Hebheru 13:5.

Namuhla ziningi izinto okuthiwa kufanele sibe nazo. Kodwa iBhayibheli lithi singakwazi ‘ukwaneliswa izinto ezikhona.’ Kanjani?

Gwema “uthando lwemali.” Abantu bangenza noma yini ukuze bathole imali ngisho noma lokho kungabaphuca isimilo, kubehlise isithunzi, kulimaze impilo yabo, imindeni yabo kanye nobungane nabanye. (1 Thimothewu 6:10) Cabanga nje! Ekugcineni, umuntu othanda imali “ngeke aneliseke.”—UmShumayeli 5:10.

Thanda abantu, hhayi izinto. Kuyiqiniso ukuthi izinto ezibonakalayo ziyasisiza. Kodwa lezo zinto azikwazi ukusibonisa uthando, abantu kuphela abakwazi ukwenza lokho. Ukuba ‘nomngane weqiniso’ kungasisiza saneliseke ekuphileni.—IzAga 17:17.

SINGABA NOKUPHILA OKUJABULISAYO KWAMANJE NGOKULANDELA ISIQONDISO SEBHAYIBHELI

UKUBHEKANA NOKUGULA

Iseluleko seBhayibheli: “Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle.”—IzAga 17:22.

Injabulo ifana ‘nomuthi omuhle’ ongasisiza sibhekane nokugula. Kodwa singajabula kanjani sibe sigula?

Zifundise ukubonga. Uma sihlale sicabanga ngezinkinga zethu, “zonke izinsuku” zokuphila kwethu ziyobonakala zizimbi. (IzAga 15:15) IBhayibheli lithi: “Ziboniseni ningababongayo.” (Kolose 3:15) Ngakho, zifundise ukubonga ngezinto ezinhle ozibonayo noma zincane kangakanani. Ziningi izinto ezingasenza sikujabulele ukuphila, kungaba ukubuka ilanga lapho seliyoshona, ukuzwa umoya opholile noma ukubona umuntu omthandayo ehleka.

Yenzela abanye izinto. Ngisho nalapho sigula, singayithola “injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Lapho abantu besibonga ngezinto esibenzela zona, siyajabula futhi sikhohlwe izinkinga zethu. Ukusiza abanye kungenza ukuphila kwethu kube ngcono.

UKUQINISA UMSHADO

Iseluleko seBhayibheli: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:10.

Abantu abashadile abangachithi isikhathi ndawonye babeka umshado wabo engozini. Ngakho kuwukuhlakanipha ukuba indoda nomkayo babheke umshado wabo njengenye yezinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni.

Yenzani izinto ndawonye. Kufanele nihlele isikhathi sokwenza izinto ndawonye. IBhayibheli lithi: “Ababili bangcono kunoyedwa.” (UmShumayeli 4:9) Ziningi izinto eningazenza ndawonye njengokupheka, ukujima, ukufunda amakhono amasha nokunye.

Bonisa oshade naye uthando. IBhayibheli likhuthaza indoda nomkayo ukuba bathandane futhi bahloniphane. (Efesu 5:28, 33) Ukupha oshade naye isipho, ukumomotheka ngothando nokumanga ngemfudumalo, kungawuqinisa umshado. Nokho, kufanele izenzo zothando zigcinwe phakathi kwabantu abashadile kuphela.—Hebheru 13:4.

“EKUGCINENI, SENGIYAZI UKUTHI NGIPHILELANI!”

—Ixoxwa nguRyoko Miyamoto, waseJapan.

Ukuphila kwakunzima. Umyeni wami wayephuza kakhulu futhi ehlale exoshwa emsebenzini. Wayengasazondli nezingane zethu ezine. Ngangisebenza kanzima, kodwa izinto zazingabi ngcono. Ngangizibuza, ‘Ingabe ngangidalelwe ukuhlupheka vele, noma ngijeziselwa izinto engazenza ngingakaphili kulo mzimba?’

Kwabe sekufika uFakazi KaJehova kwami. Wayenobungane futhi wakhuluma ngentshiseko ngoMbuso kaNkulunkulu nangokuphila okuphakade. Wacela ukufunda nami iBhayibheli. Ngafunda ukuthi ukhona uNkulunkulu nokuthi uhlakaniphile, ulungile futhi unothando. Ngafunda nokuthi kwenzekani kumuntu lapho efa, nokuthi ngangingadalelwe ukuba ngihlupheke.

Ngaphezu kwalokho, ngabona ukuthi ukusondela kuNkulunkulu yikona okwakuzongenza nganeliseke ekuphileni. Ukwazi lokho okufundiswa iBhayibheli kungikhuthaze kakhulu kwangenza ngakhululeka futhi ngaqabuleka. Ekugcineni, sengiyazi ukuthi ngiphilelani!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela