Isimiso Esisha Sokwakhiwa KwamaHholo OMbuso
UJehova ngokuqinisekile uyasigcwalisa isithembiso sakhe sokufundisa abendlu yakhe futhi abaqondise nasezindleleni zakhe. (Isaya 54:13, NW) Kusukela ezikhathini zakudala uye wenza amalungiselelo aqondile okukhulekela okunobunye ahlanganisa ukunikeza imfundo ebalulekile. (Dut. 31:12, 13; Neh. 8:1-8; IHu. 122:1) Lokhu kuye kwaphumela ekubeni abantu bakhe abathembekile bazuze kakhulu. Ngokunamathela ngokuqinile eselulekweni sakhe, baye bakwazi ukuhlala behlukile ezweni futhi benobuhlobo obuseduze nabakhulekeli abakanye nabo. (Eks. 34:11-16; 2 Kor. 6:14-18) Kulezinsuku zokugcina ikakhulukazi siyalwa ukuba sihlangane njalo, hhayi nje kuphela ngenjongo yokuba sifundiswe uJehova kodwa ukuze sikhuthazane futhi kuvuswe uthando nemisebenzi emihle.—Roma 1:11, 12; Heb. 10:23-25.
Kusukela ekhulwini leminyaka lokuqala kuze kube yilolusuku amaKristu aye ahlangana emizini yabazalwane nasezindaweni zomphakathi ukuze akhulekele. (IzE. 2:42, 46; 12:12) Kodwa kusukela ikakhulukazi ngo-1935, lapho kumenyezelwa ukuthi indawo entsha yokuhlangana eyayakhiwa eHawaii yayizobizwa ngokuthi iHholo LoMbuso, amabandla oFakazi BakaJehova kuyo yonke indawo aye azimisela ukuba abe nezindawo zawo siqu ezihlukile zokukhulekela futhi aye aziphawule ngaleligama. Ngenxa yalokho, amaHholo oMbuso manje ayabonakala emhlabeni wonke, futhi unyaka ngamunye kwakhiwa engeziwe noma atholakala ngezinye izindlela njengezindawo zemihlangano yebandla zasikhathi sonke.
KoFakazi BakaJehova iHholo LoMbuso liyisakhiwo esibaluleke kunazo zonke kunoma yimuphi umphakathi. Lingase likhange ngendlela eliklanywe ngayo nelakhiwe ngayo, kodwa ngisho nakuba libonakala livamile ngaphandle uma liqhathaniswa nezinye izakhiwo, laziswa kakhulu njengesikhungo sokukhulekela kweqiniso nesomsebenzi ongokwasezulwini emphakathini. Linikeza ubufakazi bokuthi izindaba ezinhle zoMbuso ziyashunyayelwa kuleyondawo. Liyindawo enikeza ukuqabuleka okungokomoya nemfundo yangempela kubo bonke abakhathalela isidingo sabo esingokomoya.—Math. 5:3.
ISIDINGO SAMAHHOLO OMBUSO
Imibiko evela ensimini ibonisa ukuthi uJehova uyaqhubeka ‘esheshisa’ umsebenzi wokubutha njengoba ukuphela kwalesimiso sezinto esikhona manje kusondela. Kuye kwenzeka njengoba nje asho ngomprofethi uIsaya ukuthi “omncane uyakuba-yinkulungwane, ophansi abe-yisizwe esinamandla.” (Isaya 60:22) Ngokwesibonelo, eNingizimu Afrika kuye kwaba nokwanda okuhle enanini labamemezeli eminyakeni embalwa edlule. Lokhu kwanda kuye kwadinga ukuba kwakhiwe amabandla amaningi amasha, futhi ukuze kunakekelwe lokhu kwanda kuye kwadingeka ukuba kwakhiwe amaHholo oMbuso amaningi amasha. Ngaphezu kwalokho, kwakusekuqaleni kuka-1983 lapho sanikezwa khona imvume yokwakha amaHholo oMbuso ezindaweni zabaNsundu ezisemadolobheni. Ngakho, phakathi neminyaka emihlanu edlule kuye kwakhiwa amaHholo oMbuso angu-102, ikakhulukazi ensimini yabaNsundu. Cishe wonke amaHholo oMbuso akhiwe emalokishini abaNsundu aye asizwa ngokwezimali yizimali ezibolekiswayo zamaHholo oMbuso ezivela eNdikimbeni Ebusayo. Akukho zimali ezibolekiswayo ezazitholakalela noma yimaphi amabandla abaMhlophe. Kwakudingeka azihlelele izimali ezibolekiswayo ngezinhlangano zokwakha noma ngezinye izindlela. Lokhu kwabangela ubunzima obukhulu kulamabandla ngenxa yamanani aphakeme enzalo afinyelela ekukhokheni cishe isamba esiphindwe kabili semali ayeyibolekile.
Ngakho isaziso esenziwa eMhlanganweni Wesigodi “Wokuzinikela KuNkulunkulu” sokuthi singazisungulela esethu Isikhwama SeNhlangano Seminikelo YamaHholo OMbuso samukelwa ngentshiseko enkulu. Lokhu kuyokwenza ukuba zibe khona izimali zokweboleka wonke amabandla afanelekela imali ebolekiswayo yeHholo loMbuso. Injongo yelesikhwama iyoba ukwakha amaHholo oMbuso amasha noma ukukhuliswa kwamahholo asekhona kakade. Nansi eminye imininingwane eyokwenza bonke abazalwane yonke indawo ukuba baqonde ngokugcwele indlela lelilungiselelo elisha elizosebenza ngayo nokuthi umuntu ngamunye angaba kanjani nengxenye ezinsukwini ezizayo.
ISIDINGO
Ngokuqondene namaHholo oMbuso, incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu ekhasini 61 ithi: “IHholo loMbuso, njengendawo yokukhulekela, akufanele libe isakhiwo esikhanga ngokweqile esiklanyelwe ukubukisa kwabanye. Nakuba isimo salo singase sihluke ngokwezindawo ngezindawo, injongo yalo iwukusetshenziswa. (Qhathanisa nezEnzo 17:24.) Kumelwe libe indawo enethezekile nefanelekile ukuba kuqhutshwe imihlangano yobuKristu esisiza ukuba sikhule ngokomoya nokuba sifunde ngoJehova, nesikhuthaza ukuba sihlanganyele enkonzweni yakhe yoMbuso.” Njengesikhungo semfundo yeBhayibheli emphakathini, iHholo loMbuso futhi lisebenza ngokuqondile ekwenzeni izindaba ezinhle zishunyayelwe ensimini yebandla lethu.
Lapho amabandla eba makhulu kakhulu ukuba angahlala ngokunethezeka eHholo loMbuso, abanye abantu, ikakhulukazi abasha, bayadangala futhi bangabe beseza njalo emihlanganweni. Kuba nzima ngokwengeziwe ngabadala nangezinceku ezikhonzayo ukuba banakekele izidingo zabazalwane nodade ngokunikeza usizo lomuntu siqu oludingekayo. Lapho iHholo loMbuso selisetshenziswa amabandla amathathu noma ngaphezulu, abadala baba manqikanqika ukutusa ukwakhiwa kwebandla elisha ngenxa yokungabikho kwendawo ibandla elisha elizohlanganela kuyo.
Lapho kunamabandla angaphezu kwamabili asebenzisa iHholo loMbuso elilodwa, kuba nzima ngawo ukuba enze amalungiselelo afanelekayo ezenzakalo ezikhethekile ezinjengokuhambela kombonisi wesifunda noma ukugujwa kweSikhumbuzo sokufa kukaKristu kwaminyaka yonke; kungase kube nezithiyo ekwenzeni amalungiselelo enkonzo yasensimini anele ebandla ngalinye elihilelekile. Kulezizimo, lapho iHholo loMbuso elifanayo lisetshenziswa nsuku zonke, ngezinye izikhathi kubhekwana nezinkinga ezithile ngokuqondene nokugcinwa noma ukulungiswa kwalo. Ngezinye izikhathi, ukusetshenziswa kwamaHholo oMbuso ngokweqile kuye kwaholela ezinkingeni nomakhelwane ngenxa yokuminyana kwezimoto noma izinkinga ezifanayo ezibangelwa ubuningi babantu. Isidingo sokuhamba amabanga amade kwenza ukuya emihlanganweni kungabi lula, futhi lokhu kuvimbela ukwanda. Nakuba kuye kwenziwa intuthuko etusekayo ekwakhiweni kwamaHholo oMbuso, sidinga angamakhulu engeziwe, ikakhulukazi emalokishini abaNsundu nasemaphandleni, ukuze kube nezindawo zokukhulekela ezifanelekayo zabazalwane bethu nabantu abasha abakhuphukela endlini kaJehova yokukhulekela. (Mika 4:2-4) Futhi njengoba isiphelo salesimiso sezinto sisondela ngokushesha, kuyaphuthuma ukuba kwakhiwe amaHholo oMbuso.
OKUNGENZIWA
Njengoba kungenzeka ukuthi niyazi, eminyakeni edlule iNhlangano iye yakhuthaza ukwakhiwa kwamaHholo oMbuso futhi iye yahlela ukuba kunikezwe usizo ngezimali ezibolekiswayo ezivela ezimalini ezitholakalayo. Siye sasiqaphela kahle isidingo sokusheshisa izinto. Kuye kwacatshangwa kakhulu ngezidingo zamabandla ezikhona, futhi lokhu kucatshangelwa kwezinto kuye kwaphumela ekusungulweni kwelungiselelo elisha lokunikeza usizo oludingekayo ngendlela ebonakala ifanelana nezimo zawo wonke umuntu ngaphandle kokubeka umthwalo engadingekile kunoma yibaphi abazalwane. Ngempela, isimiso seBhayibheli esiyisisekelo esisetshenziswa ekuqaliseni lelilungiselelo yileso esashiwo umphostoli uPawulu kweyesi-2 Korinte 8:13-15. Wayekhathazekile ngezidingo ezingokwenyama zabazalwane basePalestina ngakho wayesenza ukusikisela okufanelekile emabandleni aseAsia Minor ukuba anikeze usizo.
Umphostoli wabhekisela elungiselelweni lothando likaJehova lokunakekela izidingo zamaIsrayeli phakathi nohambo lwawo lwasehlane lweminyaka engamashumi amane, ethi: “Kube-ngokulinganayo, ukuze kuthi ngalesisikhathi inala yenu isize bona ekusweleni kwabo ukuba nenala yabo isize nina ekusweleni kwenu, kube-khona ukulingana, njengalokho kulotshiwe ukuthi: Kowaba-nokuningi kakusalanga, nowaba-nokuncane kantulanga.” (Qhathanisa noEksodusi 16:18.) Kodwa-ke sizosingathwa kanjani lesidingo esikhona samaHholo oMbuso amasha?
ISIKHWAMA SENHLANGANO SAMAHHOLO OMBUSO—INDLELA ESIZOSEBENZA NGAYO
Injongo yalelilungiselelo iyoba ukuqongelela imali yokwakha amaHholo oMbuso noma ukwandisa amahholo asekhona kakade. Lelilungiselelo liyoqala ukusebenza ngoMarch 1, 1990. Amabandla aseNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane asebenza ngaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika azomisa ibhokisi lomnikelo elikhethekile eliphawulwe ukuthi “Isikhwama SeNhlangano Seminikelo YamaHholo OMbuso.” Kuzothunyelwa izigqebhezana ezimbili ezibhalwe ukuthi “IMINIKELO YESIKHWAMA SENHLANGANO SAMAHHOLO OMBUSO” ebandleni ngalinye ukuze kuphawulwe ibhokisi elisetshenziselwa lesikhwama esikhethekile. Lelilungiselelo liyovumela wonke umuntu ebandleni ofisa ukufaka umnikelo wokuzithandela ngezikhathi ezithile ukuba enze kanjalo. Iminikelo enjalo iyothunyelwa ehhovisi leNhlangano ekupheleni kwenyanga ngayinye futhi iyosetshenziselwa kuphela ukusiza amabandla adinga izimali zokwakha amaHholo oMbuso. INhlangano iyokwazisa ukuthi yonke leminikelo itholakele futhi iyofakwa esikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso.—Qhathanisa neyesi-2 AmaKhosi 12:9-16.
Yiqiniso, lawomabandla akhokhela amaHholo awo oMbuso njengamanje futhi anebhokisi lomnikelo wemali yokwakha angaqhubeka esebenzisa lelobhokisi. Uma nawo efisa ukusiza amanye amabandla, angalimisa ibhokisi lomnikelo leSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso.
Kuzothatha isikhathi esithile ukuba iSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso siqongelele imali eyanele ukuba amabandla amaningi aqale ukuboleka kuso. Okwamanje iNdikimba Ebusayo iye yavuma ngomusa ukuqhubeka inikeza izimali ezibolekiswayo zamaHholo oMbuso ezivela phesheya. Ngakho amabandla angaqhubeka efaka izicelo zezimali ezibolekiswayo zamaHholo oMbuso eNhlanganweni. Lokhu kusebenza emabandleni abaNsundu, abeBala, amaNdiya nawabaMhlophe. Injongo yemali ebolekiswayo yamaHholo oMbuso iwukwakha amaHholo oMbuso, ukuthenga izakhiwo ezidinga ukulungiswa, noma ukulungisa nokukhulisa amaHholo oMbuso asekhona. Izimali ezibolekiswayo ezinjalo ziyokhokhwa yibandla noma amabandla asebenzisa leloHholo loMbuso. Amabandla asazoqhubeka ekhokha inzalo yemali ebolekisiwe ukuze sikwazi ukuhlangabezana nezindleko ezihilelekile ekusingatheni lezindaba nokuba kukhuliswe lesikhwama.
AMABANDLA ANAMAHHOLO OMBUSO ANGASAKWELETI
Amanye amabandla asenawo kakade amaHholo awo oMbuso, futhi awasakweleti. Kulelilungiselelo elisha, amabandla anjalo angase afise ukunikela esikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso ukuze asize amanye amabandla ukuba athole amahholo afanelekayo. Angase anqume ukubeka eceleni imali elingana naleyo ayeyikhokha ngenkathi ekhokha imali yawo ebolekiswayo kanjalo akwazi ukunikela inyanga ngayinye esikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso. Uma ilungiselelo elinjalo libonakala liwukuhlakanipha, abadala bangethula loludaba ebandleni njengezwi lesinqumo bese bevumela ibandla lisho ukuthi linaso yini isifiso sokusiza ngalendlela.
IFOMU LOKUTHUMELA IMALI ELIZOSETSHENZISWA
Lapho kuthunyelwa imali yanyanga zonke eNhlanganweni ukuze ifakwe esikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso, onobhala kufanele basebenzise ifomu elithuthukisiwe leMali Ethunyelwayo Nesicelo Sesaphulelo (S-AB-20). Ngokushesha lamafomu azothunyelwa ebandleni ngalinye. Ngemva kwalokho wonke amafomu amadala ama-S-20 kufanele alahlwe, ukuze kugwenywe ukudideka. Sizani niqikelele ukuthi umnikelo wenu oya eSikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso ubhalwa endaweni efanelekile. Yonke iminikelo eya eSikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso kuyokwaziswa ngokukhethekile ukuthi itholakele esitatimendeni sanyanga zonke.
INHLANGANO IZOHLOLA IZIDINGO ZAMABANDLA
Ekuqaleni kulesenezelo siye saqaphelisa ngesidingo esikhona sokusheshisa ukwakhiwa kwamaHholo oMbuso. Sishilo futhi nokuthi kungani kuzodingeka umzamo onobunye emabandleni wonke ukuze kubhekwane nenselele ekhona futhi kuqinisekwe ukuthi ukwanda kwesikhathi esizayo akuvinjelwa ukuntuleka kwezindawo ezanele zokuhlanganyela emabandleni akuyo yonke indawo. Kodwa ngaphambi kokuba ibolekise ngemali evela eSikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso, nalapho isalindele ukuba lesikhwama esikhethekile sikhule, iNhlangano izobe ihlolisisa izidingo ezikhethekile kulo lonke elaseNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane. INhlangano izohlela ukuba kube nabazalwane abafanelekayo abazohola ezifundeni, emadolobheni amakhulu namancane, futhi ngalendlela kuyonqunywa ukuthi yiziphi izidingo eziphuthuma kakhulu kunezinye nokuthi yikuphi lapho usizo lweSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso kufanele luyiswe khona kuqala. Ukuhlola kuzobonisa nokuthi ezindaweni ezihlukahlukene yiluphi usizo olutholakalayo lwezisebenzi ezinekhono, ukuhlela kanye nezinto zokwenza umsebenzi wokwakha noma owokwakha kabusha, njalonjalo. Kanjalo iSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso singasetshenziswa ngokuphumelelayo ukuze kufezwe okuningi okuhle esikhathini esifushane ngangokunokwenzeka. Ngokubambisana ngokugcwele nabadala, ukuhlola kuyoqedwa ngesikhathi esifushane kakhulu.
UKUBONAKALISWA KWAMUVA KWEMIZAMO EBUMBENE
Njengoba kushiwo ekuqaleni, kuye kwaba nentuthuko esheshayo ekwakhiweni kwamaHholo oMbuso eminyakeni emihlanu edlule. Abazalwane ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe ngomusa baye bazenza batholakala ekusizeni kulesimiso, ngezinye izikhathi kuye kwaba ukuzidela kwangempela. Futhi, njengoba umsebenzi wokwakha uqhubeka ngamandla, silindele ukuba kuqedwe futhi kunikezelwe amanye amaHholo oMbuso angu-25 kulonyaka. Kwenye indawo esedolobheni abazalwane baye banciphisa isikhathi sokwakha, kusukela ekuqaleni kuya ekupheleni, saba yizimpela-sonto ezinhlanu. Emaphandleni kuthatha iqembu elifanayo labazalwane izimpela-sonto ezintathu ukwakha ihholo elingahlalisa abantu abangu-200. Yonke indawo abazalwane bakha ngejubane abalibekile, kuye ngemali ekhona nezisebenzi. INhlangano iyajabula kakhulu ngentuthuko eyenziwayo.
YAKHANI NGOKWEZIDINGO
Ezindaweni eziningi lapho izifunda ziye zahlangabezana nobunzima ekutholeni izindawo ezifanelekayo zemihlangano yazo, abazalwane baye bacabangela ukwakha amaHholo oMbuso amakhulu angafeza izinjongo ezimbili. Nokho, baye bathola ukuthi lokho akusebenzi nhlobo. Ihholo lingase likwazi ukuhlalisa abantu abangu-400 kuya ku-500 bese kuthi ngokushesha libe lincane kakhulu ukuba kuqhutshelwe kulo umhlangano wesifunda. Ngesikhathi esifanayo liba likhulu kakhulu ukuba ibandla lihlanganyele kulo futhi kuyabiza ukulakha. Ngenjongo yokuba lisebenziseke, lapho ibandla lifinyelela abamemezeli ababika njalo abangu-140 noma ngaphezulu, kucatshangelwa ukuhlukaniswa phakathi. Ngakho kusobala ukuthi indawo eyengeziwe engadingwa yibandla nencane kakhulu ukuba ingasetshenziselwa umhlangano wesifunda, yakhelwe ize. Ihholo elinjalo lithwesa ibandla umthwalo osindayo engokwezimali futhi aliyifezi injongo elihloselwe yona. Ngakho, asilutusi neze loluhlobo lwehholo. Nakuba ibandla ngalinye liyokwakha ngokwezidingo zalo, asinakukutusa ukwakha ihholo elingahlalisa abantu abangaphezu kwabangu-250. Uma nineKomiti Yokwakha Yezifunda endaweni yakini, singanicebisa ukuba nixoxe nayo ngezidingo zenu. Uma kungenjalo, ningabhalela iNhlangano.
IMIZAMO EBUMBENE KUMELWE IQHUBEKE
AmaKomiti Okwakha Ezifunda aye enza kahle kakhulu ekuholeni ekwakhiweni kwamaHholo oMbuso. Awanikezi amabandla ukuqondiswa okubalulekile kuphela kodwa ahileleka ngokuqondile emisebenzini yokwakha ngokwayo. Labazalwane kanye nabanye baye bazenza batholakala ngaphandle kobugovu futhi banikela ngezinkonzo zabo. Abanye balabazalwane bahamba amabanga amade beya kulezozindawo okwakhiwa kuzo futhi benza kanjalo ngokuvamile ngezindleko zabo siqu. Sifisa ukutusa bonke labazalwane nabo bonke abasizayo esimisweni sokwakha ngenxa yokuzidela kwabo okuhle ukuze kwande ukukhulekela kweqiniso.
Emiphakathini akuyo amaHholo oMbuso awagcwalisanga nje kuphela izidingo zamabandla ngendlela enhle kakhulu kodwa futhi aye aba ubufakazi kulabo abawabonayo bokuthi abantu begama likaJehova bakhuthele kuleyondawo. Ngaphezu kwalokho, ngesikhathi bebhekene nezindleko ezihilelekile ekwakheni nasekulondolozeni zonke lezizakhiwo, abazalwane baye baqhubeka benikela ngesandla esivulekile ukuze kwande umsebenzi woMbuso.
Uma sicabangela intshiseko esamukelwa ngayo isaziso sokuqala esenziwa eMhlanganweni Wesigodi “Wokuzinikela KuNkulunkulu” ngeSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso, siyethemba ukuthi bonke abazalwane bazosabela ngendlela efana neyokuqala lapho bethola lemininingwane eyengeziwe. Njengoba kuhlelwa izici ezengeziwe zalelilungiselelo nangemva kokuba iNhlangano isithole ukwaziswa okuqonde nakakhulu eyokuthola ngokuhlolwa kwezidingo okuzokwenziwa, kusazonikezwa imininingwane eyengeziwe futhi kucaciswe nokunye.
Kodwa ngisho namanje lelilungiselelo leSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso lisinikeza elinye ithuba lokubonisa ngezenzo ukuthi singabantu abazinikele ngempela, abakhulekela uJehova njengenhlangano eyodwa ebunyeni boMbuso. Lapho sicabangela izidingo ezingalé kwezebandla lethu eziphuthumayo, kufanele sicabangele nezidingo zabazalwane bethu abakwezinye izingxenye zezwe abanesidingo esikhethekile sosizo olungokwezimali ekwakheni amaHholo oMbuso. Lokhu kuyofeza injongo enhle eyengeziwe yokusisondeza ndawonye ebunyeni boMbuso njengoba sizibheka ngokoqobo izidingo ‘zabazalwane bethu abasezweni,’ ngokwalokho thina ngabanye nanjengebandla esingakwenza ukuze sigcwalise isidingo esisobala.—1 Pet. 5:9.
ISIPHETHO
Sengathi lonke lelilungiselo kithina ngabanye lingaba yindaba yomthandazo wasikhathi sonke, ophuthumayo nosuka enhliziyweni. Futhi sengathi sonke singafuna izindlela zokwenza ngokuvumelana nemithandazo yethu ukuze lesidingo esikhona manje samaHholo oMbuso engeziwe sigcwaliswe. Njengoba uJehova eqhubeka evula indlela yokuba abengeziwe ‘bezinye izimvu’ balethwe emhlanjini owodwa wabakhulekeli bakhe abanobunye, kwangathi naye angaqikelela ukuba sibe nezindawo ezifanelekayo zokusiza bonke laba abasha ukuba bame baqine eqinisweni futhi bakhulele ekuvuthweni okungokomoya. Sengathi umsindo wokumemeza kwethu ngenjabulo nangobunye ungaqhubeka uzwakala futhi ukhula nsuku zonke kuze kube yilapho ufinyelela iqophelo eliphakeme kakhulu elilindelwe lapho kungeniswa owokugcina ngcí kulabo uJehova ayodlulisela kubo isivikelo sakhe phakathi nosizi olukhulu. Ngempela injabulo yethu iyachichima namanje futhi iyoqhubeka yanda esikhathini esizayo ngesibusiso sikaJehova esicebile ekumkhulekeleni kwethu kokuzinikela njengowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.