Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/89 kk. 1-2
  • Ukubonisa Uthando NgoNkulunkulu Nangomakhelwane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubonisa Uthando NgoNkulunkulu Nangomakhelwane
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INDLELA YOKUBONISA UTHANDO
  • INDLELA YOKUHLANGANYELA NGOFEBRUARY
  • “Kumelwe Uthande Umakhelwane Wakho Njengoba Uzithanda Wena”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Lokho Okushiwo Ukuthanda Umakhelwane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ingabe ‘Uthanda Umakhelwane Wakho Njengoba Uzithanda Wena’?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Wanuleké Kangakanani Othandweni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 2/89 kk. 1-2

Ukubonisa Uthando NgoNkulunkulu Nangomakhelwane

1 Lapho ephendula umuntu owambuza: “Mfundisi, ngumuphi umyalo omkhulu emthethweni na?” uJesu wathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho. Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”—Math. 22:36-39.

2 Uthando lukaJesu olujulile ngoNkulunkulu lwalusobala endleleni ayephila ngayo ukuphila kwakhe. Wathi: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.” (Joh. 4:34) Uthando lwakhe lweqiniso ngomakhelwane lwamshukumisela ukuba ashumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaJehova ngentshiseko. Wenza futhi nemisebenzi yokuphulukisa. Futhi yeka ukubonakaliswa kothando okwedlula konke okwabonakala ekunikeleni ukuphila kwakhe njengesihlengo ngenxa yesintu! Singamlingisa kanjani uJesu ekuboniseni uthando lwethu ngoNkulunkulu nangomakhelwane?

INDLELA YOKUBONISA UTHANDO

3 Ukutshela abanye izindaba ezinhle zoMbuso kuyindlela enkulu ngathi yokwenza lokhu. Abantu badinga ukunikezwa isisekelo sethemba nokwaziswa okuyobasiza ukuba babhekane nalezikhathi ezinzima. (2 Thim. 3:1) Ukholo lwethu eMbusweni kaNkulunkulu kufanele lusishukumisele ukuba sikhulume ngawo sinesifiso esiqotho sokunikeza bonke ithuba lokuzwa iqiniso. Ukukhuluma iqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu nangenjongo yakhe ngomhlaba kuletha udumo kuye. Ingabe sinothando olunjalo ngoNkulunkulu nangomakhelwane? Ingabe sihlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela ngoMbuso? Ingabe siwasebenzisa ngokunenzuzo amathuba okufakaza ngokwethukela ezihlotsheni, komakhelwane, nakwabanye? Sonke kumelwe sinikeze ubufakazi obunjalo beqiniso ngothando lwethu ngoNkulunkulu nangomakhelwane.

4 Abanye kungenzeka babenomuzwa wokuthi yilabo kuphela abanekhono nabafunde kahle abakufanelekela ngempela ukuthwala isigijimi esinjalo esibalulekile. Kunalokho, kuwukwethembela kwethu kuJehova okubalulekile. (Luka 11:13; 1 Kor. 1:26, 29, 31) Uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane luyosenza sikwazi ukunqoba imizwa engaqondile futhi sithole injabulo yangempela enkonzweni. Lapho siqaphela ukuthi sisiza abantu abachazwe ‘njengezimvu ezikhathazekile nezihlakazekile ezingenamalusi,’ asisakhathazeki kakhulu ngathi ngokwethu.—Math. 9:35, 36.

INDLELA YOKUHLANGANYELA NGOFEBRUARY

5 Phakathi nenyanga kaFebruary, sinethuba elihle lokubonakalisa uthando lwethu ngoNkulunkulu nangomakhelwane ngokuhambisa ezinye zezincwadi zeNhlangano ezindala ngomnikelo ka-Rl,00 iyinye. Lezincwadi ezindala zinezihloko ezihlukahlukene, ezinye zazo ngokungangabazeki ziyokhanga kubantu abahlukahlukene ensimini yethu. Lezincwadi kakade seziye zazibonakalisa zikufanelekele ukusiza abantu abaningi ukuba basabele ezindabeni ezinhle. Ngakho uma sinezinye zalezincwadi ezisele esitokweni, sikhuthazwa ukuba senze umzamo obumbene wokuba sizishiye ezandleni zabantu abathakazelayo abangasizwa ukuba bangene endleleni yokuphila.

6 Amabandla angenazo izincwadi ezindala esitokweni ayohambisa noma iyiphi enye incwadi enamakhasi ayi-192. Kufanele kwenziwe umzamo okhethekile ukuze kusetshenziswe zonke izincwadi ezindala ezikhona ebandleni.

7 Qinisekani ukuba nigcine imibiko emihle yendlu ngendlu. Njengoba sihlanganisa insimu yethu ngokuphindaphindiwe, lokhu kuba okubaluleke kakhulu. Lapho kutholakala isithakazelo, zama ukuthola igama lalowomuntu. Bhala zonke izincwadi ezishiyiwe kuhlanganise nesithakazelo esibonisiwe lapho isipho sencwadi singemukelwanga khona. Phawula lokho enikhulume ngakho, lokho okubonakale sengathi kuyamthakazelisa lomuntu, nesikhathi cishe ayoba ngaso ekhaya. Futhi, gcina umbiko obhalwe ngokucophelela wamakheli lapho bekungekho-muntu khona ekhaya. Ukuhlela okuhle kulendaba kuyonezela ekubeni ngabakhiqiza kakhulu enkonzweni.

8 Ukuqaphela lemiyalo emibili emikhulu kunayo yonke kungokubaluleke kakhulu ngamaKristu namuhla kunokuba kwakunjalo ekhulwini lokuqala leminyaka. Sengathi singalwela ukubonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu nangomakhelwane ngokumemezela uMbuso kaJehova ngawo wonke amathuba phakathi nenyanga kaFebruary!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela