Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/89 kk. 1-2
  • Yenza Inkonzo Yesikhathi Esigcwele ibe Umsebenzi Wakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yenza Inkonzo Yesikhathi Esigcwele ibe Umsebenzi Wakho
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INDLELA YOKUPHILA ENOMVUZO
  • YIBA NGOTHUTHUKAYO ENKONZWENI YAKHO
  • Izibusiso Zenkonzo Yobuphayona
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Inkonzo Yamaphayona—Ingabe Ingakulungela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Ukuphayona Kuqinisa Ubuhlobo Bethu NoNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • “Ungaba Iphayona Elihle!”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 10/89 kk. 1-2

Yenza Inkonzo Yesikhathi Esigcwele ibe Umsebenzi Wakho

1 Umsebenzi ohlobene ngokuqondile nokugcwalisa ukuzinikela kwethu nokuzuza ukuphila okuphakade yinkonzo yobuKristu. (Roma 10:10; 1 Thim. 4:16) Lapho uJesu emema abanye ukuba babe abalandeli bakhe, wakwenza kwacaca ukuthi lokhu kuhlanganisa ukuwumemezela kuwo wonke umhlaba uMbuso kaNkulunkulu. (Luka 9:57-62, NW) Nakuba ukusabela kwethu kulesimemo kungase kungadingi ukuba sishintshe umsebenzi, ngokuqinisekile kuhilela ushintsho ezintweni eziza kuqala. Umsebenzi obaluleke kakhulu ‘ukumemezela emhlabeni wonke ubuhle’ bukaJehova, okuhlanganisa nokwenza abafundi. (1 Pet. 2:9, NW; Math. 24:14; 28: 19, 20) Ngakho-ke, bonke abazinikezele ngokuphelele kuJehova bagxilisa ukuphila kwabo enkonzweni. Abaningi abazimo zabo zomuntu siqu zivumayo bayakwazi ukwenza inkonzo yesikhathi esigcwele ibe umsebenzi wabo.​—2 Kor. 4: 1, 7.

INDLELA YOKUPHILA ENOMVUZO

2 Lapho libheka emuva eminyakeni engama-54 yenkonzo yesikhathi esigcwele, elinye iphayona lashukunyiselwa ukuba libhale lokhu: “Izinjabulo uJehova aye wazinikeza zizidlula kude le izinsizi. Uma nginganikwa ithuba lokuba ngiphile ukuphila kwami futhi, ngokuzithandela ngingachitha sonke isikhathi sami ngidumisa uNkulunkulu omkhulu, uJehova.” Awukho umsebenzi wezwe ongaletha uhlobo lokwaneliseka okujulile kwangaphakathi nenjabulo okuwumphumela wenkambo enjalo. Ukuphishekela ukuphila kwenkonzo yesikhathi esigcwele kuwukubonakaliswa kokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okunemivuzo engenakulinganiswa manje kanye nezibusiso eziqinisekile eziyojatshulelwa esikhathini esizayo.​—1 Thim. 4:8.

3 Umsebenzi enkonzweni yesikhathi esigcwele ungaletha injabulo enkulu ngoba uhilela ukupha okukhulu. (IzE. 20:35) Ubungane obunenzuzo kakhulu, noJehova neNdodana yakhe uJesu Kristu, buhlakulelwa futhi buqiniswe ngokuhileleka ngokugcwele ezithakazelweni zoMbuso. (Luka 16:9; 1 Kor. 15:58) Uba nokwaneliseka nonembeza omsulwa ngoba wenza ngendlela evumelana nezimo zakho ngomphefumulo wonke. Indlela yakho yokuphila eqeqeshwe ngokwengeziwe ikwenza ukwazi ukufeza okwengeziwe ekulaleleni umyalo kaKristu ‘wokufuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe.’​—Math. 6:33.

YIBA NGOTHUTHUKAYO ENKONZWENI YAKHO

4 Umsebenzi uhilela ukuphishekela impumelelo ethuthukayo emkhakheni othile noma emzamweni. Impumelelo ethuthukayo ibalulekile ekubekezeleni nasekulondolozeni injabulo nentshiseko njengephayona. Ngenhlangano yakhe, uJehova ulungiselela imfundo engokomoya emihlanganweni yebandla nasemihlanganweni emikhulu. Ngaphezu kwalokhu kuba nemihlangano ebanjwa nabadala ngoDecember nombonisi wesifunda lapho ehambele. Phakathi nesonto lomhlangano wesifunda, kuhlelwa isimiso esikhethekile samaphayona. Ingabe uyawathatha amaphuzu bese ukusebenzisa ngobuqotho ukusikisela okuhle okunikezwa emihlanganweni enjalo?

5 Uma uqhuba isifundo seBhayibheli esingathuthuki, ingabe lokho kuwumgomo wakho? Ingabe ungazithuthukisa izingeniso zakho ezindlini noma indlela osingatha ngayo ukuphikiswa okuvamile ensimini yakini? Ingabe uke walicabangela ilungelo lokusebenza ensimini engabelwe noma ushintshe ngisho nokushintsha okwesikhashana noma isikhathi sonke ukuze usize ibandla elidinga usizo? Ngalezindlela nangezinye, ungase ukwazi ukuthuthuka emsebenzini wakho futhi uthuthukise amakhono akho ekufezeni umsebenzi kaNkulunkulu.

6 Uma ukucabangela ngokungathi sina ukuhlanganyela nabaningi abathatha umsebenzi wobuphayona kulonyaka, phikelela uthandaze kuJehova ngalendaba. (Math. 7:7, 8, NW) Abaningi baye bakhulisa ukuthembela kwabo kuJehova ngokuqale bakhonze njemaphayona asizayo.

7 Akulona ikhono elingavamile noma isiphiwo okwenza umuntu ukuba aphayone. Uthando loqobo ngoNkulunkulu nangabantu, kanye nokuzimisela ukwenza ukuzidela komuntu siqu, kuyadingeka. (Math. 22:37-39; Fil. 4:13) Inkonzo yobuKristu ingakusiza ukuba uhlakulele lezimfanelo okumelwe zibe sobala kulabo abayosinda eArmagedoni. Ukuyiphishekela isikhathi esigcwele kungandisa uthando lwakho, ukholo, injabulo, nokuthula. (Gal. 5:22, 23) Ngakho lwela ukufinyelela inkonzo yamaphayona futhi ubambelele kuyo njengomsebenzi wakho oyigugu!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela