IZindaba Ezingokwasezulwini
◆ Phakathi noApril iCanada idlule inani elingu-100 000 lengqikithi yabamemezeli, yaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-100 368.
◆ NgoApril iziQhingi zaseCape Verde zaba nenani eliphakeme labamemezeli abangu-410 okungukwanda ngamaphesenti angu-19 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule. Abamemezeli bebandla baba nesilinganiso samahora angu-14,5, futhi kwabikwa inani eliphakeme lezifundo zeBhayibheli ezingu-856.
◆ Phakathi nenyanga kaJune noJuly kwanikezelwa amaHholo OMbuso ayisishiyagalolunye. Amabandla ayethintekile kwakuyiUitenhage North, iSouth End (ePort Elizabeth), iMaboloka neLethlabile (endaweni yaseBrits), iPimville East (eSoweto), iDuduza (eNigel), eJouberton (eKlerksdorp), kanye neBloemhof. IHholo LoMbuso laseBlairgowrie (eGoli) lavuselelwa. AmaKomiti Ezokwakha Esifunda angu-20 enza umsebenzi omuhle kakhulu ekusizeni amabandla. Kwezinye izimo labazalwane banomsebenzi ongaphezu kwalowo abangakwazi ukuwenza. Ngokwesibonelo, endaweni yaseNelspruit kuphela kumelwe kwakhiwe okungenani amaHholo OMbuso angu-20. Isimo singesifanayo nakwezinye izindawo. Siyaphinda sinxusa labo abakwaziyo ukusiza ukuba basize bathintane neNhlangano noma iKomiti Lezokwakha labo. AmaHholo OMbuso kudingeka aqedwe ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze kugcwaliswe isidingo esiphuthuma kakhulu.