Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/91 k. 7
  • Ivideo Entsha! Indlela Yokuyisebenzisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ivideo Entsha! Indlela Yokuyisebenzisa
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OFakazi BakaJehova—INhlangano Efeza Okushiwo Yigama Layo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Jehovah’s Witnesses—Organized to Share the Good News
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • I-video Entsha Yokuqala Izifundo ZeBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Umphumela Wama-video Anikeza Ubufakazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 11/91 k. 7

Ivideo Entsha! Indlela Yokuyisebenzisa

1 NgoMsombuluko kusihlwa, ngo-October 8, 1990, imikhaya yaseBethel eUnited States naseCanada yayibona, futhi yayijatshuliswe amathemba okusetshenziswa kwayo. Umbhangqwana othile oseBethel wayibiza ngokuthi “ingenye yezinto ezikhuthaza nezijabulisa kakhulu kwesike sazibona.” Ngemva kokubuka levideo edlala imizuzu engu-55 enesihloko esithi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name, siba nomuzwa wokuthi nawe uzojatshuliswa yilokho okuvezwayo okugcwele ukwaziswa nokuhle.

2 Levideo ibonisa inhlangano yabantu bakaJehova abazinikezele belalela umyalo kaJesu wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuwo wonke umhlaba. (Math. 24:14) Nakuba kuqokonyiswa imisebenzi eyenziwa eBethel yaseBrooklyn naseWatchtower Farms, kunikezwa umbono omuhle womsebenzi woFakazi BakaJehova owenziwa emhlabeni wonke. Uzophawula ukuthi amalungelo okuqoshwa kwayo agodliwe futhi akumelwe iqoshwe kabusha.

3 Nizokujabulela ukwazi ukuthi lapha eNingizimu Afrika levideo manje isiyatholakala ngesiNgisi kuphela. Ngakho-ke, ningaqala ukuthumela amaoda enu ngebandla lenu. Kubamemezeli ingu-R45 bese kuthi kumaphayona ibe ngu-R40. Amaphayona ngeke ayithole ikhophi yesihle.

4 Ngemva kokubuka loluhlelo, ngokungangabazeki uzoqala ukucabanga ngabanye ongathanda ukuyibuka nabo. Kodwa obani ngokukhethekile? Iklanyelwe ikakhulukazi ukuba iboniswe emakhaya ezifundo zethu zeBhayibheli lapho okwenziwa khona intuthuko enhle. Situsa ukuba uyibuke nomfundi, ngoba iyonikeza isisekelo sezingxoxo zesikhathi esizayo naye. Uma uthanda, levideo ungayiboleka umfundi ukuze ayibonise abanye, noma angase azitholele ikhophi yakhe.

5 Ingabe unazo izihlobo ezingakholwa? Kungani ungahleli ukuba ziyibone? Lokhu kungase kube yilokho kanye okudingekayo ukuze kubangele ingxoxo ephathelene nenhlangano yethu nezinkolelo. Loluhlelo kufanele ngokukhethekile luzuzise abasebasha. Ngenxa yokubona abanye abasha abaningi kangaka bezinikela ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso, nabo bangase bakhuthazeke ukuba baphishekele inkonzo yesikhathi esigcwele.

6 Siyethemba ukuthi levideo entsha iyokhulisa ukwazisa kwabantu abaningi ngokwengeziwe ngenhlangano kaJehova kanye nangalokho ekufezayo emhlabeni wonke.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela