Hambisa Izincwajana Ezingangomagazini Ukuze Uhlanganyele Ithemba Lakho LoMbuso
1 Njengoba sibona ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli, siyathokoza ethembeni lethu loMbuso, futhi sishukunyiselwa ukuba sikhulume ngalo kunoma ubani oyolalela. (Luka 6:45; Roma 12:12) Ukuhambisa kwethu izincwajana ezingangomagazini enkonzweni yasensimini kungenye indlela esingahlanganyela ngayo nabanye ithemba lethu loMbuso njengoba uJesu ayala.—Math. 24:14.
2 Njengoba sinezincwajana ezingangomagazini eziningi ezinombala omuhle nezifundisayo esingakhetha kuzo, yiziphi kuzo ezingahlangabezana kangcono nezidingo zalabo abasensimini yethu futhi zivuse isithakazelo sabo? Ukuze sizisebenzise kangcono ngangokunokwenzeka lezincwajana, kumelwe sikwazi ezikuqukethe. Ukubukeza okufushane okulandelayo kuyosisiza kulokhu.
3 UHulumeni Oyoletha IPharadesi: Lapho uJesu esemhlabeni, uMbuso kaNkulunkulu wawuyisihloko sokushumayela kwakhe. Lencwajana ibonisa ukuthi uMbuso uwuhulumeni wangempela nendlela oyoxazulula ngayo izinkinga ezenza ukuphila kube nzima kangaka namuhla.
4 Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!: Ichaza isizathu sokuba uNkulunkulu enze umuntu nendlela esingajabulela ngayo ukuphila emhlabeni phakade. Imifanekiso echazayo nemibhalo emifushane kulencwajana kukhanga abancane nalabo abangenalo kangako ikhono lokufunda. Ingasetshenziswa futhi ekudluliseleni izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo kulabo abangezwa kahle.
5 IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade: Lencwajana engangomagazini ikhuluma ngegama likaNkulunkulu ngokomBhalo nangokomlando, ibonise ukuthi kungani kubalulekile ukuba amaKristu alazi lelogama futhi alisebenzise ekukhulekeleni kwawo.
6 “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha”: Lencwajana engangomagazini ichaza ipharadesi futhi yakhe ukwazisa ngeBhayibheli nangoMdali wethu. Ngemva kokuchaza isizathu sokuba uNkulunkulu avumele ububi, igxila ezimfundisweni ezintathu zeBhayibheli eziyisisekelo: isihlengo, uvuko, noMbuso. Lencwajana engangomagazini inemibuzo futhi ngezansi kwekhasi ngalinye, ekwenza kube lula ngathi ukuqhuba ngayo isifundo seBhayibheli.
7 Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?: Abantu bangase bathi bakholelwa kuZiqu-zintathu, kodwa bayahluka endleleni abamqonda ngayo. Lencwajana iphendula imibuzo enjengokuthi: Uyini uZiqu-zintathu? Ingabe iBhayibheli liyafundisa ngaye? Ingabe uJesu Kristu unguNkulunkulu umninimandla onke nengxenye kaZiqu-zintathu? Uyini umoya ongcwele, futhi usebenza kanjani?
8 Lapho sesizikhethile izincwajana ezingangomagazini esingathanda ukuzisebenzisa enkonzweni yendlu ngendlu noma lapho sifakaza ngokwethukela, kufanele sibukeze izihloko ezisekhasini elingemuva laleNkonzo Yethu YoMbuso. Lapho siyothola ukusikisela kokuhambisa izincwadi zethu nokwenza izimpindelo sinombono wokuhlakulela isithakazelo nokuqalisa isifundo seBhayibheli.
9 Ezimweni eziningi, kungakhathaliseki ukuthi wenza ukufakaza okuhleliwe noma kokwethukela, incwajana ethile engangomagazini iyikho kanye okudingekayo ukuze unikeze ubufakazi obuhle. Nokho, kumelwe silungiselele, sibe nezincwajana ezingangomagazini ezanele, sikwazi okuphakathi kwazo, futhi sibe nobuhlakani. Sengathi isibusiso sikaJehova enkonzweni yethu yentshiseko singaphumela ekutheni abaningi ngokwengeziwe bathokoze kanye nathi ethembeni loMbuso!—IzE. 13:47, 48.