IBhokisi Lemibuzo
◼ Ingabe kufanele sishayele iNhlangano ucingo ukuze sithole izimpendulo emibuzweni yeBhayibheli noma isiqondiso somuntu siqu?
Abantu abaningi basebenzisa ucingo ukuze benze izinto ngokushesha, kodwa ngokuvamile kuhileleke okungaphezu kwalokho. Ezweni kungokuvamile ukwenza ukuzuza komuntu siqu kuze kuqala; abantu bayakugwema ukuzikhandla.
Yeka umehluko esiwuthola ngeseluleko sikaNkulunkulu! Usinxusa ukuba sifune ulwazi njengamagugu afihliweyo, okusho ukuba ngabazimisele ukuzikhandla. Okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi ukwenza kwethu kanjalo kuphumela ekwanelisekeni okwengeziwe okuhlala njalo.—IzAga 2:1-4.
Umzamo onjalo uyafaneleka uma kuphakama umbuzo lapho silungiselela ukuhlanganyela imihlangano noma sibhekana nenkinga yomuntu siqu. Esikhundleni sokumane sishayele iNhlangano ucingo, siyozuza uma sizenzela thina ukucwaninga eBhayibhelini nasezincwadini zethu, ngokukhethekile kuyiWatch Tower Publications Index, kanye namaindex ayo emiBhalo nezihloko ayigugu.
Ngemva kokuba ‘sikuphenye njengamagugu afihliweyo,’ singaya komunye wabadala bebandla uma sisadinga usizo. Abadala banolwazi oluphawulekayo lweBhayibheli nokuhlangenwe nakho ekucwaningeni ukwaziswa. Usizo lwabo olulinganiselayo lungaba olufaneleka ngokukhethekile uma sidinga iseluleko enkingeni yomuntu siqu noma isinqumo, ngoba baseduze nathi nesimo sethu.—Qhathanisa nezEnzo 8:30, 31.
Uma kubonakala kusadingeka ukwaziswa okwengeziwe okuvela eNhlanganweni ngokuqondile, ngokuvamile kungcono kakhulu ukuthumela incwadi. Abadala bangaba usizo futhi ekulungiseleleni lokhu. Incwadi enjalo iyovumela isikhathi sokuba impendulo isekelwe ekucwaningeni noma olwazini olwanele, ngokuvamile okungenakwenzeka ocingweni.