“Masiye Endlini KaJehova”
1 UDavide wasabela ngentshiseko esimemweni esithi: “Masiye endlini kaJehova.” (IHu. 122:1) ‘Indlu’ kaJehova, eyayimelelwe ithempeli, yayiyindawo yokuhlangana yalabo ababenesifiso sokukhulekela uNkulunkulu weqiniso. Yayiyindawo engcwele yokulondeka nokuthula. Namuhla, ibandla lobuKristu lomhlaba wonke ‘liyindlu’ kaNkulunkulu, “insika nesisekelo seqiniso.” (1 Thim. 3:15) Wonke amalungiselelo ensindiso enziwa atholakale ngalomzila. Ngenxa yalesosizathu, ‘izizwe zonke kumelwe zigobhozele khona’ uma zifisa ukujabulela izibusiso ezithenjiswe ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu.—Isaya 2:2.
2 ‘Lendlu’ yakhiwa amabandla angaphezu kuka-69 000 emazweni angu-229. Iminyango yamaHholo OMbuso emhlabeni wonke ivulekile, njengoba izisebenzi ezishisekayo ezingaphezu kwezigidi ezine zidlulisela lesimemo: “Woza . . . Othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.” (IsAm. 22:17) Abaningi baye basizwa lesigijimi futhi basabela ngokwazisa. Abanye kuye kwakhulunywa nabo kodwa abakezi endlini kaJehova ngokuhlanganyela nebandla lobuKristu. Abanjalo ‘banesidingo esingokomoya’ esingase saneliswe amalungiselelo atholakala ebandleni kuphela. (Math. 5:3, NW) Siphila ezikhathini ezinzima, njengoba nokuphela kwalesimiso kusondela ngokushesha. Isimo sengqondo sokunganaki noma sokudebesela singaholela ekwephuzeni okuyingozi. Kuyaphuthuma ukuba abantu balwele ‘ukusondela kuNkulunkulu’ ngokusondela eduze nenhlangano yakhe. (Jak. 4:8) Singabasiza kanjani?
3 Qondisa Isithakazelo Enhlanganweni: Kusukela lapho siqala ukuthintana nabantu abathakazelayo, kufanele siqondise ukunakekela kwabo enhlanganweni. Nakuba thina ngokwethu singase sikwazi ukuthola imibhalo nokuchaza izimfundiso eziyisisekelo, asiwona umthombo walololwazi. Konke esiye sakufunda kuvelé enhlanganweni, kuza ngomzila wesigaba senceku esaba “ukudla ngesikhathi sakho.” (Math. 24:45-47) Kusukela ekuqaleni, abasanda kuthakazela kudingeka baqaphele ukuthi ukukhulekela okuhlanzekile kuhilela okungaphezu nje kwethu ngisho nebandla lendawo; kunenhlangano yomhlaba wonke ehlelekile, engokwasezulwini, esebenza ngaphansi kwesiqondiso sikaJehova.
4 Isiqondiso esisitholayo sivela kuJehova, othembisé ukusihola nokusifundisa. (IHu. 32:8; Isaya 54:13) Lemfundo ngokuyinhloko isakazwa ngezincwadi zethu. Uma singasiza abantu abathakazelayo ukuba bahlakulele ukwazisa okujulile ngalezincwadi, bazibheke njengomthombo wemfundo esindisa ukuphila, cishe bayothambekela ekuzifundeni nasekusebenziseni isigijimi sazo kunokuba bazilahle ngokushesha. Ngaso sonke isikhathi kufanele sethule futhi sisebenzise lezincwadi ngendlela ekhuthaza ukuba nenhlonipho ngazo. Lokhu kufundisa abasanda kuthakazela ukuba bazise inhlangano futhi bathembele emalungiselelweni ayo.
5 Yazisa abantu abathakazelayo ukuthi kukhona indawo yokuhlangana eyinhloko emphakathini lapho kunikezwa khona imfundo njalo. Banike ikheli leHholo LoMbuso nezikhathi zemihlangano. Chaza umehluko phakathi kwemihlangano yethu nemibuthano yenkolo okungenzeka babeya kuyo ngaphambili. Bonke abantu bayamukelwa; azikho izinkongozelo noma ukuzicelela izimali komuntu siqu. Nakuba izikhonzi ezimisiwe ziqhuba izimiso, bonke abantu bathola ithuba lokuhlanganyela ngokunikeza izimpendulo nangokuhlanganyela ezingxenyeni ezithile zesimiso. Imikhaya iyamukelwa; abantwana bayahlanganiswa ezingxoxweni zethu zeBhayibheli. Izikhonzi zethu azigqoki izingubo noma izembatho ezikhethekile. IHholo LoMbuso lihlotshiswe kahle futhi alinawo amakhandlela, izithombe zetshe, noma imifanekiso. Labo ababa khona ngokuyinhloko bayizakhamuzi zasendaweni.
6 Khulisa Isithakazelo Ezifundweni ZeBhayibheli: Injongo eyinhloko yesifundo seBhayibheli iwukufundisa iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Futhi kufanele sakhe ukwazisa ngenhlangano kaJehova kumfundi futhi simenze aqaphele isidingo esibalulekile sokuba abe yingxenye yayo. Umsebenzi omkhulu owenziwa uJesu nabafundi bakhe ekhulwini lokuqala wakhanga abantu abaqotho futhi wabahlanganisela ukusebenza ngaphansi kokuqondisa kwendikimba ebusayo eyinhloko. Emiphakathini lapho kwakunokusabela okuhle, kwamiswa amabandla ukuze kunikezwe ukuqeqeshwa nemfundo yasikhathi sonke. Labo ababehlangana babeqiniswa ngokomoya, kubasiza ukuba bakhuthazelele izikhathi zosizi. (Heb. 10:24, 25; 1 Pet. 5:8-10) Osukwini lwethu kuyinjongo kaJehova ‘ukuhlanganisela ndawonye konke kuKristu.’ (Efe. 1:9, 10) Ngenxa yalokho, ‘sinenhlangano yabazalwane’ yomhlaba wonke.—1 Pet. 2:17, NW.
7 Isifundo seBhayibheli samasonto onke kufanele sihlanganise nemfundo ezosiza abafundi ukuba bazise inhlangano futhi basebenzise amalungiselelo alungiselelwe ukusindiswa kwabo. Isonto ngalinye sebenzisa imizuzu embalwa ulandisa noma uchaza okuthile ngenhlangano nangendlela esebenza ngayo. Ungathola amaphuzu awusizo ongawakhulumela ku-Nqabayokulinda ka-November 1, 1984. Izincwajana ezingangomagazini ezithi OFakazi BakaJehova Ekhulwini Lamashumi Amabili nethi OFakazi BakaJehova—Ngobunye Benza Intando KaNkulunkulu Emhlabeni Wonke zixoxa ngezici eziyinhloko zenhlangano nezindlela ezingasizuzisa ngazo. Ukuhlelela ukuba izifundo zeBhayibheli zibone i-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name kuyokwenza ukuba zizibonele ngokwazo lokho inhlangano ekufezayo. Imibiko nokuhlangenwe nakho okukhethiwe okuvela ku-Yearbook kungabonisa impumelelo yalomsebenzi emazweni nasemasikweni akwezinye izindawo. Ezinye izincwadi nazo zingasetshenziswa. Ngokuhamba kwesikhathi, chaza ngokuthuthukayo izinto ezinjengokuthi kungani siya endlini ngendlu, injongo yemihlangano yethu, indlela esisekela ngayo umsebenzi wethu ngokwezimali, kanye nombono womhlaba wonke ngomsebenzi wethu.
8 Ukujwayelana nabanye oFakazi kungaba nomphumela oshukumisayo kwabasanda kuthakazela, kwenze umbono wabo ube banzi ngebandla. Ukuze ufeze lokho, mema abanye abamemezeli ukuba babe khona esifundweni sakho ngezikhathi ezithile. Othile ebandleni onesizinda noma izithakazelo ezifanayo angase anezele isici esisha embonweni wesifundo sakho. Mhlawumbe umdala angahamba nawe ukuze nje asijwayele. Ukuhlelela ukuba umbonisi wesifunda noma umkakhe avakashele isifundo sakho kungaba isibusiso sangempela. Uma kukhona oFakazi abahlala eduze naso, ukubenza bajwayelane nesifundo seBhayibheli kunganikeza umfundi isikhuthazo esengeziwe ukuba aye emihlanganweni yebandla.
9 Khuthaza Abasanda Kuthakazela Ukuba Beze Emihlanganweni: Abasanda kuthakazela kudingeka baqonde indlela okubaluleke ngayo ukuba khona emihlanganweni. Zama ukushukumisa isithakazelo sabo. Veza izihloko ezizohlanganiswa eSifundweni Se-Nqabayokulinda. Yisho izihloko zezinkulumo zeningi ezizayo. Xoxa ngamaphuzu avelele okwaziswa azohlanganiswa eSikoleni SeNkonzo Esingokwasezulwini naseSifundweni Sencwadi Sebandla. Yisho indlela ozizwa ngayo wena siqu ngalokho okufunda kulemihlangano nokuthi kungani uzwa kunesidingo sokuba ube khona. Uma ukwazi, sikisela nokumthatha ngento yokuhamba. Ukushaya ucingo ngaphambi komhlangano kunganikeza isisusa esengeziwe sokuba khona.
10 Lapho isifundo seBhayibheli siza emhlanganweni, senze sizizwe samukelekile. Sethule kwabanye, kuhlanganise nabadala. Uma sizé enkulumweni yeningi, sethule esikhulumini. Sibonise yonke indawo eHholo LoMbuso. Chaza injongo yamakhabethe ezincwadi nomagazini, amabhokisi eminikelo, umtapo wezincwadi, nesihloko sonyaka. Sazise ukuthi lelihholo aliyona nje indlu yokukhulekela kuphela kodwa futhi liyisikhungo lapho kuhlelwa khona umsebenzi wokushumayela endaweni.
11 Chaza indlela imihlangano yethu eqhutshwa ngayo. Bonisa umfundi izincwadi esizisebenzisayo. Kuveze ukuthi iBhayibheli liyincwadi yethu eyinhloko esiyifundayo. Bonke bangahlanganyela, kuhlanganise nabantwana abancane. Chaza ukuthi wonke umculo nezosha okusemaculweni ethu kwenziwe oFakazi BakaJehova ukuze kusetshenziswe ekukhulekeleni kwethu. Donsela ukunakekela ezinhlotsheni ezihlukahlukene zezizinda zalabo ababa khona. Yenza ukukhulumela okuhle ngomoya wobungane nowokungenisa izihambi. Lesithakazelo esiqotho, somusa singaba esinye sezici ezinamandla kakhulu ekushukumiseleni umfundi ukuba aphinde eze.
12 Isizathu Sokuba Abanye Bazigodle: Ngokuvamile, naphezu kwakho konke okwenzayo, abanye bamadolonzima ukusondela enhlanganweni. Ungasheshi uphele amandla. Zama ukuzibeka esimweni sabo. Kuze kube manje, cishe abakasizwa ngempela isidingo sokuba babe khona ezinkonzweni ezingokwenkolo ngaphandle kwalapho kunezenzakalo ezikhethekile. Amalungu omkhaya noma abangane abaseduze kungenzeka bayabacindezela. Bangase bazizwe besaba ngenxa yomakhelwane abakhuluma amazwi ajivazayo. Futhi yiqiniso, bangase baphazanyiswe izinto eziningi ezihlukahlukene ezihlangene neminako engokwenhlalo neyokuzilibazisa. Lezizinto bangase bazibheke njengezithiyo ezingenakunqotshwa; kudingeka ubasize ukuba babone izinto ngomqondo ofanele futhi ‘baqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.’—Fil. 1:10, NW.
13 Nikeza izizathu ezingokomBhalo zokuphikelela. Gcizelela ukuthi sonke sisidinga ngokuphuthumayo isikhuthazo nokwakhiwa okungokomoya esikuthola ngokuhlangana kwethu ndawonye. (Roma 1:11, 12) UJesu wakwenza kwacaca ukuthi ukuphikisa komkhaya akusona isizathu esinamandla sokuzigodla. (Math. 10:34-39) UPawulu wasinxusa ukuba singabi namahloni ukuzibonakalisa obala njengabafundi bakaJesu. (2 Thim. 1:8, 12-14) Iminako yomuntu siqu neziphazamiso kumelwe kulawulwe; ngaphandle kwalokho, kuba ugibe. (Luka 21:34-36) Labo abafanelwe yisibusiso sikaJehova kumelwe bazinikele ngomphefumulo wonke, kungabi ngenhliziyo engaphelele. (Kol. 3:23, 24) Ukugxilisa ukwazisa ngezimiso zeBhayibheli ezinjalo kungabavulela indlela yokuba bathuthuke ngokomoya.
14 Iminyango Ivuliwe: Indlu kaJehova yokukhulekela kweqiniso iphakanyiswe ngaphezu kwazo zonke ezinye. Lesimemezelo siyamenyezelwa emazweni angu-229 emhlabeni wonke: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova . . . uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.” (Isaya 2:3) Ukusabela okuhle okuboniswa ngabasanda kuthakazela kungasindisa ukuphila kwabo. Ukuqondisa isithakazelo sabo enhlanganweni kaJehova kungenye yezindlela esingabasiza ngazo.