Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/93 k. 1
  • Ukubhekana Nenselele Yenkonzo Yendlu Ngendlu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubhekana Nenselele Yenkonzo Yendlu Ngendlu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusebenza Indlu Ngendlu Ngokungakhathali
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Okuphakathi
    I-Phaphama!—2019
  • Kungani Inkonzo Yendlu Ngendlu Ibalulekile Manje?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ukubhekana Nezingqinamba Zenkonzo Yendlu Ngendlu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 5/93 k. 1

Ukubhekana Nenselele Yenkonzo Yendlu Ngendlu

1 Umqondo wokuhamba indlu ngendlu, sikhuluma nabantu esingabazi, ubabekela inselele ngempela abantu abaningi abamukela ukukhulekela okuhlanzekile. Kodwa uthando oluqotho ngoJehova luyamsiza umuntu ukuba abhekane nalenselele, futhi ngisho nalabo abanamahloni kakhulu ngokwemvelo baye bathuthukela ezingeni lokuba babe abashumayeli bezindaba ezinhle besikhathi esigcwele.

2 Kusobala eBhayibhelini ukuthi amaKristu akuqala ayehlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngokuhamba indlu ngendlu. (IzE. 5:42; 20:20, 21) NjengamaKristu kulelikhulu lama-20, nathi futhi sihlanganyela kulomsebenzi. Uthando lwethu ngoNkulunkulu nangomakhelwane lusishukumisela ukuba senze lomsebenzi ngisho nakuba singase sihlangabezane nokunganaki, ukucasulwa, ukweyiswa, noma ukuphikiswa okuqondile.

3 Lokho Okufezwa Ukubhekana Nalenselele: Isikhathi ngasinye lapho sifika kumuntu, sizama ukutshala izimbewu ezimbalwa zeqiniso, sazi ukuthi ekugcineni umphumela ungase ube ukuthela kwezithelo zoMbuso. (UmSh. 11:6) Izimo zabantu ngabanye ziyashintsha. Kungase kwenzeke okuthile okungenza umninikhaya acabange ngalokho omunye wethu akusho kuye, futhi angase alalele kakhulu ngesikhathi esilandelayo.

4 Inkonzo yethu yendlu ngendlu inikeza labo abathambekele eqinisweni nasekulungeni ithuba lokufunda ngoJehova nezinjongo zakhe, ibafake endleleni eyisa ekuphileni okuphakade. Ngaleyondlela labo abaphishekela izinjabulo zezwe baxwayiswa ngothando ukuthi kudingeka bashintshe ukuze bajabulele ukuvunyelwa uJehova. Lenkonzo futhi yenza igama likaJehova laziwe futhi iyamdumisa, kungakhathaliseki ukuthi abaninikhaya bayalalela noma cha.—Hez. 3:11.

5 Ukusebenza kulenkonzo kusisiza ukuba sithuthukise izithelo zomoya, ezinjengothando olungenabugovu, ukujabula, ukuthula, nokubekezela. (Gal. 5:22) Kusisiza ukuba sibe abathobekile nabanozwela, njengoba ihilela ukwenzela abanye okuhle. Ukuzigcina simatasa emsebenzini kaJehova kuyasivikela kulelizwe.—1 Kor. 15:58.

6 Usizo Lokubhekana Nalenselele: Abasanda kuhlanganyela badinga ukufunda indlela yokuhlanganyela kulomsebenzi ojabulisa kangaka. Ngokuvamile bantula isibindi futhi ngenxa yalokho bangase badikibale lapho nje becabanga ngokuya endlini ngendlu. Singaxoxa nabo ngezinto ezivamile abantu abaphikisa ngazo nangalokho esingase sikusho lapho sibaphendula. Singaprakthiza sisebenzisa okunye kokusikisela okuhle okusencwadini Ukubonisana okuphathelene nezindlela esingasabela ngazo kulabo abavimba ingxoxo. Kungani ungasikiseli ukubasiza balungiselele inkonzo yasensimini? Bangathola usizo olukhulu futhi ngokuba khona njalo emihlanganweni yenkonzo yasensimini futhi kamuva basebenze nabamemezeli abanokuhlangenwe nakho okwengeziwe. Ukusebenza neqembu kungaba okuqinisayo kakhulu.

7 Njengoba sihamba indlu ngendlu, sinelungelo lokumelela uNkulunkulu wethu, uJehova. Iliphi ilungelo umuntu angaba nalo elikhulu kunokuba isisebenzi esikanye noNkulunkulu? (1 Kor. 3:9) Uma sithembela kuye, umoya wakhe uyosisiza sibhekane nenselele yenkonzo yendlu ngendlu.—2 Kor. 3:5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela