Phindela Ukuze Usize Abantu Bazi Indlela Abangaphila Ngayo Phakade
1 Kusukela incwadi ethi Ungaphila Phakade yakhishwa, kuye kwanyatheliswa amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-65 ngezilimi ezingu-115. Abaningi manje abayizinceku zikaJehova bafunda amaqiniso ayisisekelo eBhayibheli ngalelithuluzi elihle. Kulenyanga nangenyanga ezayo, singase sibe nethuba lokuhambisa lensiza-kufundisa yeBhayibheli, noma singase sithole abantu ensimini asebenayo kakade.
2 Ukuphindela Kulabo Asebenayo Lencwadi: Abanye abamemezeli baye bathola imiphumela emihle ngokudonsela ukunakekela ohlwini lwezihloko ezingaphakathi bese bebuza umuntu othakazelayo ukuthi isiphi isihloko asithola sithakazelisa ngokukhethekile. Lapho umninikhaya esesikhethile isihloko, sikisela ukuba asifunde lesisahluko encwadini ngaphambi kokuhambela okulandelayo.
3 Uma kungenzeka, kufanele simise isikhathi esiqondile esizobuya ngaso. Ngaphambi kokuba siphindele kufanele silungiselele ukuxoxa ngezigaba ezimbalwa zesahluko umninikhaya aye wasikhetha. Uma singekho asithanda ngokukhethekile, singaqala ukuxoxa ngesahluko Ngemva kokucabangela izigaba ezimbalwa, kufanele sibuze umbuzo ozophendulwa ezigabeni ezimbalwa ezilandelayo. Lokho kungacaba indlela yokuhambela okulandelayo, lapho singaqhubeka khona sifunda incwadi ethi Ungaphila Phakade.
4 Yiqiniso, uma umninikhaya enemibuzo, kungcono ukucabangela yona kuqala. Cishe imibuzo yakhe iyaphendulwa encwadini. Ngokujwayelana kwethu nalokho okuqukethwe yilencwadi, singase sikwazi ukubhekisela ezigabeni ezifanelekile bese sisebenzisa lokho kwaziswa ukuze siphendule imibuzo ebuziwe.
5 Ukuphindela Kulabo Esibashiyele Amapheshana: Mhlawumbe sishiyele umninikhaya ipheshana elithi Izwe Elisha Elinokuthula. Lapho siphindela, singaxoxa ngezigaba zokuqala zepheshana.
Lapho sifika ekugcineni kwesigaba sokuqala esisekhasini 3, lapho kucashunwe khona iHubo 37:29, singase sithi:
◼ “Lawomazwi abonisa lokho okukhulunywa ngakho kulencwadi, ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Phawula umqondo ovezwe lapha esigabeni 3 sesahluko 1 ngaphansi kwesihlokwana esithi ‘Isizathu Sokuba Sikukholelwe.’” Singabe sesifunda isigaba 3, sibuze umbuzo osencwadini waso lesigaba, bese siqhubeka nezigaba 4 no-5 ngendlela efanayo. Singabe sesithi: “Kungani izimo ziphambene kangaka nezinjongo zikaNkulunkulu manje? Izigaba ezimbalwa ezilandelayo ziyakuchaza lokho, futhi ngingathanda ukubuya ngesonto elizayo ngaso lesikhathi ngizokuphendulela lowombuzo.”
6 Lapho sihambisa incwadi ethi “Ungaphila Phakade,” singase sithi:
◼“Ngiyaqiniseka ukuthi ungakujabulela ukuba nekhophi yakho siqu yalencwadi. Khona-ke uyokwazi ukuyifunda kusengaphambili futhi ngaleyondlela uzuze ngokwengeziwe engxoxweni yethu elandelayo.” Yazisa umninikhaya ukuthi ungakujabulela ukumshiyela lencwadi ngomnikelo ka-R9,00 (encane ngo-R4,50).
7 Ukuphindela ukuze sisize abantu bazi indlela abangaphila ngayo phakade kuwumsebenzi obaluleke kakhulu. UJesu wayaleza abalandeli bakhe ukuba bafundise abanye lokho ababekufundisiwe. Sithandazela ukuba uJehova athumele izisebenzi ezengeziwe. Ngakho-ke, masenze ingxenye yethu ekutholeni abanesithakazelo futhi sibafundise ukuba babe izisebenzi ezikanye nathi ekuvuneni.—Math. 9:37; 28:19, 20.