Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/95 k. 2
  • Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Ukuthwala Umthwalo Wethu Wemfanelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Masihlale Siphapheme Futhi Siqaphe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Bhekisisani Ukuthi Nihamba Kanjani
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 7/95 k. 2

Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda

1 Kusukela ngo-September, isihloko semihlangano yesifunda siyobe sithi “Lalela Futhi Ufunde Ukuze Wenze Ngokuvumelana NeZwi LikaNkulunkulu.” Lesi sihloko, esisekelwe kuDuteronomi 31:12, 13, sinikeza isisekelo esifanele saso sonke isimiso ukuze kuqokonyiswe izifundo okudingeka sizifunde futhi sizisebenzise.

2 Nakuba abantu abaningi namuhla belalela amazwi aphefumulelwe amaningi adukisayo, kunesidingo esikhulu sokuba ngamunye wethu alalele iZwi likaNkulunkulu futhi afunde ukwenza ngokuvumelana nalo. (Luka 11:28; 1 Thim. 4:1) Sinalokhu engqondweni, isimiso somhlangano wesifunda siklanyelwe ukunikeza isikhuthazo nosizo kubamemezeli, emikhayeni, kubadala, nakumaphayona. NgoMgqibelo, kuyoba nochungechunge olunezingxenye ezine ngaphansi kwesihloko esithi “Ukubhekana Nezinkinga Zethu—Ngokulalelisisa IZwi LikaNkulunkulu.” Kanti ngeSonto ekuseni, kuyoba nochungechunge olunesihloko esithi “Indlela ImiBhalo Eyala Ngayo Ekulungeni.” Sonke isimiso siyonikeza isikhuthazo esingokomoya leso wena nomkhaya wakho okungafanele sinilahlekele.

3 Kokubili ngoMgqibelo nangeSonto, kuyonikezwa ukusikisela okusebenzisekayo kwenkonzo yasensimini futhi kwenziwe nemiboniso. Kuyonikezwa okuhlangenwe nakho kanye nezingxoxo ezakhayo nezifundisayo. Kanjalo, ngokuba khona nangokulalela ngenjongo yokukusebenzisa lokho okufundayo, uyoba sesimweni esihle sokwenza ngokuvumelana ngokugcwele nemiyalo yeZwi likaNkulunkulu.

4 Esinye sezici ezivelele zomhlangano wesifunda kuyoba ukubhapathizwa kwabafowethu nodadewethu abasanda kuzinikezela. Ngaphambili kakhulu kwalesi sibonakaliso sasobala sokuzinikezela kwabo, labo abazobhapathizwa kufanele batshele umbonisi owengamele ngesifiso sabo sokubhapathizwa ukuze akwazi ukuhlela ukuba abadala bahlangane nabo.

5 Inkulumo yeningi yololu chungechunge lwemihlangano yesifunda inesihloko esithi “Kungani Kufanele Uqondiswe IBhayibheli?” Mema abantu abathakazelayo ukuba babe khona. Ngokulangazelela isikhuthazo esidingeka kakhulu nosizo wena nomkhaya wakho eniyoluthola, yenzani amalungiselelo aqondile okuba khona kuso sonke isimiso.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela