Ukumemezela Iqiniso Nsuku Zonke Silingisa UJesu
1 UJesu wayenomsebenzi okhethekile okwakufanele awufeze lapho eza emhlabeni. Wawulula kakhulu: ‘Ukufakazela iqiniso.’ (Joh. 18:37) Wamemezela iqiniso eliphathelene nezimfanelo nezinjongo ezinhle zikaYise. Lomsebenzi wawufana nokudla kuye; ukuphila kwakhe konke kwakugxile kuwo. (Joh. 4:34) ULuka wabika ukuthi uJesu waqhubeka ‘efundisa nsuku zonke ethempelini.’ (Luka 19:47) UJesu wasisebenzisa ngokugcwele isikhathi ayenaso. (Joh. 9:4) Ngokushesha ngemva kokufa kwakhe, wakwazi ukusho kuYise ukuthi: “Ngikukhazimulisile emhlabeni, njengoba ngiwuqedile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.”—Joh. 17:4.
2 Uma izinhliziyo zethu zigcwele ukwazisa ngakho konke uJehova asenzele khona, nathi sizizwa siphoqelekile ukuba sikhulume ngaye nsuku zonke. Siba njengabafundi bakaJesu abasho ngesibindi ukuthi: “Asinakuyeka ukukhuluma ngezinto esizibonileyo nesizizwileyo.” (IzE. 4:20) Ukukhuluma kwabo ngoJehova kwakungokuqhubekayo, ngoba ukulandisa kuthi “nsuku zonke . . . baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa.” (IzE. 5:42) Kufanele sizibuze, ‘Ingabe ngiyamlingisa uMfundisi wami, uJesu?’
3 Ukushumayela Ngokuphuthuma: UJesu wabikezela ukuthi lapho isigijimi soMbuso sesimenyezelwe kuwo wonke umhlaba, “khona-ke ukuphela kuyofika.” (Math. 24:14) Lokhu kufanele kugcizelele kithi ukubaluleka nokuphuthuma komsebenzi wethu. Njengoba ukuphila kwezigidi kusengozini, ayikho into esingayenza ebaluleke nezuzisa ngaphezu kwawo. Njengoba lesi simiso sezinto sisondela esiphelweni saso, isikhathi esisele sokuqeda lomsebenzi sinciphile!
4 Imibiko ibonisa ukuthi uJehova usheshisa ukuqoqwa kwabanjengezimvu. (Isaya 60:22) Ezingxenyeni eziningi zezwe, abantu bathutheleka ngokoqobo eqinisweni, ngenjabulo bethi: “Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani”! (Zak. 8:23) Amazwi kaJesu ayiqiniso kunanini ngaphambili: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa . . . ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Math. 9:37, 38) Ingabe lokho akusishukumiseli ukuba sishiseke njengabafundi bakaJesu ‘ababesethempelini njalo betusa uNkulunkulu’?—Luka 24:53.
5 Memezela Iqiniso Nsuku Zonke: Nsuku zonke, kufanele sifune izindlela zokudlulisela iqiniso kwabanye. Amathuba ahlala ekhona. Ingabe ungayithatha imizuzu embalwa ushayele umngane ucingo noma umuntu omjwayele onomuzwa wokuthi angase abe nesithakazelo? Noma kuthiwani ngokubhalela othile incwadi ongamtholanga ekhaya? Uke wacabanga yini ngokuhambisela umninisitolo ipheshana lapho uyothenga? Ngokunokwenzeka ungacabanga ngamanye amathuba amaningi onawo usuku ngalunye okuhlanganyela ithemba lakho nabanye. Uma wenza umzamo futhi uthi ukuqunga isibindi, uJehova uyokusiza.—1 Thes. 2:2.
6 Ngakho, lapho siqala imisebenzi yosuku ngalunye, kufanele sizibuze, ‘Ingabe ngizosithatha isinyathelo kuqala sokuhlanganyela ithemba lami nothile uma ithuba livuleka namuhla?’ Lingisa isimo sengqondo sikaJesu, owachaza ukuthi kungani athunyelwa emhlabeni: “Kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.” (Luka 4:43) Uma sifuna ukuba njengoMfundisi wethu, siyokwenza okufanayo.—Luka 6:40.