Funa Labo Abathambekele Ngokufanele
1 Enye injongo yomsebenzi wokushumayela iwukuthola labo “abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade.” (IzE. 13:48) Ukusakazwa komagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! kuye kwabonakala kuyindlela enhle kakhulu yokufeza lokhu, njengoba omagazini bethu benza abantu baqaphele ithemba loMbuso. Ngo-April sizobe sihambisa omagazini. Sinethemba lokuthi lapho kutholakale khona isithakazelo, singaqala izifundo zeBhayibheli ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Nakhu okunye ukusikisela okungase kukusebenzele:
2 Lapho usebenzisa “INqabayokulinda” ka-April 1, ungase uqokomise esithi “Dumisa INkosi Yaphakade!,” bese uthi:
◼“Abantu abaningi esikhuluma nabo bayakholelwa kuNkulunkulu. Abanye bakuthola kunzima ukukholelwa kuye. Uzizwa kanjani? [Lindela impendulo.] Sinobufakazi obuningi obuqand’ikhanda obubonisa ukuthi uNkulunkulu ukhona. [Funda iHubo 104:24.] Lapho sibona ikhamera noma i-computer, siyaye sivume kalula ukuthi cishe yenziwa umklami ohlakaniphile. Ingabe bekungaba nengqondo ukuthi izinto eziyinkimbinkimbi kakhulu, njengomhlaba nathi bantu, zamane nje zaba khona?” Sebenzisa isigaba esisesihlokweni ukuze ubonise isizathu esinengqondo sokukholelwa kuNkulunkulu. Hambisa omagazini ngomnikelo ovamile.
3 “INqabayokulinda” ka-April 15 inesihloko esithi “Okwenza Ukukhulekela Kweqiniso Kuthole Isibusiso SikaNkulunkulu.” Ngaphambi kokuba uyihambise, ungase ubuze:
◼“Njengoba kunezinkolo eziningi namuhla ezweni, ucabanga ukuthi zonke ziyamukeleka kuNkulunkulu? [Lindela impendulo.] UJesu wabikezela ukuthi kungakhathaliseki ukuthi abantu abaningi benkolo bathini, labo abangayenzi intando kaNkulunkulu bayolahlwa. [Funda uMathewu 7:21-23.] Kubalulekile ukuba sithole inkolo yeqiniso uJesu afundisa ngayo.” Vula isihloko esithi “Yiziphi Izithelo Inkolo Yeqiniso Okumelwe Iziveze?,” kusukela ekhasini 16, bese nixoxa ngesibonelo esisodwa ukuze ukhanyise iphuzu.
4 Lapho uqokomisa isihloko esikhulu esikuyi-“Phaphama!” ka-April 22, esithi “Lapho Izimpi Ziyobe Zingasekho,” ungase ucabangele ukuba uthi:
◼“Kuleli khulu leminyaka kuye kwaba khona izimpi eziningi, kuhlanganise nezimpi ezimbili zezwe. Kodwa cishe bonke abaholi bezwe bathi bafuna ukuthula. Bonke abantu engibaziyo basho into efanayo. Uma bonke abantu befuna ukuthula, kungani bengakutholi? [Lindela impendulo.] Ucabanga ukuthi yini okudingeka siyenze ukuze sibone ukuthula kweqiniso emhlabeni?” Ngemva kokuphendula komninikhaya, vula amakhasi 8 no-9 bese ufunda imibhalo enjengeHubo 46:8, 9. Usebenzisa imifanekiso nemibhalo ecashuniwe, bonisa indlela uMbuso kaNkulunkulu oyoletha ngayo ukuthula komhlaba okuyohlala phakade. Yibe usuhambisa omagazini ngomnikelo ovamile bese uhlela ukuba ubuyele.
5 Uma uthola abantu abaningi abathi bamatasa, ungase uzame lokhu:
◼“Sinesithakazelo sokusiza abantu abaphila ukuphila okumatasa nabangasitholi isikhathi sokucabanga ngohlangothi olungokomoya lokuphila. Omagazini bethu, INqabayokulinda ne-Phaphama!, baklanyelwe ukunikeza ukwaziswa okucacile okuphathelene nezindaba ezibalulekile ezithinta wena nomkhaya wakho. Ngithanda ukukushiyela lamakhophi ukuba uwafunde.”
6 Qikelela ukuba labo ababamukelayo omagazini ubanikeze ithuba lokwenza isikhokhelo sowodwa walabomagazini noma bobabili. Ngokuqinisekile bayozuza ngokufunda omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!, abaletha “izindaba ezinhle zokuthile okungcono.”—Isaya 52:7, NW.