Lingisani Ukholo Lwabo
1 Umphostoli uPawulu wachaza ukholo ngokuthi “luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo, ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonwa.” Wanezela ngokuthi “ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa kahle [uNkulunkulu].” (Heb. 11:1, 6) UPawulu usikhuthaza ukuba sibonise ukholo, luchichime, futhi siluphishekele.—2 Kor. 4:13; Kol. 2:7; 2 Thim. 2:22.
2 Kunezibonelo eziningi ezivelele zokholo ezilandiswe eBhayibhelini. KumaHeberu isahluko 11, uPawulu unikeza uhlu olude lofakazi ababonisa ukholo olungenakupheliswa. Abahlanganisiwe kuloluhlu u-Abela, owaba ngowokuqala ukufela ukholo lwakhe. UNowa ubalwe ngenxa yokuthi ngokholo lwakhe wabonisa ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu okwakudingeka ukuze kusindiswe abendlu yakhe. U-Abrahama utuswa ngenxa yokholo lwakhe nokulalela. UMose utuswa ngenxa yokuthi ngokholo lwakhe waqhubeka eqotho njengokungathi uyambona Ongabonwayo. Uhlu lwezibonelo lwalulude kangangokuba uPawulu wathi wayengeke abe naso isikhathi sokuqhubeka ezibala zonke. Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi singaqinisa ukholo lwethu ngokubukeza ‘izenzo zabo zokuziphatha ezingcwele nezenzo zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu’!—2 Pet. 3:11.
3 Ekhulwini lokuqala, uJesu wabuza umbuzo: “Lapho iNdodana yomuntu ifika, ingabe ngempela iyoluthola ukholo emhlabeni?” (Luka 18:8) Khona-ke, ingabe sinazo izibonelo eziphilayo zokholo phakathi kwethu namuhla? Ingabe siyawabona amadoda nabesifazane, abancane nabadala, bebonisa ukholo olungenakuzanyazanyiswa kuJehova njengoba kwakunjalo ngabantu bakaNkulunkulu ezikhathini zeBhayibheli?
4 Izibonelo Zokholo Zanamuhla: Izibonelo zokholo ezivelele zitholakala kuyo yonke indawo! Ukholo lwababonisi abaholayo phakathi kwethu lukufanele ukulingiswa. (Heb. 13:7) Kodwa akubona bodwa abayizibonelo zokholo. Kuwo wonke amabandla kunabantu abathembekile abanomlando omude wenkonzo yokwethembeka kuJehova, ngokuvamile eyenziwa ngaphansi kwezimo ezinzima.
5 Kumelwe sibazise odadewethu abathembekile, osekuneminyaka eminingi bekhuthazelele ukuphikiswa abayeni babo abaphikisayo. Abazali abangabodwa kuye kwadingeka babhekane nenselele yokukhulisa abantwana bebodwa. Phakathi kwethu kunabafelokazi asebekhulile abangalokothi baphuthe emisebenzini yebandla ngisho noma bengenawo umkhaya obasizayo. (Qhathanisa noLuka 2:37.) Siyalwazisa kakhulu ukholo lwalabo abakhuthazelela izinkinga zempilo ezingamahlala-khona. Abaningi bayaqhubeka bekhonza ngokwethembeka ngisho noma benezinkinga ezibavimbela ukuba banikezwe amalungelo engeziwe enkonzo. Kunentsha eningi engoFakazi eye yabonisa ukholo ngesibindi naphezu kokuphikiswa esikoleni. Ukuzinikela kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu kuyaqina lapho sibona amaphayona athembekile aphikelelayo unyaka nonyaka naphezu kwezinkinga ezinkulu. NjengoPawulu, isikhathi singaphela uma sizama ukulandisa konke okuhlangenwe nakho kwasenkonzweni yoMbuso kanye nezenzo zokholo zalaba bafowethu nodadewethu!
6 Lezi zibonelo zabathembekile ziyasiduduza futhi zisikhuthaze. (1 Thes. 3:7, 8) Senza kahle ngokulingisa ukholo lwabo ngoba ‘abenza iqiniso bayintokozo [kuJehova].’—IzAga 12:22.