Kudingeka Abazalwane Abengeziwe Enkonzweni Yamaphayona
1 UPawulu wasikhuthaza ukuba ‘ngaso sonke isikhathi sibe nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’ (1 Kor. 15:58) Kwabaningi, lokhu kusho ukuthatha inkonzo yamaphayona. Kulonyaka wenkonzo odlule, eNingizimu Afrika kuphela kwenezelwa abantu abangaphezu kuka-800 ezinhlwini zamaphayona!
2 Okwamanje inani elikhulu kulabo abakhonza njengamaphayona kulelizwe lingodade. (IHu. 68:11) Yeka injabulo obekungaba yiyo ngebandla uma abazalwane abengeziwe bebengangena ezinhlwini zezikhonzi zesikhathi esigcwele! (IHu. 110:3) Kuyaqondakala ukuthi abazalwane abaningi kudingeka banakekele izibopho ezibalulekile zomsebenzi wokuziphilisa nezomkhaya. Abanye futhi basebenza kanzima ukuze banakekele izidingo ezingokomoya zebandla. Siyawazisa lamadoda azikhandlayo ngenxa yoMbuso.—1 Thim. 4:10.
3 Nakuba kunjalo, ingabe abengeziwe kini bazalwane bangayingenela yini inkonzo yamaphayona? Uma umkakho ephayona, ingabe ungahlanganyela naye? Uma usuthathe umhlalaphansi, awuvumi yini ukuthi ayikho indlela yokusebenzisa isikhathi sakho eyanelisa njengokusisebenzisa enkonzweni yesikhathi esigcwele? Uma uzoqeda kulonyaka esikoleni, ingabe uye wakucabangela ngokungathi sína nangomthandazo ukungenela inkonzo yamaphayona njengendlela eyisa emalungelweni engeziwe enkonzo?—Efe. 5:15-17.
4 Omunye umzalwane wadayisa ibhizinisi lakhe elichumayo futhi wathola umsebenzi oyitoho ukuze aphayone. Ngenxa yokuhola kwakhe okuhle, izingane zakhe ezintathu kwezine zaba amaphayona ngokushesha nje lapho ziqeda esikoleni. Eyesine yayikushisekela ukuhlanganyela nabo. Lomzalwane nomkhaya wakhe baye babusiswa ngokucebile.
5 Umnyango Omkhulu Uvuliwe: Inkonzo yamaphayona ingavula “umnyango omkhulu oholela emsebenzini.” (1 Kor. 16:9) Abazalwane abangamaphayona bangase basetshenziswe kakhulu ebandleni. Umsebenzi wasensimini wentshiseko unezela ekukhuleni kwabo ngokomoya futhi ube nengxenye entuthukweni yabo engokwasezulwini. Ukuphayona kungavula indlela eyisa emalungelweni engeziwe enkonzo. Ngemva konyaka wokuqala wokuphayona, kunesibusiso sokuya eSikoleni Senkonzo Samaphayona. Izinceku ezikhonzayo nabadala abangakashadi bangase basebenzele ukuya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo. Imibhangqwana eshadile efanelekayo ingase ifake isicelo seSikole SaseGileyadi. Kamuva abazalwane bangafanelekela umsebenzi wokujikeleza. Yebo, inkonzo yamaphayona ivula umnyango oyisa kulamalungelo amakhulu enkonzo enhlanganweni kaJehova.
6 Abazalwane abangase bahlele izimo ukuze bangenele inkonzo yamaphayona avamile bangase bathole injabulo enkulu ebangelwa ukupha ngokwengeziwe.—IzE. 20:35.