Iminikelo Yomsebenzi Wenhlangano Womhlaba Wonke Isekela Ukwanda
Njengoba kwabikezelwa ku-Isaya 54:2, 3, ukukhulekelwa kukaJehova okuhlanzekile kuyaqhubeka kwanda emhlabeni wonke. Lokhu kuhlanganisa amazwe ahlukahlukene ezwekazi lase-Afrika neziqhingi ezingomakhelwane. Eminyakeni eyishumi edlule, ukuvinjelwa komsebenzi woMbuso kuye kwaqedwa ezindaweni ezinjenge-Angola, eCameroon, e-Equatorial Guinea, eMadagascar, eMalawi, eMozambique, eTogo, naseTopiya. Izithunywa zevangeli zaseGileyadi, abaphothule eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo, amalungu omkhaya waseBethel, nabanye baye banikezwa izabelo zokuya kulamazwe nakwamanye lapho amasimu emhlophe khona elungele ukuvunwa.—Math. 9:37, 38.
Ngokusobala, ukwanda kwabakhulekeli beqiniso enhlanganweni kaJehova kwenza kudingeke ukuba kwakhiwe amaHholo OMbuso amaningi amasha. Kuye kwadingeka nokuba kuhlelwe ukwakhiwa kwamaHholo OMhlangano nezakhiwo zamagatsha ezintsha noma ezandisiwe. Ukukhokhela lezi zakhiwo nokugcina umsebenzi woMbuso uqhubekela phambili hhayi e-Afrika nje kuphela kodwa nakwamanye amazwe omhlaba kuye kwayidla kakhulu iminikelo ethunyelwa eNhlanganweni yomsebenzi womhlaba wonke.
Izithombe nemidwebo esemakhasini amabili alesi senezelo kukunikeza umbono walokho iNhlangano ebilokhu izama ukukufeza ensimini yase-Afrika. Kubonisa izakhiwo manje eziqhubekayo nemisebenzi yokwakha ezoqala ngokushesha. Igatsha laseNingizimu Afrika belilokhu lihileleke kakhulu kweziningi zalezi zakhiwo ezisemazweni angomakhelwane.
Ngokubheka ishadi lenkonzo yasensimini elikuyi-Ncwadi Yonyaka Ka-1996, ungaba nombono ongcono walokho abamemezeli kulamazwe abakwenzayo enkonzweni. Kuye kwaba khona ukwanda okumangalisayo emazweni amaningi, futhi ukwanda okwengeziwe okusazoba khona kubonakala emananini amakhulu eSikhumbuzo. Uma sikhumbula lokho okufezwayo njengengxenye yomsebenzi wembulunga yonke wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi kwamanye amazwekazi, kugcizelela kithi ilungelo elikhulu esinalo lokusekela ukukhulekela kweqiniso ngezinto ezibonakalayo.—Luka 16:9; 1 Thim. 6:18.
[Isithombe ekhasini 3]
IHholo LoMbuso KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika, elakhiwe ngezinsuku ezingu-9
[Isithombe ekhasini 3]
IHholo LoMbuso elakhiwe ngezindleko eziphansi eNigeria
[Isithombe ekhasini 3]
IHholo Lomhlangano eMozambique elinezihlalo ezingu-1500, elizoqedwa ekupheleni kuka-1996
[Isithombe ekhasini 3]
Izakhiwo zegatsha zaseMozambique, ezizobe sezikulungele ukusetshenziswa entwasahlobo ka-1996
[Isithombe ekhasini 4]
Igatsha laseSierra Leone, elihlelelwe ukuba liphele kulonyaka
[Isithombe ekhasini 4]
IHholo LoMhlangano elinophahla kuphela eseliphelile laseMauritius, kanye nezakhiwo zegatsha okufanele ziphele ekuqaleni kuka-1997
[Isithombe ekhasini 4]
Igatsha laseZimbabwe liyakhiwa
[Isithombe ekhasini 4]
IHholo LoMhlangano elinophahla kuphela kanye nesakhiwo segatsha esisha esakhiwayo eSenegal
[Isithombe ekhasini 4]
Igatsha elisha laseKenya, enhloko-dolobha iNairobi
[Isithombe ekhasini 4]
Igatsha laseMadagascar, okufanele liphele ngokushesha
[Isithombe ekhasini 4]
Izakhiwo zegatsha ezihlongozwayo zaseMalawi