Inkonzo Yethu—Indlela Yokubonakalisa Uthando Lweqiniso
1 Ngenkonzo yethu sibonisa ukuthi silalela imithetho emibili emikhulu kunayo yonke. (Math. 22:37-39) Uthando lwethu ngoJehova lusishukumisela ukuba sikhulume kahle ngaye. Uthando lwethu ngomakhelwane lusiqhubezela ukuba sibakhuthaze bafune ulwazi ngentando kaNkulunkulu nangezinjongo zakhe ukuze nabo bathande uJehova njengathi futhi bazenze bafanelekele ukuzuza ukuphila okumi phakade. Ngakho-ke, ngenkonzo yethu sidumisa igama likaJehova futhi sihlanganyele nomakhelwane bethu ithemba loMbuso eliyigugu. Yebo, inkonzo yethu iyindlela yokubonakalisa uthando lweqiniso ngoNkulunkulu nangabantu.
2 Uthando lwethu lusenza sikhulume nazo zonke izinhlobo zabantu kunoma iziphi izimo. (1 Kor. 9:21-23) Ngokwesibonelo: Egibele indiza, umdala othile ongumKristu wayehleli eduze kompristi wamaRoma Katolika. Lo mdala wenza lo mpristi ukuba akhulume ngokumbuza imibuzo embalwa engacunuli wabe eseqondisa ingxoxo eMbusweni. Lapho umpristi ehla endizeni, wayesethathe izincwadi zethu ezimbili. Yeka umphumela omuhle owaba khona ngenxa yokuthi lo mdala wabonisa uthando lweqiniso ngomakhelwane wakhe!
3 Uthando Lweqiniso Lusishukumisela Ukuba Sishumayele: Labo abahlanganyela emsebenzini wamaphayona asizayo nawesikhathi esigcwele ngokuqinisekile babonakalisa uthando lweqiniso ngoNkulunkulu nangomakhelwane. Amaphayona njalo adela isikhathi sawo namandla ukuze asize abanye ngokomoya. Yini ewashukumisela ukuba enze lokhu? Elinye iphayona lathi: “Ngiyazi ukuthi uthando luyisithelo somoya kaNkulunkulu. Ngakho bengingeke neze ngibe seqinisweni ngaphandle kwalo, ingasaphathwa eyokuphumelela njengephayona. Uthando lungenza ngibe nesithakazelo kubantu, ngiqaphele izidingo zabo, futhi ngiyazi ukuthi abantu bayasabela lapho beboniswa uthando.” UJesu walubonisa uthando olunjalo ngabantu. Ngesinye isikhathi lapho yena nabafundi bakhe ababekhathele beya endaweni ethile ukuze ‘baphumule kancane,’ izixuku zafika kuleyo ndawo bengakafiki. Yini uJesu ayenza? ‘Enesihawu,’ wabekela eceleni izidingo zakhe ukuze ‘azifundise izinto eziningi.’—Marku 6:30-34.
4 Ngisho noma abantu bezenqaba izindaba ezinhle esibalethela zona, sithola injabulo yangaphakathi, sazi ukuthi njengoba sishukunyiswa uthando, siye senza okusemandleni ukuba sibasize bathole insindiso. Lapho ekugcineni sonke sahlulelwa uKristu, siyojabula kakhulu ngokuthi siye sabonakalisa uthando lweqiniso ‘ngokuyifeza ngokugcwele inkonzo yethu.’—2 Thim. 4:5.