Ingabe ‘Uneva Enyameni’?
1 Sinesifiso esinamandla sokufeza ukuthunywa kwethu kokushumayela izindaba ezinhle ngokusemandleni ethu. Nokho, abaningi babafowethu nodadewethu abathandekayo bakuthola kunzima ukuhlanganyela ngokugcwele ngenxa yokuphazanyiswa ukugula okukhulu noma ukukhubazeka, okwenza kube nzima ukuba benze okuningi ngangokuthanda kwabo. Kubo, kungase kube nzima ukubhekana nemizwa yokudumazeka, ikakhulukazi lapho bebona abanye abanabo bematasa kakhulu enkonzweni.—1 Kor. 9:16.
2 Isibonelo Sokulingiswa: Umphostoli uPawulu kwakudingeka alwe ‘neva enyameni.’ Wancenga uJehova izikhathi ezintathu ukuba asuse isithiyo esicindezelayo, asichaza ngokuthi “ingelosi kaSathane” eyayiqhubeka imshaya ngempama. Nokho, naphezu kwalokho, uPawulu wakhuthazela futhi waphokophela phambili enkonzweni yakhe. Akazange azihawukele noma ahlale ekhononda. Wayenza okusemandleni akhe. Okwakumenza aphumelele ekubhekaneni nesimo yilesi siqinisekiso esivela kuNkulunkulu: “Umusa wami ongafanelwe ukwanele; ngoba amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” Ubuthakathaka bukaPawulu bamenza waqina lapho efunda ukwamukela isimo sakhe nokuncika kuJehova nasemoyeni ongcwele ukuze akhuthazele.—2 Kor. 12:7-10.
3 Indlela Ongakhuthazela Ngayo: Ingabe ubuthakathaka bobuntu benza inkonzo yakho kuNkulunkulu ilinganiselwe? Uma kunjalo, yiba nombono onjengokaPawulu. Ngisho noma ukugula kwakho noma ukukhubazeka kungenakwelapheka ngokuphelele kulesi simiso sezinto, ungathembela ngokugcwele kuJehova, oziqondayo izidingo zakho futhi uyokunika “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Kor. 4:7) Lusebenzise usizo olutholayo ebandleni, ungazihlukanisi. (IzAga 18:1) Uma ukuthola kunzima ukuhlanganyela emsebenzini wendlu ngendlu, funa izindlela ezisebenzisekayo zokufakaza ngokwethukela noma ngocingo.
4 Nakuba iva enyameni lingenza kulinganiselwe ongakwenza enkonzweni, akufanele uzizwe ungenangxenye. NjengoPawulu, nawe ‘unganikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle zomusa ongafanelwe kaNkulunkulu,’ wenza lokho amandla nezimo zakho ezikuvumela ukuba ukwenze. (IzE. 20:24) Njengoba wenza umzamo wokufeza inkonzo yakho, yazi ukuthi uJehova uyajabula.—Heb. 6:10.