Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/99 k. 1
  • Kulangazelele Ukushumayela Izindaba Ezinhle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kulangazelele Ukushumayela Izindaba Ezinhle
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bonakalisa Intshiseko Yokumemezela Izindaba Ezinhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Shumayela Futhi Unikeze Ubufakazi Obuphelele
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Kufuneka Amaphayona Asizayo Angu-10000
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ingabe Ungaba Yiphayona Elisizayo Ngo-April?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
km 4/99 k. 1

Kulangazelele Ukushumayela Izindaba Ezinhle

1 “Ngilangazelela ukunibona . . . Kimi kukhona ukulangazelela ukuba ngimemezele izindaba ezinhle nakini.” Lena yindlela umphostoli uPawulu azichaza ngayo ekuqaleni kwencwadi yakhe eya kubazalwane eRoma. Kungani uPawulu ayelangazelela ukubavakashela? Wathi: “Ukuze ngithole izithelo ezithile naphakathi kwenu . . . Ngoba anginamahloni ngezindaba ezinhle; eqinisweni, zingamandla kaNkulunkulu ensindiso.”—Roma 1:11-16.

2 UPawulu wabonisa lokhu kulangazelela okufanayo lapho ekhuluma namadoda amadala ase-Efesu. Wawakhumbuza: ‘Kusukela osukwini lokuqala engangena ngalo esifundeni sase-Asiya angigodlanga ukunifundisa obala nasendlini ngendlu. Kodwa kokubili kumaJuda nakumaGreki ngabunikeza ngokuphelele ubufakazi.’ (IzE. 20:18-21) Kuyo yonke insimu ayeyabelwe, uPawulu wayephokophele ukusakaza izindaba ezinhle zensindiso nokuzuza izithelo zoMbuso. Yeka umoya omuhle wokulingiswa!

3 Singase sizibuze: ‘Ingabe ngibonisa lokho kulangazelela okufanayo kokumemezela izindaba ezinhle emphakathini wakithi? Kunokubheka umsebenzi wokushumayela njengesibopho nje, ingabe ngiyakulangazelela ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabantu abaningi ngangokunokwenzeka? Ingabe ngizicabangele yini izimo zami ngomthandazo? Ingabe ngiwazame wonke amathuba akhona ensimini yakithi, njengokushumayela endlini ngendlu, emgwaqweni, ezindaweni zamabhizinisi, ngocingo nangokwethukela?’

4 Langazelela Ukuba Nengxenye Phakathi No-April: Inyanga ka-April iyisikhathi esihle sokwandisa ingxenye yethu siqu emsebenzini wokushumayela. Ukuncishiswa kwamahora afunekayo kufanele kwenze abaningi bakwazi ukuba amaphayona asizayo. Mhlawumbe izimo zakho zizokuvumela ukuba ukhonze njengephayona elisizayo phakathi kuka-April no-May. Noma kungenzeka ukwazi ukubhalisa njengephayona elivamile, njengoba amahora afunekayo eseshintshile. Uma ungummemezeli webandla, ingabe ungasebenza isikhathi esengeziwe kunangokuvamile enkonzweni kule nyanga nakwelandelayo, usekele labo abakwaziyo ukuphayona? Lokho kungayenza ijabule inhliziyo kaJehova!

5 NjengoPawulu, abamemezeli boMbuso kufanele baqhubeke bebonisa ukuthi bayakulangazelela ngokuzikhandla emsebenzini wokushumayela. Ukwenza konke okusemandleni ethu enkonzweni kuyosilethela injabulo yangempela. Yile njabulo uPawulu ayenayo enkonzweni yakhe engcwele. Senza kahle ngokulingisa isibonelo sakhe esihle.—Roma 11:13; 1 Kor. 4:16.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela