Ukuphayona—Ukusebenzisa Isikhathi Sethu Ngokuhlakanipha!
1 ‘Kwamanje ngithwele kanzima! Ingabe ngempela kungaba ukuhlakanipha ukuba ngiqale ukuphayona manje?’ Yileyo ndlela omunye udade acabanga ngayo lapho elalele umdala oyiphayona enikeza inkulumo emhlanganweni wesifunda eyayinesihloko esithi, “Ukuqhubekela Phambili Nenkonzo Yamaphayona.” Omunye umzalwane osemusha owayephakathi kwalezo zilaleli wacabanga, ‘Wenza kanjani ukuze aphayone? Angiyena umdala, kodwa kakade nginezinto eziningi ezingixinile!’
2 Lapho lo mdala eqhubeka echaza izibusiso zokuphayona, waxoxa namaphayona amaningana avela kuleso sifunda alandisa ngokulungisa ayekwenzile ukuze aphayone nangendlela uJehova ayibusisa ngayo ngokucebile imizamo yawo. Elinye lalikhubazekile, elinye linomyeni ongakholwa, elinye liyeke umsebenzi wokuziphilisa wezwe kodwa likwazi ukuphila ngalokho elinakho. Lapho bezwa indlela la maphayona ayephumelela ngayo ngosizo lukaJehova, lo mzalwane nalo dade ababesezilalelini baqala ukuhlola kabusha ukucabanga kwabo nezimo zabo. Sikucela ukuba nawe wenze lokho, ikakhulukazi njengoba amahora afuneka emaphayoneni esencishisiwe, futhi, manje esengafinyelelwa ngabamemezeli bezindaba ezinhle abaningi ngokwengeziwe.
3 Siyazi ukuthi uJehova unguMdali futhi unguMbusi Wendawo Yonke nokuthi simkweleta ukuphila kwethu. (Dan. 4:17; IzE. 17:28) Kuyacaca kithi ukuthi uJehova usebenzisa inhlangano eyodwa nje kuphela. Sinelungelo lokukhonza ngokwethembeka kanye nayo, sisekela “isigqila esikholekile nesiqondayo” ekunikezeni ubufakazi boMbuso ngaphambi kokuba kufike ukuphela. (Math. 24:45; 25:40; 1 Pet. 2:9) Njengoba sesingene shí ekupheleni ‘kwezinsuku zokugcina,’ siyaqaphela ukuthi isikhathi sokushumayela siyaphela. (2 Thim. 3:1) Ngesikhathi esifanayo, kudingeka sondle imikhaya yethu ngokwezinto ezibonakalayo. (1 Thim. 5:8) Imali umuntu ayitholayo ayisanele ukuba ibhekane nezindleko zokuphila njengoba kwakunjalo esikhathini esidlule. Mhlawumbe nempilo yethu ayisekhona lokho eyayiyikho ngaphambili. Futhi uma sibhekana namaqiniso, singathanda ukuba nesikhathi esithile nemali ethile esingakusebenzisela thina ngokwethu. (UmSh. 3: 12, 13) Ngakho singase sizibuze ukuthi kuwukuhlakanipha yini ngempela ukusabela esimemweni sokuphayona.
4 Kushiyelwa kumuntu ngamunye kithi ukuba sihlolisise izimo zethu futhi sinqume ukuthi singaphayona yini. (Roma 14:12; Gal. 6:5) Kuyakhuthaza ukubona amanani andayo aye asabela obizweni lokuphayona. Naphezu kwezingcindezi nezinkinga zalezi zinsuku zokugcina, umbiko wenkonzo onyatheliswe e-Ncwadini Yonyaka Ka-1999 ubonisa ukuthi abantu bakaJehova abacishe babe ngu-700 000 emhlabeni wonke baqhubekela phambili nenkonzo yokuphayona. Kungakhathaliseki ukuthi bakhonza ngaphansi kwezimo ezinzima zezomnotho, bantula izinto zokuhamba, banezinkinga zempilo, noma babhekana nezinye izinkinga nobunzima, laba bafowethu nodadewethu abakhathali ekwenzeni okuhle, futhi lokhu kuyancomeka. (Gal. 6:9) Baye bamukela isicelo sikaJehova sokuthi bamvivinye. (Mal. 3:10) Banomuzwa wokuthi ukuphayona kuyindlela ehlakaniphe kakhulu yokusebenzisa isikhathi sabo esilinganiselwe nemali nokuthi uJehova ngempela uye wababusisa ngoba benzé ukulungisa okudingekayo ukuze bangenele umsebenzi wamaphayona futhi bahlale kuwo.
5 Amaphayona Ayabusiswa: Udade othile eCameroon onendodakazi esencane kakhulu uyachaza: “Kusukela yazalwa indodakazi yami ibilokhu ihamba nami enkonzweni. Ingakakwazi ngisho nokuhamba, ngangiyibeletha emhlane, ngiyibophe iqine ngembeleko. Ekuseni ngolunye usuku ngisenkonzweni, ngema emphemaneni wokuthengisa owawungasemgwaqweni. Ingane yami yasuka eceleni kwami, iphethe omagazini abaningana eyayibathathe esikhwameni sami. Yadlulela emphemaneni olandelayo. Nakuba yayingakakwazi ukuchaza okutheni, yaheha omunye wesifazane futhi yamnikeza umagazini. Lona wesifazane wamane wakhexa umlomo lapho ebona umntwana omncane kangaka ehlanganyela kulo msebenzi. Khona manjalo wawamukela umagazini kanye nesifundo seBhayibheli sasekhaya!”
6 Esabela obizweni lwamaphayona asizayo engeziwe, omunye umdala futhi oyinhloko yomkhaya eZambia onomsebenzi wokuziphilisa wesikhathi esigcwele wanquma ukuba iphayona elisizayo naphezu kwesimiso sakhe esimatasa. Wayefuna ukubekela ibandla nomkhaya wakhe isibonelo. Ngezinye izikhathi, wayepaka imoto yakhe eceleni komgwaqo abese evulela ikhasethi lencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya futhi ameme abadlulayo ukuba beze bazolalela lokho okwakufundwa ngokuzwakalayo. Ngaleyo ndlela, wakwazi ukuhambisa izincwadi ezingu-16 zethi, Injabulo Yomkhaya nezingu-13 zethi, Ulwazi, futhi waqala izifundo zeBhayibheli ezimbili.
7 Kwaqashelwa umoya omuhle wokuphayona futhi nakuleli lizwe laseZimbabwe. Phakathi no-April 1998, elinye ibandla elinabamemezeli abangu-117 labika amaphayona asizayo angu-70 navamile angu-9. Elinye ibandla elinabamemezeli abangu-94 laba namaphayona asizayo angu-58 abika. Kanti elinye futhi, elinabamemezeli abangu-126, labika ukuthi bangu-58 abanquma ukuba amaphayona asizayo, basebenza kanye namaphayona avamile amane. Unyaka wenkonzo odlule waba ovelele eZimbabwe. Nakuba abafowethu lapha babematasa kakhulu ngezindaba zemikhaya, imisebenzi yamabandla nokwakhiwa kwegatsha, bagxila ekusebenziseni isikhathi sabo ngokuhlakanipha enkonzweni.
8 Amaphayona ayaqaphela ukuthi ukuqala umsebenzi wokuphayona nokuphikelela kuwo akuxhomekile emandleni awo. Angawokuqala ukuvuma ukuthi noma yini akwaziyo ukuyenza, yenzeka ngenxa yokuthi “encike ezikhwepheni ezinikezwa uNkulunkulu.” (1 Pet. 4:11) Ukholo lwawo luwenza akwazi ukufeza inkonzo yawo usuku nosuku. Kunokuba azifunele okuvumelana nawo nokunethezeka, amaphayona aphumelelayo ayaqaphela ukuthi ukuze aqhubekele phambili, kungase kudingeke ‘ukushikashikeka okukhulu,’ kodwa athola izibusiso eziningi ngenxa yalokho.—1 Thes. 2:2.
9 Isibonelo SikaPawulu Siyakufanelekela Ukulingiswa: IBhayibheli linombhalo ogciniwe walokho okwafezwa umphostoli uPawulu enkonzweni nosizo oluhle alunikeza abantu abaningi impela. Nokho, uma kukhona umuntu owayethwele kanzima, nguPawulu. Wakhuthazelela ukushushiswa nobunzima obungokwenyama ukuze ashumayele izindaba ezinhle futhi aqinise amabandla. Kwadingeka futhi ukuba abhekane nenkinga engathi sína yempilo. (2 Kor. 11:21-29; 12:7-10) Wayezimisele ukusebenzisa isikhathi sakhe ngokuhlakanipha. Wavuma ukuthi wonke umsebenzi wakhe wawenza ngosizo lukaJehova. (Fil. 4:13) Akekho noyedwa kulabo uPawulu abasiza owayengaba nesizathu sokuphetha ngokuthi wayedlale ngesikhathi sakhe nemizamo yakhe enkonzweni kaJehova noma ukuthi kwakungasetshenziswa kangcono ngenye indlela. Phela, nanamuhla sisazuza ekusebenziseni kukaPawulu isikhathi sakhe ngokuhlakanipha! Yeka ukuthi sisazisa kanjani iseluleko sakhe esiphefumulelwe sokusisiza ukuba sihlele kahle izinto eziza kuqala futhi sinamathele eqinisweni kulezi zikhathi ezinzima!
10 Manje kunanini ngaphambili, ‘isikhathi esesisele sokushumayela izindaba ezinhle sinciphile.’ (1 Kor. 7:29; Mat. 24:14) Ngakho-ke, kuyafaneleka ukuzibuza, ‘Uma ngingafa ngokungalindelekile kusasa, ngingakwazi yini ukutshela uJehova namuhla ukuthi ngisisebenzise ngokuhlakanipha isikhathi sami?’ (Jak. 4:14) Kungani ungakhulumi noJehova ngomthandazo manje, umqinisekise ukuthi isifiso sakho siwukusebenzisa isikhathi sakho ngokuhlakanipha njengomunye woFakazi bakhe? (IHu. 90:12) Thandazela usizo lukaJehova ukuze wenze ukuphila kwakho kube lula. Ngisho noma kungenzeka ukuthi ngaphambili wawuye wakubheka njengokungenakwenzeka, kungenzeka yini ukuba manje uthole ukuthi ungakutholela indawo ukuphayona ekuphileni kwakho?
11 Zisebenzise Ngokunenzuzo Izimo Zakho: Kuyaqondakala ukuthi ngenxa yezimo, akubona bonke abafisa ukwenza kanjalo abangase bahlele amahora angu-70 ngenyanga ukuze bakhonze njengamaphayona avamile. Nokho, abamemezeli abaningi bahlela ukunikela amahora angu-50 ngenyanga enkonzweni njengamaphayona asizayo kaningi ngangokunokwenzeka noma ngokuqhubekayo. Ungapheli amandla uma izimo zakho okwamanje zimane nje zingakuvumeli ukuba ube iphayona elisizayo noma elivamile. Qhubeka uthandazela ukuthi izimo zakho zishintshe. Okwamanje, uma kungenakwenzeka nhlobo ukwenza ukulungisa okuthile, duduzeka ngokwazi ukuthi uJehova ukujabulela ngempela noma yikuphi okwaziyo ukukwenza ngomphefumulo wonke enkonzweni yakhe. (Math. 13:23) Uyaqaphela ukuthi umi uqinile ohlangothini lwakhe nokuthi ukulwela kanzima ukuba ummemezeli okholekile ongalokothi avumele inyanga idlule engazange abambe amathuba okunikeza ubufakazi. Mhlawumbe ungase ukwazi ukuthuthuka ngokucija amakhono akho okufakaza, usebenzela ukwenza kahle kakhulu njengomshumayeli wezindaba ezinhle nomfundisi.—1 Thim. 4:16.
12 Njengoba “usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova” luseduze kangaka, kudingeka sisisebenzise ngokuhlakanipha isikhathi esisele ukuze siqede umsebenzi esithunywe ukuba siwenze. (Joweli 2:31) USathane uyazi ukuthi isikhathi sakhe sifushane, futhi kunanini ngaphambili, uzama konke okusemandleni akhe ukuba enze ukuphila kwethu kube yinkimbinkimbi futhi enze kube nzima kithi ukugxila ezintweni ezibaluleke ngempela. (Fil. 1:10; IsAm. 12:12) Ungalokothi weye isithakazelo uNkulunkulu anaso kuwe. UJehova angakusiza ukuba wenze ukuphila kwakho kube lula futhi ufinyelele iqophelo eligcwele lamandla akho enkonzweni. (IHu. 145:16) Ngokujabulisayo, lapho bezihlola kabusha izimo zabo, abaningi bathola ukuthi bangakwazi ukungenela izinhlu zamaphayona asizayo noma avamile. Ngempela, amaphayona athola ukwaneliseka okujulile ngokusebenzisa isikhathi sawo ngokuhlakanipha. Ingabe uzoba ngomunye wawo?