Fundisa Abanye Ukuba Bazizuzise
1 UJehova ufuna ukuba bonke abantu bazizuzise. (Isaya 48:17) Uyazi ukuthi yini esenza sijabule ngempela. Isifiso sakhe esiqotho siwukuba abantu bagweme inhlekelele futhi bajabulele ukuphila ngokulalela imiyalo yakhe. Sizizuzisa kakhulu ngokuphila ngendlela kaNkulunkulu. (IHu. 34:8) Singabafundisa kanjani abanye ukuba nabo benze okufanayo?
2 Yini Abantu Abayifunayo? Yini ekhathaza abaninikhaya endaweni ohlala kuyo? Akukhona yini ukulondeka kwamakhaya abo, ukuqina kwemishado yabo, ikusasa lezingane zabo nezinye izindaba ezinjengalezo? Uma benezinkinga, baphendukelaphi ukuze bathole usizo? Bangase bazethembe bona, bathembele ezinhlelweni ezithile zokuzisiza, noma eziqondisweni zabanye. Kulowo mnyama, abaningi basala bedidekile ngenxa yemibono ephikisanayo nengelona usizo yokuthi bangazizuzisa kanjani. Kumelwe sibasize babone ukuthi isiqondiso esinikezwa yiZwi likaNkulunkulu singcono kakhulu. (IHu. 119:98) Singakwenza lokhu ngokubabonisa indlela abangathuthukisa ngayo izinga lokuphila kwabo ngisho kwamanje uma benza umzamo wokutadisha iBhayibheli futhi basebenzise lokho elikushoyo.—2 Thim. 3:16, 17.
3 Ukuphila Komkhaya Okuthuthukisiwe: Bambalwa abantu abaqaphelayo ukuthi iseluleko esiphefumulelwe esikweyabase-Efesu 5:22–6:4 sisebenza kahle kanjani ekuxazululeni izinkinga zomkhaya. Kwaba njalo ngombhangqwana okwathi ngemva kweminyaka eyishumi ushadile, wanquma ukuba uhlale ngokwahlukana. Nokho, kwaqalwa isifundo seBhayibheli nenkosikazi, eyafundiswa izimiso ezingokomBhalo eziphathelene nomshado. Ngokushesha indoda yaphawula izinguquko ezazenziwa yinkosikazi njengoba yayisebenzisa izimiso zeBhayibheli, futhi nayo yahlanganyela esifundweni. Kamuva yathi: “Manje, sisitholile isisekelo sokuphila komkhaya okujabulisa ngempela.”
4 Injongo Yangempela Ekuphileni: Lapho osemusha ongumlutha wezidakamizwa ecela usizo koFakazi, wafundiswa ukuthi uJehova uyamkhathalela. Uthi: ‘Ngafunda ukuthi uMdali unenjongo ngomuntu nokuthi labo abamukelekayo kuye ubanikeza ukuphila okumi phakade. Awazi ukuthi ngajabula kanjani ngalokhu. Manje nginempilo enhle, ukuthula kwengqondo nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu.’
5 Wonke umuntu angazuza osizweni oluzuzisayo olutholakala eZwini likaNkulunkulu. Ngokulisebenzisa njengesiqondiso sethu, siqinisekisa ukuthi indlela kaJehova iphakeme kakhulu kunezindlela zezwe. (IHu. 116:12) Sinelungelo lokudlulisela lesi sigijimi kwabanye, sibafundise ukuba bazizuzise bona. Uma senza kanjalo, siyobona imiphumela eminingi emihle.