Sifundiswa NguJehova
1 Kunesimiso semfundo esingaphansi kokuqondisa kwaphezulu esiqhutshwa emhlabeni wonke manje emazweni angu-233. Akukho lutho olunikezwa yileli zwe olungaqhathaniswa naso. UMfundisi wethu Omkhulu Kakhulu, uJehova, usifundisa indlela esingazuza ngayo manje njengoba futhi esifundisa ukuze sizuze ukuphila okumi phakade.—Isaya 30:20; 48:17.
2 Izikole Zemfundo Yaphezulu: Cabanga ngezikole eziqhutshwa manje ukuze kuzuze abantu bakaJehova. ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini, esiqhutshwa masonto onke emabandleni angaba ngu-87 000, siqeqesha izigidi zabamemezeli boMbuso ukuze babe izikhonzi eziphumelelayo zezindaba ezinhle. Usubhalisile kuso? Ingabe uphakathi kwezinkulungwane eziye zaya eSikoleni Senkonzo Samaphayona esithatha amasonto amabili? Mhlawumbe amahora ancishisiwe adingeka kumaphayona avamile azokwenza ukuba abengeziwe baphayone futhi bakufanelekele ukuya kulesi sikole. ISikole Sokuqeqeshela Inkonzo esithatha izinyanga ezimbili, manje esiqhutshwa ngezilimi eziyinhloko emhlabeni wonke, sihlomisa abadala abangashadile nezinceku ezikhonzayo ukuba bathwale imithwalo yemfanelo engokwasezulwini ethé xaxa. Njalo ngezikhathi ezithile, bonke abadala nezinceku ezikhonzayo bathola imfundo ekhethekile eSikoleni Senkonzo SoMbuso.
3 Izakhiwo zeWatchtower Educational Center ePatterson, eNew York, zisetshenziswa njengendawo yokuqhuba izikole ezintathu ezikhethekile, ezinikeza ukuqeqesha okungokwasezulwini okuthuthukisiwe. Imfundo ethatha izinyanga ezinhlanu e-Watchtower Bible School of Gilead iqeqesha izikhonzi ukuze zifeze umsebenzi wobuthunywa bevangeli emasimini akwamanye amazwe. Amalungu eKomiti Yegatsha avela emhlabeni wonke aya esikoleni esithatha izinyanga ezimbili esimayelana nokuhlelwa kwegatsha. Ngo-May 1999 kwaqalwa isikole esisha sezinyanga ezimbili sababonisi abajikelezayo esasinabafundi abangu-48 base-United States naseCanada. Ekugcineni, zonke izinceku zikaJehova ziyazuza kuloku kuqeqeshwa okunikezwa uJehova ngalezi zikole ezihlukahlukene.
4 Bafundiselwa Yiphi Injongo? Ilungu leNdikimba Ebusayo lathi: “Isimiso sethu semfundo esiqhubekayo njengamanje siklanyelwe ukwenza bonke abantu bakaJehova abakuzo zonke izindawo babe sesimweni esihle sokuvuthwa esichazwe kuzAga 1:1-4.” Kwangathi uJehova angaqhubeka enikeza ngamunye wethu “ulimi lwabafundi.”—Isaya 50:4.