Yini Ongayisho KumMuslim?
1 Wake wafakaza yini kumMuslim? Uma kunjalo, cishe wabona ukuthi amaMuslim anokholo olujulile kuNkulunkulu. Nokho, awazi lutho ngePharadesi elizayo emhlabeni njengoba kwabikezela abaprofethi bakaJehova, futhi singathanda ukuhlanganyela nawo lelo themba. (1 Thim. 2:3, 4) Ukwaziswa okulandelayo kufanele kukusize ukuba unikeze ubufakazi obuhle.
2 AmaMuslim akholelwa ku-Allah, noma uNkulunkulu, futhi akholelwa ukuthi uMuḥammad ungumprofethi kaNkulunkulu. Incwadi yawo engcwele yiKoran, futhi inkolo yawo ibizwa ngokuthi ubu-Islam, okusho “ukuzithoba.” IKoran ithi ukuqamba amanga nokukhulekela izithombe akulungile, ithi uNkulunkulu munye futhi akayona ingxenye kaZiqu-zintathu. Futhi, ifundisa ngokungafi komphefumulo, isihogo somlilo, nepharadesi lasezulwini. AmaMuslim ayalamukela iBhayibheli njengeliyiZwi likaNkulunkulu kodwa akholelwa ukuthi lishintshiwe, kuyilapho iKoran, njengoba isengolimi lwayo lokuqala, iye yagcinwa imsulwa.
3 Yiba Nomusa, Ube Nesu Lokungacunuli Futhi Uhlakaniphe: Lapho uxoxa nomMuslim, yiba nomusa nesu lokungacunuli. (IzAga 25:15) Khumbula ukuthi izinkolelo zamaMuslim zigxilile futhi ezinye zazo azifundé ngekhanda. Ngakho, ukubonisana ngezimfundiso zenkolo nokuziqinisekisa ukuthi iyini intando kaNkulunkulu, akuzange kube ingxenye yokukhuliswa kwawo ngokomoya. (Roma 12:2) Ukuze kusizwe amaMuslim, kudingeka isineke nokuqonda.—1 Kor. 9:19-23.
4 Gwema ukusebenzisa amagama angase akuhlanganise neLobukholwa engqondweni yomMuslim. Kwenze kucace ukuthi uhlukile, awuyona ingxenye yenkolo yamaKatolika noma yamaProthestani. Bhekisela eBhayibhelini ngokuthi iNcwadi KaNkulunkulu. Njengoba amaMuslim engayithandi inkulumo ethi “iNdodana kaNkulunkulu,” ngokuvamile kungcono kakhulu ukungayisebenzisi noma ungaxoxi ngalesi sihloko kuze kube yilapho umuntu esethuthukile ngokomoya. Nokho, ungakhuluma ngoJesu, ubhekisele kuye njengomprofethi noma isithunywa. Gwema impikiswano. Uma ubona sengathi kufufusa intukuthelo, vele uhambe ngokuthula ngaleso sikhathi.
5 Kungcono kakhulu ukuxoxa nomuntu oyedwa, ungaxoxi neqembu. Ngokuvamile, kuwukuhlakanipha ukuba abesifazane bafakaze kubantu besifazane, nabesilisa kwabesilisa. Ngokusobala, zikhona izimo ezingafuna kwenziwe okwehlukile, kodwa kufanele kusetshenziswe ukwahlulela okuhle. Futhi, amaMuslim amaningi ayashesha ukukhubeka ngalokho akubheka njengezingubo nokuzilungisa okungenasizotha kwabesifazane. Odade kufanele bakuqaphele lokhu.—1 Kor. 10:31-33.
6 Izinto Eningaxoxa Ngazo: Khuluma ngokukhululeka ngobukhulu bukaNkulunkulu nothando lwakhe. Unganqikazi ukusho ukuthi uyikholwa langempela, ukuthi uNkulunkulu munye (akayena uZiqu-zintathu), nokuthi ukukhulekela izithombe akulungile. Khuluma ngobubi obusemhlabeni namuhla—izimpi, izibhelu zomphakathi, inzondo yobuhlanga nobuzenzisi obubonakala kubantu abaningi benkolo.
7 Incwajana engangomagazini ethi The Guidance of God—Our Way to Paradise izokukhanyisela ngokwengeziwe ngezihloko ezingase zisetshenziselwe ukuqala ingxoxo namaMuslim. Iklanyelwe ukukhanga amaMuslim ahlala endaweni angase azizwe ekhululekile kuyo ukufunda iBhayibheli.
8 Lapho ushumayela, ungase uthi:
◼ “Ngenza umzamo okhethekile wokuxoxa namaMuslim. Bengilokhu ngifunda ngenkolo yenu futhi ngikholelwa ukuthi angiphazami uma ngithi amaMuslim akholelwa kuNkulunkulu oyedwa weqiniso nakubo bonke abaprofethi. [Lindela impendulo.] Ngingathanda ukuxoxa nawe ngesiprofetho sasendulo esibikezela ngokuguqulwa komhlaba ube ipharadesi. Ngicela ukukufundela lokho umprofethi akuloba. [Funda u-Isaya 11:6-9.] Lesi siprofetho singenza ngicabange ngengcaphuno ethile ekuyiKoran etholakala kule ncwajana.” Vula ikhasi 9 encwajaneni ethi Guidance of God, bese ufunda ingcaphuno ebhalwe ngamagama agqamile ebhekisela kwabalungileyo abazodla ifa lomhlaba. Uma enesithakazelo, qhubeka nengxoxo ngokuxoxa ngezigaba 7 kuya ku-9 ekhasini elilandelayo. Hambisa incwajana ngomnikelo ka-R1,20, bese uhlela ukuphindela.—Ukuze uthole enye intshumayelo, bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-February 1998, ikhasi 6, isigaba 27.
9 Lapho ucela othile ukuba afunde incwajana ethi Guidance of God, kungcono kakhulu ukuba ukubize ngokuthi ingxoxo kunokuba uthi isifundo seBhayibheli. Lapho niqeda le ncwajana, umfundi kufanele abe esekulungele ukufunda incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma incwadi Ulwazi. Ezinye izincwadi eziklanyelwe amaMuslim ngokukhethekile, yipheshana elithi How to Find the Road to Paradise nencwajana ethi The Time for True Submission to God.
10 Uma sinalolu lwazi ngezinkolelo zobu-Islam nangezinto eziwakhubekisayo, singakwazi ukukhetha ngokuhlakanipha izincwadi esizihambisela amaMuslim nendlela esifakaza ngayo kuwo. Kwangathi uJehova angaqhubeka ebusisa imizamo yethu yokusiza abantu balo lonke uhlobo ukuba babize igama lakhe futhi basindiswe.—IzE. 2:21.