Sebenzisa Amapheshana Ukuze Uqale Izingxoxo
1 Awuvumi yini ukuthi ukunikeza ubufakazi obuphumelelayo kuxhomeke kakhulu ekubeni wena uqale kuqala izingxoxo? Inselele iwukusho okuthile okuvusa isithakazelo somuntu futhi kumenze ahileleke. Kodwa lokhu kungenziwa kanjani ngokuphumelelayo?
2 Abamemezeli abaningi baye bathola ukuthi ngamazwi ambalwa akhethwe kahle, ukuhambisa elinye lamapheshana ethu asekelwe eBhayibhelini kungaziqala izingxoxo. Izihloko zawo ziyakhanga, futhi izithombe zinemibala egqamile nekhangayo. Ipheshana alimkhungathekisi umuntu, limnikeze umuzwa wokuthi linokwaziswa okuningi okufanele akufunde. Nakuba kunjalo, izigijimi ezicacile ezisemapheshaneni ziyathakazelisa futhi zingasetshenziselwa ukuqala isifundo seBhayibheli.
3 Nansi indlela omunye uFakazi azizwa ngayo: “Kuleli zwe elimatasa, ngokuvamile abantu abafuni ukuchitha isikhathi esiningi befunda, kodwa amapheshana made ngokwanele ukuba anikeze isigijimi esibalulekile kodwa awamade kangangokuba angenza abantu bawexwaye ngisho nangaphambi kokuba bawafunde. Ngafunda amapheshana amaningi, futhi ekugcineni ngafunda iqiniso.” Ungaweyi amandla eZwi likaNkulunkulu njengoba echazwa kulezi zigijimi ezimfushane ezinyathelisiwe.—Heb. 4:12.
4 Izinyathelo Ezine Ezilula: Abaningi baye baphumelela ngokusebenzisa indlela elula. (1) Bonisa umuntu amapheshana ambalwa bese umbuza ukuthi angathanda liphi. (2) Ngemva kokuba ekhethe elilodwa, buza umbuzo olungiselelwe kahle oqokomisa iphuzu eliyinhloko elisepheshaneni. (3) Lapho uphendula lo mbuzo, funda isigaba esifanele noma umbhalo osepheshaneni. (4) Uma esabela kahle, qhubeka uxoxa naye ngokuqukethwe yileli pheshana noma ubhekisele esifundweni esithile encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma isahluko esisencwadini ethi Ulwazi esinikeza okunye ukwaziswa. Ngale ndlela ungase ukwazi ukumholela esifundweni seBhayibheli. Ukusikisela okulandelayo kuzokusiza ukuba ulungiselele lokho oyokusho usebenzisa amapheshana amane.
5 Isihloko sepheshana elithi “Ubani Ngempela Obusa Izwe?” singase sisetshenziswe njengombuzo.
◼ Uma lowo muntu okhuluma naye ephendula lo mbuzo ngokuthi “uNkulunkulu” noma athi “angazi,” funda imisho emibili yokuqala ekhasini 2 nesigaba sokuqala ekhasini 3. Qokomisa eyoku-1 Johane 5:19 nesAmbulo 12:9. Kungakhathaliseki ukuthi lowo muntu uyakungabaza ukuthi uSathane uDeveli ukhona noma uyavuma ukuthi unethonya emhlabeni, ungaqhubeka ubonisana naye ngesihlokwana esithi “Umqondo Esiwunikezwa Izimo Zezwe” ukuze uqhubekisele ingxoxo phambili. Uma ebonisa isithakazelo, cela ukumchazela ukuthi uDeveli wavelaphi, usebenzisa amaphuzu asekhasini 3 no-4 epheshana.
6 Ipheshana elithi “Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile?” lingavusa isithakazelo ngokushesha. Ungase uqale ingxoxo ngokubuza:
◼ “Ucabanga ukuthi siyophinde sibabone abathandekayo bethu abafile?” Ngemva kokuba esephendulile, mbonise isigaba sesibili ekhasini 4 lepheshana bese ufunda uJohane 5:28, 29. Yibe usuchaza ukuthi kuyasiza ukuqonda ukwaziswa okusesihlokwaneni sokuqala epheshaneni. Sikisela ukuba nisifunde naye.
7 Ipheshana elithi “Jabulela Ukuphila Komkhaya” likhanga imikhaya emhlabeni wonke. Lapho ulisebenzisa, ungase uthi:
◼ “Cishe uzovuma ukuthi umkhaya uyahlaselwa namuhla. Ucabanga ukuthi yini engenziwa ukuze kuqiniswe izibopho zomkhaya?” Ngemva kokuba esephendulile, donsela ukunakekela kwakhe emaphuzwini asesigabeni sokuqala ekhasini 6. Khetha omunye wemibhalo ecashuniwe emakhasini 4 no-5 epheshana, bese uyichaza ukuthi isho ukuthini. Yibe ususikisela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
8 Ipheshana elithi “Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli” lingase lisetshenziswe nale ntshumayelo:
◼ “Abantu abaningi bake bayizwa indaba kaKayini no-Abela, etholakala encwadini yokuqala yeBhayibheli. Indaba ekuGenesise ibhekisela nakumkaKayini. Wake wazibuza ukuthi wavelaphi?” Lapho uphendula, sebenzisa isigaba sokugcina ekhasini 2 lepheshana. Chaza ukuthi leli pheshana likhuluma nangendaba ebalulekile yeBhayibheli mayelana nalokho ikusasa elisiphathele khona. Qhubeka nengxoxo, uqala esigabeni sesithathu ekhasini 5, usebenzise nemibhalo esekelayo.
9 Ukusakaza amapheshana eBhayibheli sekuyisikhathi eside kuyindlela ephumelelayo yokushumayela izindaba ezinhle. Ngenxa yokuthi kulula ukuwaphatha nomaphi lapho uya khona, ungawasebenzisa ngempumelelo emsebenzini wendlu ngendlu nalapho ufakaza ngokwethukela. Amapheshana afeza indima ebalulekile ekufezeni inkonzo yethu. Qikelela ukuba uphathe ahlukahlukene, futhi uwasebenzise ngokukhululekile ekuqaleni izingxoxo.—Kol. 4:17.