Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/00 kk. 3-6
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngokuqiniseka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngokuqiniseka
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukhulumé Ngokuqiniseka
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Yima Uphelele Unokuqiniseka Okuqinile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Bazali—Sizani Izingane Zenu ‘Nizihlakaniphisele Insindiso’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Qiniseka Ngokuthi Uthole Iqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 2/00 kk. 3-6

Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngokuqiniseka

1 Ngasekuqaleni kwekhulu lokuqala, uJesu Kristu wathuma abalandeli bakhe ukuba bashumayele izindaba ezinhle zoMbuso futhi ‘benze izizwe zonke abafundi.’ (Math. 24:14; 28:19, 20) OFakazi BakaJehova baye bawuthatha ngokungathi sína umyalo wakhe, kangangokuba ekupheleni kwekhulu lama-20 leminyaka, ubuzalwane bethu bobuKristu buye bakhula baba abafundi abangaphezu kuka-5 900 000 emazweni angu-234. Yeka udumo olukhulu oluya kuBaba wethu wasezulwini!

2 Manje sesingene ekhulwini lama-21. ISitha sethu sizama ngobuqili ukuphazamisa umsebenzi wethu oyinhloko wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Sisebenzisa ukucindezela kwalesi simiso sezinto ukuze siphambukise ukunaka kwethu, sidle isikhathi sethu futhi siqede amandla ethu ngenqwaba yeminako nezithakazelo ezingathí shu. Kunokuvumela lesi simiso sisitshele ukuthi yini ebalulekile ekuphileni, ngeZwi likaNkulunkulu siziqinisekisa thina ngokuthi yikuphi okubaluleke kakhulu—ukwenza intando kaJehova. (Roma 12:2) Lokho kusho ukulalela iseluleko esingokomBhalo ‘sokushumayela izwi ngenkathi evumayo nangenkathi enzima futhi sifeze inkonzo yethu ngokugcwele.’—2 Thim. 4:2, 5.

3 Hlakulela Ukuqiniseka Okuqinile: AmaKristu kudingeka ‘ame ephelele futhi enokuqiniseka okuqinile kuyo yonke intando kaNkulunkulu.’ (Kol. 4:12) Igama elithi “ukuqiniseka” lichazwa ngokuthi “inkolelo enamandla; isimo sokuqiniseka.” NjengamaKristu kumelwe siqiniseke ukuthi izwi likaNkulunkulu lesiprofetho liqinisekile nokuthi manje singene shí esikhathini sokuphela. Kumelwe sibe nokholo oluqine njengolomphostoli uPawulu, owathi izindaba ezinhle “eqinisweni, zingamandla kaNkulunkulu ensindiso kuwo wonke umuntu onokholo.”—Roma 1:16.

4 UDeveli usebenzisa abantu ababi nabakhohlisi, nabo ngokwabo abadukisiwe, ukuba bathonye futhi badukise abanye. (2 Thim. 3:13) Njengoba siye saxwayiswa ngalokhu, sithatha izinyathelo zokuqinisa ukuqiniseka kwethu kokuthi sineqiniso. Kunokuvumela izinkathazo zokuphila zidambise intshiseko yethu, siyaqhubeka sibeka izithakazelo zoMbuso kuqala. (Math. 6:33, 34) Futhi asifuni ukulahlekelwa umuzwa wokuphuthuma kwezikhathi, mhlawumbe sibe nomuzwa wokuthi ukuphela kwalesi simiso kusekude. Sekuseduze kakhulu. (1 Pet. 4:7) Nakuba singase sibe nomuzwa wokuthi ukusakaza izindaba ezinhle akusasizi kwamanye amazwe ngenxa yobufakazi osebunikeziwe, umsebenzi wokuxwayisa kufanele uqhubeke.—Hez. 33:7-9.

5 Imibuzo eyinhloko kulesi sikhathi sokuphela, yilena: ‘Ingabe ngikuthatha ngokungathi sína ukuthunywa uJesu asinikeza khona kokwenza abafundi? Lapho ngishumayela izindaba ezinhle, ingabe ngibonisa ukuqiniseka okuqinile kokuthi uMbuso ungokoqobo? Ingabe ngizimisele ukuhlanganyela kakhulu ngangokunokwenzeka kule nkonzo esindisa ukuphila?’ Njengoba siqaphela ukuthi sesiseduze kangakanani nesikhathi sokuphela, kufanele siziqaphele thina kanye nomsebenzi wethu wokushumayela nokufundisa. Uma sikwenza lokhu siyozisindisa thina nalabo abasilalelayo. (1 Thim. 4:16) Singakuqinisa kanjani sonke ukuqiniseka kwethu njengezikhonzi?

6 Lingisa AbaseThesalonika: Umphostoli uPawulu, ekhumbula ukusebenza kanzima kwabazalwane baseThesalonika, wathi kubo: “Izindaba ezinhle esizishumayelayo azivelanga phakathi kwenu ngenkulumo yodwa kodwa futhi ngamandla nangomoya ongcwele nokuqiniseka okuqinile, njengoba nje nazi ukuthi saba luhlobo luni lwabantu kinina ngenxa yenu; futhi naba ngabalingisi bethu nabeNkosi, njengoba namukela izwi ngaphansi kosizi oluningi ngenjabulo yomoya ongcwele.” (1 Thes. 1:5, 6) Yebo, uPawulu walitusa ibandla laseThesalonika ngenxa yokuthi naphezu kokushushiswa okukhulu lashumayela ngentshiseko nangokuqiniseka. Yini eyalenza lakwazi ukwenza lokhu? Ngokwezinga elikhulu, intshiseko nokuqiniseka elakubona kumphostoli uPawulu nakulabo ayesebenza nabo kwaba nethonya elihle kulo. Kanjani?

7 Kona kanye ukuphila kukaPawulu nabangane bakhe ayejikeleza nabo kwakunikeza ubufakazi bokuthi banomoya kaNkulunkulu nokuthi babekukholelwa ngenhliziyo yonke lokho ababekushumayela. Ngaphambi kokuba beze eThesalonika, uPawulu noSila babephathwe ngendelelo eFilipi. Bashaywa futhi baboshelwa ezingongolweni kungazange kuthethwe cala. Nokho, lesi sehlo esivivinyayo asizange siyidambise intshiseko yabo ngezindaba ezinhle. Ukungenela kukaNkulunkulu kwenza ukuba bakhululwe, kwaholela ekuphendukeni komgcini wejele nabendlu yakhe, futhi kwavula indlela yokuba laba bafowethu baqhubeke nenkonzo yabo.—IzE. 16:19-34.

8 Eqiniswa umoya kaNkulunkulu, uPawulu weza eThesalonika. Elapho wasebenza kanzima ukuze athole izidingo zakhe futhi wazikhandla ngokugcwele efundisa iqiniso kwabaseThesalonika. Akazange ayeke ukumemezela izindaba ezinhle ngawo wonke amathuba. (1 Thes. 2:9) Ukushumayela kukaPawulu ngokuqiniseka kwaba nethonya elinamandla kubantu bendawo kangangokuba abanye babo balahla ukukhulekela onkulunkulu bamanga ababehileleke kukho futhi baba izinceku zikaNkulunkulu weqiniso, uJehova.—1 Thes. 1:8-10.

9 Ukushushiswa akuzange kubathiye ababesanda kukholwa ukuba basabele ezindabeni ezinhle. Beshukunyiswa inkolo yabo entsha futhi beqiniseka ngokugcwele ukuthi bazothola izibusiso zaphakade, abaseThesalonika baqhubezeleka ukuba bamemezele iqiniso ababelamukele ngentshiseko. Lelo bandla lakhuthala kangangokuba izindaba ezimayelana nokholo lwalo nentshiseko yalo zasakazekela nakwezinye izingxenye zaseMakedoniya zaze zafinyelela nase-Akhaya. Ngakho lapho uPawulu ebhalela abaseThesalonika incwadi yakhe yokuqala, yase yaziwa kakade imisebenzi yabo emihle. (1 Thes. 1:7) Yeka isibonelo esivelele!

10 Ukushukunyiswa Uthando NgoNkulunkulu Nabantu: Thina njengabaseThesalonika, singakulondoloza kanjani ukuqiniseka komuntu siqu lapho sishumayela izindaba ezinhle namuhla? UPawulu wabhala ngabo, wathi: “Siwukhumbula ngokungaphezi umsebenzi wenu wokukholeka nomshikashika wenu wothando.” (1 Thes. 1:3, umbhalo waphansi we-NW) Kusobala ukuthi babenothando olujulile, olusuka enhliziyweni ngoJehova uNkulunkulu nabantu ababeshumayela kubo. Yilolo thando olwashukumisela uPawulu nabangane bakhe ukuba badlulisele kwabaseThesalonika ‘hhayi izindaba ezinhle zikaNkulunkulu kuphela, kodwa nemiphefumulo [yabo] siqu.’—1 Thes. 2:8.

11 Ngokufanayo, uthando lwethu olujulile ngoJehova nabanye abantu lusishukumisela ukuba sifune ukuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela uNkulunkulu asinikeze wona ukuba siwenze. Ngothando olunjalo, siyaqaphela ukuthi kuwumthwalo wethu wemfanelo esiwunikezwe uNkulunkulu ukuba sisakaze izindaba ezinhle. Ukucabanga ngokuqondile nokwazisa konke uJehova asenzele kona ukuze asiqondise ‘ekuphileni kwangempela,’ kusishukumisela ukuba sitshele abanye lawo maqiniso amangalisayo esiwakholelwa ngayo yonke inhliziyo yethu.—1 Thim. 6:19.

12 Njengoba sizigcina simatasa emsebenzini wokushumayela, uthando lwethu ngoJehova nabantu kumelwe luqhubeke lukhula. Uma lukhula, siyoshukumiseleka ukuba sandise izinga lokuhlanganyela kwethu enkonzweni yendlu ngendlu futhi siphishekele zonke ezinye izindlela zokufakaza ezisivulekele. Siyowasebenzisa ngokunenzuzo amathuba okufakaza ngokwethukela ezihlotsheni, komakhelwane nakubantu esijwayelene nabo. Nakuba abantu abaningi bengazenqaba izindaba ezinhle esizishumayelayo futhi abanye bazame ukuphazamisa ukumenyezelwa koMbuso, sithola injabulo yangaphakathi. Ngani? Ngoba siyazi ukuthi senze konke esingakwenza ukuze sifakaze ngoMbuso futhi sisize abantu bazuze insindiso. Futhi uJehova uyoyibusisa imizamo yethu yokuthola abanhliziyo zilungile. Ngisho nalapho izingcindezi zokuphila zisivimbezela futhi uSathane efuna ukuqeda injabulo yethu, siyakwazi ukulondoloza ukuqiniseka kwethu okuqinile nentshiseko yethu ekufakazeni kwabanye. Lapho sonke senza ingxenye yethu, lokhu kwenza sibe namabandla aqinile, ashisekayo njengelaseThesalonika.

13 Ungadangali Uma Ungaphansi Kovivinyo: Ukuqiniseka kuyadingeka futhi uma sihlangabezana nokuvivinywa okunhlobonhlobo. (1 Pet. 1:6, 7) UJesu wakwenza kwacaca kubafundi bakhe ukuthi uma bemlandela, ‘babeyoba izinto zokuzondwa yizizwe zonke.’ (Math. 24:9) UPawulu noSila babhekana nalokhu eFilipi. Ukulandisa okusencwadini yezEnzo isahluko 16 kuthi uPawulu noSila baphonswa etilongweni elingaphakathi futhi baboshelwa ezingongolweni. Ngokuvamile, itilongo elikhulu lalinjengeguma elingasonqenqemeni elalinezitokisi ezazinokukhanya nomoya. Nokho, itilongo eliphakathi lalingenakho ukukhanya futhi nomoya wawumncane. UPawulu noSila kwakufanele babhekane nobumnyama, ukushisa kanye nephunga elibi lendawo embi ababevalelwe kuyo. Ungacabanga yini ukuthi bungakanani ubuhlungu ababebuzwa beboshelwe ezingongolweni amahora amaningi, imihlane yabo íze futhi bopha ngenxa yokubhaxabulwa?

14 Naphezu kwalezi zilingo, uPawulu noSila bahlala bethembekile. Babonisa ukuqiniseka okusuka enhliziyweni, okwabaqinisa ukuba bakhonze uJehova kungakhathaliseki izilingo ababebhekene nazo. Ukuqiniseka kwabo kuboniswe evesini 25 lesahluko 16, lapho kuthi khona uPawulu noSila “babethandaza futhi bedumisa uNkulunkulu ngengoma.” Empeleni, nakuba babesetilongweni elingaphakathi, babeqiniseka ngokuthi uNkulunkulu wayebamukela kangangokuba bahlabelela bempongoloza baze bezwiwa ezinye iziboshwa! Nathi kufanele siqiniseke ngendlela efanayo namuhla lapho sibhekene nokuvivinywa kokholo lwethu.

15 UDeveli usigidlabeza ngovivinyo oluhlukahlukene. Kwabanye kungase kube ukushushiswa umkhaya. Abafowethu abaningi babhekana nezinselele ezingokomthetho. Singase sibhekane nokuphikiswa izihlubuki. Kunemithwalo engokwezimali kanye nokukhathazeka ngokuthi kuzophilwa ngani. Abasha babhekana nokucindezela kontanga esikoleni. Singabhekana kanjani nalokhu kuvivinywa ngokuphumelelayo? Yini edingekayo ukuze sibonise ukuqiniseka?

16 Okokuqala sidinga ukulondoloza ubuhlobo obuseduze bomuntu siqu noJehova. Lapho uPawulu noSila besetilongweni elingaphakathi, abazange basebenzise leso sikhathi bekhononda ngobunzima babo ekuphileni noma bazidabukele. Ngokushesha baphendukela kuNkulunkulu ngomthandazo futhi bamdumisa ngokuhlabelela. Ngani? Ngenxa yokuthi babenobuhlobo obuseduze noBaba wabo wasezulwini. Baqaphela ukuthi babehlupheka ngenxa yokulunga nokuthi ukusindiswa kwabo kwakusezandleni zikaJehova.—IHu. 3:8.

17 Lapho sibhekana nokuvivinywa namuhla, nathi kufanele sibheke kuJehova. UPawulu uyasikhuthaza njengamaKristu ukuba ‘izicelo zethu zaziwe uNkulunkulu; futhi ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zethu namandla ethu engqondo.’ (Fil. 4:6, 7) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi uJehova ngeke avume ukuba sibhekane nokuvivinywa sisodwa! (Isaya 41:10) Uyolokhu enathi uma nje simkhonza ngokuqiniseka kwangempela.—IHu. 46:7.

18 Olunye usizo olubalulekile ekuboniseni ukuqiniseka ukuhlale simatasa enkonzweni kaJehova. (1 Kor. 15:58) UPawulu noSila baphonswa etilongweni ngenxa yokuthi babematasa beshumayela izindaba ezinhle. Ingabe bayeka ukushumayela ngenxa yokuvivinywa ababebhekene nakho? Cha, baqhubeka beshumayela ngisho nalapho besetilongweni, futhi lapho sebekhululiwe, baya eThesalonika esinagogeni lamaJuda ukuze ‘bayobonisana nawo ngemiBhalo.’ (IzE. 17:1-3) Uma sinokholo oluqinile kuJehova futhi siqiniseka ukuthi sineqiniso, akukho lutho ‘oluyosihlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.’—Roma 8:35-39.

19 Izibonelo Zanamuhla Zokuqiniseka Okuqinile: Kunezibonelo eziningi ezivelele zalabo abaye babonisa ukuqiniseka okuqinile osukwini lwethu, njengoPawulu noSila. Omunye udade owasinda ekamu lokuhlushwa lase-Auschwitz ulandisa ngokholo olungenakuzanyazanyiswa nokuqiniseka okwaboniswa abafowethu nodadewethu lapho. Uyalandisa: “Kwake kwathi lapho ngiphenywa ngemibuzo, isikhulu esithile seza kimi sesifingqe izibhakela. Sathi: ‘Yini okufanele siyenze ngani bantu ndini? Uma sinibopha, aninandaba. Uma sinivalela etilongweni, anikugqizi qakala. Uma sinithumela ekamu lokuhlushwa, akunikhathazi. Uma sinigwebela ukufa, kuvele nje kungathí ndiki. Kufanele sinenze njani?’” Yeka indlela okuqinisa ukholo ngayo ukubona ukholo abafowethu ababenalo ngaphansi kwezimo ezinzima kanjalo! Babebheka njalo kuJehova ukuze abasize bakhuthazele.

20 Ngempela siyakukhumbula ukuqiniseka kwabafowethu abaningi lapho bebhekene nenzondo yobuhlanga ebikhona eminyakeni yamuva. Nakuba bezithola besezimweni eziyingozi, abazalwane abaholayo bayaqikelela ukuba abafowabo nodadewabo bondliwe ngokomoya. Bonke baqhubeka benokuqiniseka okuqinile kokuthi ‘asikho isikhali esenzelwa bona esiyakuphumelela.’—Isaya 54:17.

21 Abafowethu nodadewethu abaningi abanabangane bomshado abangakholwa babonisa ukholo oluqinile nokukhuthazela. Omunye umzalwane eGuadeloupe wabhekana nokuphikisa okunzima komkakhe ongakholwa. Ukuze amdumaze futhi aphazamise ukuya kwakhe emihlanganweni yobuKristu, wayengamphekeli, angamwasheli, angam-ayineli futhi angamthungeli nezingubo zakhe. Kwakudlula izinsuku engamkhulumisi. Kodwa ngokubonisa ukuqiniseka okusuka enhliziyweni ekukhonzeni uJehova nangokuphendukela kuye ngomthandazo ecela usizo, lo mzalwane wakwazi ukukukhuthazelela konke. Isikhathi esingakanani? Iminyaka engaba ngu-20—okwathi ngemva kwayo, kancane kancane umkakhe washintsha. Ngokuhamba kwesikhathi, wajabula ngempela ngoba umkakhe walamukela ithemba loMbuso kaNkulunkulu.

22 Ekugcineni, akumelwe sikhohlwe ukuqiniseka kwabafowethu nodadewethu abancane abaya esikoleni nsuku zonke futhi babhekane nokucindezela kontanga nezinye izinselele. Ngokuphathelene nokucindezela kokuhambisana nabanye esikoleni, enye intombazane enguFakazi yathi: “Uma usesikoleni, wonke umuntu ukukhuthaza ukuba wenze isenzo esithile sobuhlongandlebe. Izingane zikuhlonipha kakhudlwana uma wenza okuthile okuwukuganga.” Yeka ukucindezela intsha yethu ebhekana nakho! Kufanele izimisele ngokuqinile engqondweni nasenhliziyweni ukuba imelane nesilingo.

23 Iningi le ntsha yethu lenza kahle ekulondolozeni ubuqotho bayo naphezu kwezilingo. Esinye isibonelo yileso sikadade osemusha waseFrance. Ngolunye usuku ngemva kokudla kwasemini, abafana abathile bazama ukumphoqelela ukuba abaqabule, kodwa wathandaza futhi wenqaba ngokunanazi, ngakho la bafana bamyeka. Kamuva, omunye wabo wabuya wamtshela ukuthi wayemazisa ngesibindi sakhe. Wakwazi ukumnikeza ubufakazi obuhle ngoMbuso, echaza izindinganiso eziphakeme uJehova azibekela bonke abafuna ukuhlanganyela ezibusisweni zawo. Phakathi nalowo nyaka esikoleni, wakwazi ukuchazela lonke ikilasi ngezinkolelo zakhe.

24 Yeka ilungelo eliyigugu esinalo lokuba phakathi kwalabo uJehova ajabulela ukubasebenzisa ukuba bakhulume ngokuqiniseka okuqinile ngentando yakhe! (Kol. 4:12) Ngaphezu kwalokho, sinethuba elimangalisayo lokubonisa ubuqotho bethu lapho sihlaselwa iSitha sethu esinjengebhubesi, uSathane uDeveli. (1 Pet. 5:8, 9) Ungalokothi ukhohlwe ukuthi uJehova usebenzisa isigijimi soMbuso ukuba asindise kokubili thina esisishumayelayo nalabo abalalelayo. Kwangathi izinqumo esizenzayo kanye nokuphila kwethu kwansuku zonke kungabonisa ukuthi sibeka uMbuso kuqala. Masiqhubeke sishumayela izindaba ezinhle ngokuqiniseka!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela