“Ukuvivinywa Ngokuqondene Nokufaneleka”—Kanjani?
1 Njengoba ukwanda kuqhubeka enhlanganweni kaJehova, kunesidingo esiqhubekayo sokuba abazalwane abafanelekayo bakhonze njengezinceku ezikhonzayo. Abazalwane abaningi abangakamiswa, kuhlanganise nabasanda kweva eminyakeni eyishumi nambili, banesifiso sokukhonza ebandleni. Lapho benikezwa umsebenzi owengeziwe, bazizwa bewusizo futhi benomuzwa wokwaneliseka. Ukuqhubeka kwabo bethuthuka kuxhomeke ‘ekuvivinyweni kwabo ngokuqondene nokufaneleka.’ (1 Thim. 3:10) Kwenziwa kanjani lokhu?
2 Indima Yabadala: Njengengxenye yokuhlola umzalwane ngezimfuneko ezingokomBhalo zezinceku ezikhonzayo ezitholakala kweyoku-1 Thimothewu 3:8-13, abadala bayomvivinya umzalwane ukuthi uyakufanelekela yini ukuthwala umthwalo wemfanelo. Bangase bamabele ukuba enze izinkonzo eziwusizo eziphathelene nokukhishwa komagazini nezincwadi, ukunakekela imibhobho, ukunakekela iHholo LoMbuso nokunye. Abadala bayobheka ukuthi uzibheka futhi azinakekele kanjani izabelo zakhe. Bayobheka izimfanelo ezinjengokwethenjelwa, ukugcina isikhathi, ukukhuthala, isizotha, umoya wokuzinikela kanye nekhono lokusebenzelana kahle nabanye. (Fil. 2:20) Ingabe uyisibonelo endleleni agqoka futhi azilungise ngayo? Ingabe ungumuntu othembekile? Bafuna ukubona ‘ekuziphatheni kwakhe okuhle imisebenzi yakhe enobumnene bokuhlakanipha.’ (Jak. 3:13) Ingabe uyazikhandla ngempela ukuba abe usizo ebandleni? Ingabe uyawufeza umyalo kaJesu ‘wokwenza abantu babe abafundi’ ngokuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni yasensimini?—Math. 28:19; bheka INqabayokulinda ka-September 1, 1990, amakhasi 18-28.
3 Nakuba iBhayibheli lingayisho iminyaka yobudala umuntu angamiswa ngayo ukuba abe yinceku ekhonzayo, libhekisela kubazalwane abanjalo ngokuthi ‘amadoda . . . akhonzayo.’ Besingeke silindele ukuba abe osanda kweva eshumini nambili noma ophakathi naleyo minyaka, ikakhulukazi njengoba kukhulunywa ngokuthi kungenzeka abe nenkosikazi nabantwana. (1 Thim. 3:12, 13) Lawo madoda akufanele ahlulwe “izifiso ezihambisana nobusha” kodwa kufanele athathe izinto ngokungathi sína ekuziphatheni kwawo, abe nokuma okuhle nonembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu nabantu.—2 Thim. 2:22.
4 Nakuba ikhono elingokwemvelo liwusizo, kodwa okubaluleke kakhulu isimo sengqondo somuntu nomoya awubonisayo. Ingabe umzalwane ngokuthobeka unesifiso sokudumisa uNkulunkulu nesokukhonza abafowabo? Uma kunjalo, uJehova uyoyibusisa imizamo yakhe yokuthuthuka ebandleni.