Hlanganyela Ngokugcwele Ekuvuneni
1 Abaprofethi bakaJehova basendulo noJesu Kristu ngokwakhe, bakhuluma ngomsebenzi wokuqoqa. (Isaya 56:8; Hez. 34:11; Joh. 10:16) Umsebenzi onjalo manje ufezwa ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke. (Math. 24:14) Umehluko phakathi kwalabo abakhonza uNkulunkulu nalabo abangamkhonzi uba sobala kakhulu. (Mal. 3:18) Lokhu kusho ukuthini kithi?
2 Umthwalo Wemfanelo Womuntu Siqu: Singafunda esibonelweni sikaPawulu, owayehileleke ngokugcwele ekuholeni enkonzweni yobuKristu. Wayezizwa ebophekile ukuba ashumayele ukuze bonke abantu bathole ithuba lokuzwa izindaba ezinhle basindiswe. Lokhu kwamshukumisela ukuba asebenze ngokuzikhandla ngenxa yabo. (Roma 1:14-17) Ngenxa yesimo esibucayi isintu esibhekene naso namuhla, asinawo yini umthwalo wemfanelo omkhulu nakakhulu wokushumayela kulabo abasensimini yethu?—1 Kor. 9:16.
3 Isikhathi Sesinyathelo Esiphuthumayo: Umsebenzi wokushumayela ungase ufaniswe nomsebenzi wokufuna nokuhlenga abasenhlekeleleni. Abantu kufanele bafunwe lapho bekhona futhi basizwe bayiswe endaweni ephephile ngaphambi kokuba kwephuze kakhulu. Isikhathi silinganiselwe. Ukuphila kusengcupheni! Yingakho uJesu anxusa abafundi bakhe ukuba ‘banxuse iNkosi yokuvuna ukuba ithume izisebenzi‚ ziye ekuvuneni kwayo.’—Math. 9:38.
4 Ziqaphela ukuphuthuma kwanamuhla, izisebenzi zoMbuso eziningi ziye zandisa ingxenye yazo kulo msebenzi osindisa ukuphila. Osemusha okuthiwa uHirohisa wayehlala ekhaya elinomzali oyedwa nezingane zakubo ezine. Wayondla umkhaya wakubo ngokuvuka ngehora lesithathu ekuseni adilive amaphephandaba. Noma kunjalo, uHirohisa wayefuna ukwenza okwengeziwe enkonzweni, ngakho waqala ukuba yiphayona elivamile. Ingabe zikhona izindlela ongahlanganyela ngazo ngokugcwele kulo msebenzi ongeke uphinde wenziwe?
5 “Isikhathi esesisele sinciphile.” (1 Kor. 7:29) Ngakho-ke, kwangathi singenza konke esingakwenza kulo msebenzi obaluleke kakhulu owenziwa emhlabeni namuhla—ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nokwenza abafundi. UJesu wafanisa le nkonzo nomsebenzi wokuvuna. (Math. 9:35-38) Ngokuhlanganyela ngokugcwele ekuvuneni, izithelo zomsebenzi wethu zingase zihlanganise ukusiza othile ukuba abe ngomunye wesixuku esikhulu sabakhulekeli abachazwe kusAmbulo 7:9, 10.