Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/01 k. 8
  • Finyelela Inhliziyo Yomuntu Omfundelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Finyelela Inhliziyo Yomuntu Omfundelayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Finyelela Inhliziyo Yomuntu Ofunda Naye IBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Naka ‘Ikhono Lakho Lokufundisa’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Siza Obafundelayo Babe Abafundi Ababhapathiziwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Indlela Yokusiza Omfundela IBhayibheli Athuthuke Aze Abhapathizwe​—Ingxenye 2
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 6/01 k. 8

Finyelela Inhliziyo Yomuntu Omfundelayo

1 Ngaphambi kokuba anyukele ezulwini, uJesu watshela abafundi bakhe ukuba bafundise abanye ‘ukugcina’ zonke izinto ayebayale ngazo. (Math. 28:19, 20) Ukuze umuntu ‘agcine’ imiyalo kaKristu, ukwaziswa kufanele kufinyelele inhliziyo yakhe. (IHu. 119:112) Ungayithinta kanjani inhliziyo yomuntu omfundisa iBhayibheli?

2 Thandazela Isiqondiso SikaJehova: Ukwenza abafundi kungumsebenzi kaNkulunkulu. Akuwona amakhono ethu, kodwa isibusiso sakhe esidingekayo ukuze siphumelele. (IzE. 16:14; 1 Kor. 3:7) Ngakho, kubalulekile ukuthandazela usizo lukaJehova ukuze sifundise abanye iqiniso.—Isaya 50:4.

3 Thola Lokho Umfundi Akukholelwayo: Ukwazi lokho abantu abakukholelwayo nokuthi kungani bekukholelwa kungasenza sibe nombono wokuthi singathini ukuze sifinyelele inhliziyo yabo. Kungani umfundi ethola imfundiso ethile ikhanga? Yini eyamqinisekisa ukuba ayikholelwe? Ulwazi olunjalo lungasisiza ukuba sikhulume ngokuqonda.—IzE. 17:22, 23.

4 Xoxa Ngephuzu Elinengqondo, ElingokomBhalo: Iqiniso kufanele libe nengqondo kumfundi. (IzE. 17:24-31) Kufanele sibe nesizathu esinengqondo ngethemba elikithi. (1 Pet. 3:15) Nokho, kwenze njalo ngendlela yomusa nangesineke.

5 Gcizelela Ngemifanekiso: Imifanekiso ayigcini nje kuphela ngokwenza ukuba umfundi aqonde kalula kodwa futhi ishukumisa izisusa. Ithinta kokubili ingqondo nenhliziyo. UJesu wayeyisebenzisa njalo. (Marku 4:33, 34) Yiqiniso, ukuze uphumelele, umfanekiso osetshenziswayo kufanele ufanelane nephuzu enixoxa ngalo, futhi kufanele uhlobane nokuphila komfundi.

6 Bonisa Izinzuzo Zokwamukela Iqiniso: Abantu bafuna ukuzazi izinzuzo zokusebenzisa abakufundayo. Siza umuntu omfundisayo ukuba abone ukuhlakanipha kwamazwi kaPawulu kweyesi-2 Thimothewu 3:14-17.

7 Ungadangali uma abanye bengasabeli ekufundiseni kwakho. Akuzona zonke izinhliziyo ezilamukelayo iqiniso. (Math. 13:15) Nokho, abanye abantu bayaba amakholwa. (IzE. 17:32-34) Kwangathi imizamo yakho yokufinyelela izinhliziyo ngezindaba ezinhle ingasiza abaningi ukuba bamukele futhi “bagcine” lokho uJesu ayala ngako.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela