Ungakhonza Yini Lapho Kunendingeko Enkulu Khona?
1 Wake wakucabangela ukuthuthela lapho kunendingeko yabamemezeli boMbuso abengeziwe khona? Uma ucelwa ukuba ‘uwele . . . uzosiza,’ ingabe ungasabela njengomphostoli uPawulu? (IzE. 16:9, 10) Emabandleni amaningi kudingeka imikhaya evuthiwe ngokomoya namaphayona ukuba asize ekuhlanganiseni insimu noma abadala abafanelekayo nezinceku ezikhonzayo ukuba basize ngokuhola. Insimu ingase ihlanganise amadolobha amancane aqhelelene asezindaweni ezinkulu zasemaphandleni. IHholo LoMbuso eliseduze lingase libe yibanga impela. Umsebenzi wokuziphilisa ungase untuleke. Isimo sezulu singase singabi sihle ngazo zonke izikhathi. Ungazimisela yini ukwamukela inselele enjalo? Ungenza kanjani ukuze uphumelele?
2 Kudingeka Ukholo Nethemba: Ngesiqondiso sikaNkulunkulu, u-Abrama washiya idolobha lakubo i-Uri wahamba amakhilomitha angu-1 000 eya eHarana nomkakhe, indodana yomfowabo noyise osekhulile, uThera. (Gen. 11:31, 32; Neh. 9:7) Ngemva kokufa kukaThera, uJehova wayala u-Abrama, manje owayeseneminyaka engu-75 ubudala, ukuba asuke eHarana nasezihlotsheni zakhe aye ezweni uNkulunkulu ayezomkhombisa lona. U-Abrama, uSara noLoti ‘basuka bahamba.’ (Gen. 12:1, 4, 5) Yiqiniso, u-Abrama akazange athuthe ukuze ayokhonza lapho kwakunendingeko enkulu yezikhonzi. Kodwa ukuthutha kwakhe kwakudinga okuthile. Kwakudingani?
3 Kwakudinga ukholo nokwethembela kuJehova ukuba u-Abrama azame ukwenza into enjalo. Kwakudingeka ashintshe ukucabanga kwakhe nendlela yakhe yokuphila. Kwadingeka ukuba ashiye ukulondeka kokuba sezihlotsheni zakhe. Kodwa wayenethemba lokuthi uJehova wayezomnakekela yena nomkhaya wakhe. Abaningi namuhla baye babonakalisa ukwethembela kwabo kuJehova ngendlela efanayo.
4 Izabelo Zesikhathi Esifushane: Wake wazijabulela izibusiso ezicebile zokusebenza insimu engabelwe? Unyaka ngamunye phakathi nezinyanga zika-August, u-September no-October, izinkulungwane zabamemezeli zijabulela izibusiso zokusebenza insimu engabelwe. Kuzokwenziwa okufanayo nakulo nyaka! Umkhankaso wensimu engabelwe unikeza abanye ithuba lokuba ngamaphayona asizayo inyanga eyodwa noma ngaphezulu. Kunamadolobha amancane amaningi, osekuphele iminyaka eminingi engabutholi ubufakazi ngenxa yebanga elide ukusuka ebandleni elimisiwe. Lezi yizabelo ezikahle kakhulu kubamemezeli asebethathe umhlala-phansi nalabo abangahlala kula madolobha inyanga noma ngaphezulu. Kuningi okungafezwa ngale ndlela. Sikhuthaza labo abangase bakwazi ukwenza kanjalo, ukuba basize bakucabangele lokhu.
5 Kwabanye, lokhu kwakuhilela ukuhamba amabanga amade. Ingabe kwakuwufanele umzamo? Lapho umlimi othile eNtshonalanga Kapa, ethola ukuthi sasenzani, wenza amalungiselelo okuba zonke izisebenzi zasepulazini zishayise kusasele ihora. Khona-ke zaqoqana eshede lasepulazini lapho omunye wabazalwane akwazi ukunikeza ubufakazi obanele khona. Izisebenzi zazingenawo amandla okunikelela umsebenzi womhlaba wonke kodwa zacela ukuwasha izimoto zabazalwane ezazigcwele izintuli ukuze zithole izincwadi. Umlimi othile eMpumalanga wabonisa ukwazisa ngesigijimi sethu futhi wamukela izincwadi ezithile. Nokho, izisebenzi zazimatasa emasimini, ngakho abamemezeli abakwazanga ukukhuluma nazo. Wathi uma abamemezeli bengabuya ngehora lokuqala emini uzohlela ukuba zonke zibe khona. Njengoba ayeshilo, waziqoqa zonke izisebenzi. Amabandla ahlanganyela emkhankasweni wensimu engabelwe ngonyaka odlule angamaphesenti angu-75. Iningi labamemezeli liyavuma ukuthi ngisho nokukhonza isikhathi esifushane lapho kunendingeko enkulu khona kuye kwakujulisa ukwazisa kwabo ngenkonzo. Xoxa nalabo asebeke bakwenza. Uyothola ukuthi bakhuthazeka ngokomoya futhi cishe bayophinde bakwenze uma bethola ithuba.
6 Ukwamukela isabelo sesikhashana sokukhonza lapho kunendingeko enkulu khona kungafeza enye injongo. Labo abakwenzayo bangathola ukwaziswa okuwusizo okungabasiza ‘babale izindleko’ zokuthuthela kwenye ingxenye yezwe.—Luka 14:28.
7 Ukuthuthela Lapho Kunendingeko Enkulu Khona: UJehova uzimisele ukuba izindaba ezinhle zimenyezelwe “emhlabeni wonke owakhiweyo” ngaphambi kokuba kufike ukuphela. (Math. 24:14) Unalolu lwazi , ungathanda ukuthuthela lapho kunendingeko enkulu khona? Kunesidingo ezindaweni eziningi.
8 Ingabe usuthathe umhlala-phansi? Ingabe ikhona imali oyiholayo? Uma kungenjalo, ungakwazi yini ukuziphembela umsebenzi wokuziphilisa? Ingabe uyakwazi ukuziphilisa uhlala noma kuphi ngokusebenzisa ucingo noma i-computer? Uma ungeke ukwazi ukuthutha, ungalisiza ilungu lomkhaya ukuba liyokhonza kwenye indawo?
9 Uma ngemva kokucabangela le ndaba ngomthandazo uzizwa uyilungele inselele yokuthuthela lapho kunendingeko enkulu khona, yixoxe nomkhaya wakho nabadala ebandleni lakini. Yibe usubhala incwadi uyinikeze abadala ukuze baphawule abafuna ukukuphawula basho nokuthi yini abayitusayo ngaphambi kokuyithumela ehhovisi legatsha.
10 Yini okufanele uyihlanganise encwadini yakho? Iminyaka yakho yobudala, usuku lokubhapathizwa, imithwalo yemfanelo onayo ebandleni, ukuthi ushadile noma cha nokuthi unazo yini izingane ezisencane ozinakekelayo. Yisho izindawo ongathanda ukukhonza kuzo, kuye ngokwezidingo zakho siqu. Ngokwesibonelo, lukhona ulimi lwakwamanye amazwe olukhulumayo?
11 Ingabe unetshiseko futhi uzimisele ukuthatha isinyathelo? Ingabe izimo zakho ziyakuvumela ukuba ukhonze lapho kunendingeko enkulu khona? Uma kunjalo, khona-ke phawula indlela uJehova aqhubeka ethululela ngayo izibusiso ezicebile kulabo abathembela kuye njengoba bebonisa umoya wokuzidela!—IHu. 34:8; Mal. 3:10.