Ukusabela Ngesasasa!
1 Imikhaya yamaKristu yonke indawo iye yazwakalisa ukwazisa okukhulu nge-video ethi Young People Ask—How Can I Make Real Friends? Omunye ubaba e-United States wathi, ngemva kokuyibukela, amadodana akhe aqhubeka ehlezi ethule—ayevumelana nakho konke okukule video! Umbiko ovela eMalawi uthi abazalwane nodade abasebasha lapho nabo bavumelana nayo ngoba bahlangabezana nezingcindezi ezifanayo kontanga esikoleni. Omunye ubaba eJalimane wathi ngale video: “Ngiyibheka njengempendulo yemithandazo yami.” Osemusha wathi: “Ngiyabonga ngokungikhumbuza ukuthi uJehova uyangikhathalela.” Umdala eNew Zealand wabika: “Yasiza omunye wabasha bethu ukuba abuyele endleleni yokuphila.” Osekhulile futhi oshadile wayibuka wathi: “Yeka ukuthi ngifisa kanjani ukuba yonke intsha eseqinisweni iyibone le video futhi ishukunyiselwe ukuba yenze iqiniso libe ngelayo!” Mikhaya, kungani ningayibukeli futhi? Ngemva kwalokho, cabangelani ndawonye le mibuzo elandelayo.
2 Isethulo: Uyini umngane weqiniso?—IzAga 18:24.
3 Izithiyo Zokuthola Abangane [Roadblocks to Friendship]: Ungawunqoba kanjani umuzwa wokuthi ukhishwa inyumbazana? (Fil. 2:4) Kungani kumelwe uzimisele ukuthuthukisa ubuntu bakho, futhi ubani ongakusiza ukuba wenze kanjalo? Yini engakuvulela amathuba okuthola abangane abengeziwe, futhi bangatholakalaphi?—2 Kor. 6:13.
4 Ubungane NoNkulunkulu [Friendship With God]: Ungabakha kanjani ubuhlobo noJehova, futhi kungani kufaneleka ukwenza umzamo? (IHu. 34:8) Ubani ongabuqinisa kangcono ubungane bakho noNkulunkulu?
5 Uhlobo Olungafanele Lwabangane [The Wrong Kind of Friends]: Obani abangabangane ababi? (1 Kor. 15:33) Abangane ababi bangamholela kanjani umuntu ekulimaleni ngokomoya? Ukulandisa kweBhayibheli ngoDina kukufundisani?—Gen. 34:1, 2, 7, 19.
6 Idrama Yosuku Lwanamuhla [A Modern Day Drama]: Isizungu samthinta kanjani uTara? Wakuthethelela kanjani ukuzihlanganisa kwakhe nentsha yezwe? Yamchaya kuziphi izingozi? Kungani abazali bakhe bahluleka ukubona ingozi ayekuyo, kodwa baba nasiphi isimo sengqondo ukuze bamsize alulame ngokomoya? Udade oyiphayona waba kanjani umngane wangempela kuTara? Kungani amaKristu kumelwe alalele izAga 13:20 noJeremiya 17:9? UTara wafunda siphi isifundo esibalulekile?
7 Isiphetho: Ufundé ziphi izifundo kule video? Ungayisebenzisa kanjani ukuze usize abanye?—IHu. 71:17.