Ukwenza Izimpindelo Kuholela Ezifundweni ZeBhayibheli
1. Kungani ubaluleke kangaka umsebenzi wokwenza izimpindelo?
1 UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bangashumayeli nje kuphela kodwa futhi ‘benze abafundi, babafundise.’ (Math. 28:19, 20) Umuntu oshumayelayo uyamemezela, kodwa ofundisayo wenza okungaphezu kwalokho. Uyafundisa, achaze, anikeze nobufakazi. Enye yezindlela esifundisa ngazo abanye ukuphindela kulabo abanesithakazelo sinomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli nabo.
2. Obani okufanele siphindele kubo?
2 Obani okufanele uphindele kubo? Qiniseka ukuthi uphindela kubo bonke abamukele izincwadi noma kulabo ababonisa ngisho inhlansi yesithakazelo ezindabeni ezinhle. Uma uthola onesithakazelo lapho ushumayela ungekho endlini ngendlu, zama ukuthola ikheli lalowo muntu noma inombolo yakhe yocingo ukuze kuhlakulelwe isithakazelo. Zitshele ukuthi uzoziqala izifundo zeBhayibheli. Qhubeka ufuna labo abazosamukela isifundo seBhayibheli, cishe uzobathola.—Math. 10:11.
3, 4. Yini ehilelekile ekwenzeni izimpindelo ngokuphumelelayo?
3 Wena Ngokwakho Yiba Nesithakazelo: Ukulungiselela ukwenza impindelo ngokuphumelelayo kuqala ekuhambeleni kokuqala. Abamemezeli abaphumelelayo bayaphawula ukuthi yini ethakazelisa umninikhaya, bese besebenzisa leyo nto njengesisekelo sengxoxo elandelayo. Abanye bakuthola kusiza ukubuza umbuzo lapho bephetha ukuze benze umninikhaya akulungele ukuhanjelwa okulandelayo. Ukuba kwethu nesithakazelo esiqotho kubantu kusenza sicabange ngabo ngisho nalapho sesihambile, futhi kusenza sibuyele kubo ngaphandle kokulibala. Uma kungenzeka, zama ukubuyela isithakazelo sisavutha—mhlawumbe lungakapheli usuku noma ezimbili.
4 Lapho uphindela, zama ukwakhela engxoxweni yangesikhathi esidlule. Kwenze umgomo wakho ukuxoxa okungenani ngephuzu elilodwa lomBhalo isikhathi ngasinye, futhi zimisele ukulalela. Zama ukumazi kangcono umninikhaya bese kuthi ekuhambeleni okulandelayo uxoxe ngamaqiniso aseZwini likaNkulunkulu akhuluma ngokuqondile ngezinto ezimkhathazayo.
5. Iyiphi indlela elula engasetshenziswa yokuqala izifundo zeBhayibheli?
5 Phaphamela Amathuba Okuqala Izifundo ZeBhayibheli: Yenza izimpindelo unomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli. Kungenziwa kanjani lokhu? Yisho ukuthi ungathanda ukuxoxa naye ngephuzu elithakazelisayo, bese umbonisa isigaba encwadini Ulwazi noma encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ocabanga ukuthi singamthakazelisa lowo muntu. Funda isigaba, xoxani ngombuzo, bese ukhulumela umbhalo owodwa noma emibili ekhonjiwe. Lokhu kungenziwa khona kanye emnyango ngemizuzu emihlanu kuya kweyishumi. Phetha ngokubuza umbuzo olandelayo bese wenza amalungiselelo okuqhubeka nengxoxo ngesinye isikhathi.
6. Singabonisa kanjani ukuthi siyakuqonda ukubaluleka kokwenza izimpindelo?
6 Ukuhlakulela noma isiphi isithakazelo esisitholayo kuyisici esibalulekile senkonzo yethu. Ngakho, esimisweni sakho samasonto onke beka eceleni isikhathi sokwenza izimpindelo. Ukwenza kanjalo kuyonezela ekuphumeleleni kwenkonzo yakho futhi kukulethele injabulo yangempela.