Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/03 k. 8
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 4/03 k. 8

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda Apr. 15

“Eminyakeni yamuva abantu abaningi baye baphawula ukuthi izindinganiso zenkolo ziyawohloka. Ingabe uye wakuphawula lokhu? [Lindela impendulo, bese ufunda iHubo 119:105.] Izindinganiso zenkolo zingasiza abantu ukuba bagweme izingibe eziningi ekuphileni. Lo magazini ubonisa lapho izindinganiso zenkolo eziyiqiniso zingatholakala khona.”

INqabayokulinda May 1

“Eminye imibuzo ngeke bakwazi ukuyiphendula abantu. Ngokwesibonelo phawula lokhu. [Funda uJobe 21:7.] Ukhona umbuzo owake wafisa ukuwubuza uNkulunkulu? [Lindela impendulo.] Lo magazini uchaza indlela abantu kuzo zonke izingxenye zomhlaba abaye bathola ngayo izimpendulo ezanelisayo zemibuzo emithathu ebaluleke kunayo yonke ekuphileni.”

Phaphama! May 8

“Ekuphileni kwanamuhla okusheshayo, abantu abaningi bayakhathazeka ngokubona sengathi izingane zikhula ngokushesha. Ingabe nawe kuyakukhathaza lokhu? [Lindela impendulo, bese ufunda umShumayeli 3:1, 4.] Isikhathi sobuntwana akusona isikhathi sokuthwala imithwalo yabantu abadala. Le Phaphama! ixoxa ngendlela abazali abangasivikela ngayo isikhathi sezingane zabo sobuntwana.”

“Baningi phakathi kwethu abazi othile onesifo sikashukela. Kungakanani okwaziyo ngalesi sifo? [Mbonise isembozo sikamagazini, bese ulindela impendulo.] Lo magazini uhlaziya izimbangela nezindlela zokwelapha isifo sikashukela. Ubuye ukhulume ngesithembiso seBhayibheli sekhambi eliyoziqeda ngokuphelele zonke izifo.” Phetha ngokufunda u-Isaya 33:24.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela