Ukwenza Igama LikaNkulunkulu Laziwe
1. Kungabathinta kanjani abantu ukwazi igama likaNkulunkulu?
1 Wazizwa kanjani lapho uqala ukuzwa ngegama likaNkulunkulu? Abaningi bazizwa njengowesifazane owathi: “Lapho ngiqala ukubona igama likaNkulunkulu eBhayibhelini, ngakhala. Ukwazi ukuthi ngingalazi ngempela futhi ngilisebenzise igama likaNkulunkulu kwangithinta kakhulu.” Kuyena, ukwazi igama likaNkulunkulu kwakuyisinyathelo esibalulekile sokwazi uJehova njengomuntu nesokwakha ubuhlobo naye.
2. Kungani kuphuthuma ukuba sifundise abanye ngoJehova?
2 Kungani Kumelwe Lenziwe Laziwe? Igama likaNkulunkulu lihlangene nezimfanelo, izinjongo nezenzo zakhe. Lihlobene futhi nensindiso. Umphostoli uPawulu wabhala wathi: “Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.” Kodwa “bayombiza kanjani,” kubuza uPawulu, ngaphandle kokuba abantu baqale bezwe ngoJehova bese bebonisa ukholo kuye? Ngakho, kuyaphuthuma ukuba amaKristu azise abanye igama likaNkulunkulu nakho konke elikumelelayo. (Roma 10:13, 14) Nokho, kunesizathu esikhulu nakakhulu sokuba igama likaNkulunkulu lenziwe laziwe.
3. Siyini isizathu sethu esiyinhloko sokushumayela?
3 Ngawo-1920, imiBhalo yenza abantu bakaNkulunkulu bayiqonda impikiswano yendawo yonke ehilela ukulwelwa kobukhosi bukaNkulunkulu nokungcweliswa kwegama lakhe. Ngaphambi kokuba uJehova abhubhise ababi ukuze asuse isihlamba esiye salethwa egameni lakhe, iqiniso eliphathelene naye kumelwe ‘laziswe kuwo wonke umhlaba.’ (Isaya 12:4, 5; Hez. 38:23) Ngakho, isizathu sethu esiyinhloko sokushumayela siwukudumisa uJehova obala nokungcwelisa igama lakhe kubo bonke abantu. (Heb. 13:15) Uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane luyosenza sihlanganyele ngokugcwele kulo msebenzi esiwunikwe uNkulunkulu.
4. Kwenzeke kanjani ukuba oFakazi BakaJehova baziwe ngegama likaNkulunkulu?
4 “Isizwe Segama Lakhe”: Ngo-1931 saqala ukuzibiza ngegama elithi oFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10) Kusukela ngaleso sikhathi, abantu bakaNkulunkulu baye benza igama likaNkulunkulu laziwa kangangokuthi incwadi ethi Abamemezeli, ekhasini 124, ithi: “Ezweni lonke, noma ubani osebenzisa igama likaJehova ngokukhululekile ubhekwa ngokushesha njengomunye woFakazi BakaJehova.” Ingabe waziwa kanjalo? Ukubonga ngobuhle bukaJehova kufanele kusishukumisele ukuba ‘situse igama lakhe,’ sikhuluma ngaye ngaso sonke isikhathi esifanele.—IHu. 20:7; 145:1, 2, 7.
5. Ukubizwa ngegama likaNkulunkulu kuhlangene kanjani nokuziphatha kwethu?
5 ‘Njengesizwe segama lakhe,’ kumelwe sisekele izindinganiso zakhe. (IzE. 15:14; 2 Thim. 2:19) Ngokuvamile into abantu abayiphawula kuqala ngoFakazi BakaJehova ukuziphatha kwabo okuhle. (1 Pet. 2:12) Ngeke sithande ukungcolisa igama lakhe ngokuzishaya indiva izimiso zikaNkulunkulu noma ngokwenza ukukhulekela kwakhe kuze kamuva ekuphileni kwethu. (Lev. 22:31, 32; Mal. 1:6-8, 12-14) Kunalokho, kwangathi indlela yethu yokuphila ingabonisa ukuthi siyalazisa ilungelo lokubizwa ngegama likaNkulunkulu.
6. Yiliphi ilungelo esingalijabulela manje naphakade?
6 Namuhla, sibona kugcwaliseka amazwi kaJehova, athi: “Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami liyoba likhulu phakathi kwezizwe.” (Mal. 1:11) Masiqhubeke senza iqiniso ngoJehova laziwe futhi ‘situse igama lakhe elingcwele kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.’—IHu. 145:21.