Lingisa Ubuhle BukaJehova
1 Ngemva kokubuka ukushona kwelanga okuhle noma ukudla isidlo esehla esiphundu, asizizwa yini sifuna ukubonga uJehova, uMthombo wakho konke okuhle? Ubuhle bakhe busiqhubezela ukuba simlingise. (IHu. 119:66, 68; Efe. 5:1) Singayibonisa kanjani imfanelo yobuhle?
2 Kwabangakholwa: Enye indlela esingabulingisa ngayo ubuhle bukaJehova ukubakhathalela ngobuqotho labo abangahlobene nathi okholweni. (Gal. 6:10) Ukubonisa ubuhle ngezindlela zokusiza kungaba nethonya elihle endleleni abababheka ngayo oFakazi BakaJehova nesigijimi abasiphethe.
3 Ngokwesibonelo, ngesikhathi ilinde emtholampilo, enye insizwa eyiphayona yahlala eceleni kowesifazane osekhulile owayebonakala egula kakhulu kunabanye ababelapho. Lapho sekuyithuba layo lokubona udokotela, yangenisa lona wesifazane esikhundleni sayo. Yahlangana naye kamuva, manje sekusemakethe, wajabula kakhulu ukuyibona. Nakuba ngaphambili lona wesifazane wayengazamukeli izindaba ezinhle, wathi manje useyazi ukuthi oFakazi BakaJehova babathanda ngempela omakhelwane babo. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo.
4 Kubafowethu: Sisuke silingisa ubuhle bukaJehova nalapho senza konke okusemandleni ethu ukusiza esikholwa nabo. Lapho kwehle izinhlekelele, siba phakathi kwabokuqala ukufika sizosiza abafowethu. Sisuke sibonisa umoya ofanayo lapho sisiza abadinga izinto zokuya emihlanganweni, sivakashela abagulayo nalapho sanuleka sibonisa uthando kulabo esingabazi kahle ebandleni.—2 Kor. 6:11-13; Heb. 13:16.
5 Enye indlela uJehova abubonisa ngayo ubuhle ‘ukulungela kwakhe ukuthethelela.’ (IHu. 86:5) Singamlingisa, sibonise ukuthi siyabuthanda ubuhle ngokuthethelela abanye. (Efe. 4:32) Lokhu kusiza ekwenzeni ubudlelwane bethu nesikholwa nabo bube ‘buhle futhi bube mnandi.’—IHu. 133:1-3.
6 Kwangathi ubuhle bukaJehova obukhulu bungasenza siphuphume izindumiso zakhe futhi siqhakaze ngenjabulo. Futhi kwangathi bungasenza silwele ukulingisa ubuhle bakhe kukho konke esikwenzayo.—IHu. 145:7; Jer. 31:12.