Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/03 k. 4
  • Ukuhlakulela Ubungane Obuseduze NoJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlakulela Ubungane Obuseduze NoJehova
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Sondelani Kunkulunkulu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Hlakulela Ukusondelana NoJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Ukuthola Injabulo Ezwini LikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Qhubeka Uthuthuka Ngokomoya!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 11/03 k. 4

Ukuhlakulela Ubungane Obuseduze NoJehova

1. Yini omunye udade ayiqaphela ngenqubo yakhe engokomoya?

1 “Sekuphele iminyaka ecishe ibe ngu-20 manje ngilokhu ngizihudula eqinisweni ngiya nje emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini,” kuvuma omunye udade ongumKristu. Nokho, uyaqhubeka: “Ngiye ngaphetha ngokuthi nakuba lezi zinto zibalulekile, zona zizodwa ngeke zingisize ukuba ngiqine lapho izinto seziqala ukuba nzima. . . . Manje ngiyaqaphela ukuthi kumelwe ngilungise ukucabanga kwami ngibe nanesimiso sokutadisha esingakhi phezulu ukuze ngimazi ngempela uJehova, ngimthande futhi ngikwazise lokho iNdodana yakhe esinikeze kona.”

2. Kungani kubalulekile ukuhlakulela ubungane obuseduze noJehova?

2 Ukwakha ubuhlobo obuseduze bomuntu siqu noJehova kudinga umzamo. Kudinga okungaphezu kokumane nje silandele inqubo yamaKristu. Uma sihluleka ukukhuluma noJehova njalo, uyogcina esefana nomngane esasisondelene naye kodwa manje esingasaxhumani naye. (IsAm. 2:4) Ake sihlole ukuthi isifundo seBhayibheli somuntu siqu nomthandazo kungasisiza kanjani ukuba sihlakulele ubungane obuseduze noJehova.—IHu. 25:14.

3. Isiphi isimo sengqondo okumelwe sibe naso lapho siqhuba isifundo somuntu siqu esiyosisiza ukuba sisondele kuNkulunkulu?

3 Umthandazo Nokuzindla Kubalulekile: Isifundo somuntu siqu esondla inhliziyo sihilela okungaphezu nje kokudwebela amaphuzu asemqoka kulokho okufundayo nokubheka imiBhalo ekhonjiwe. Kuhilela ukuba sicabange ngokuthi lokho kwaziswa kwembulani ngezindlela zikaJehova, izindinganiso nobuntu bakhe. (Eks. 33:13) Ukuqonda izinto ezingokomoya kuthinta imizwa yethu futhi kusishukumisela ukuba sicabange ngokuphila kwethu. (IHu. 119:35, 111) Isifundo somuntu siqu kufanele senziwe ngenjongo yokusondela kuJehova. (Jak. 4:8) Ukutadisha ngokungashwampuluzi kudinga isikhathi kanye nendawo efanele, futhi ukutadisha njalo kudinga ukuzithiba. (Dan. 6:10) Ngisho noma umatasa kakhulu ekuphileni, ingabe uyazibekela isikhathi sokuzindla ngezimfanelo zikaJehova ezimangalisayo usuku ngalunye?—IHu. 119:147, 148; 143:5.

4. Ukuthandaza ngaphambi kokuba siqale isifundo somuntu siqu kusisiza kanjani ukuba sihlakulele ubungane obuseduze noJehova?

4 Umthandazo osuka enhliziyweni uyingxenye ebalulekile yesifundo somuntu siqu esingakhi phezulu. Ukuze amaqiniso eBhayibheli athinte izinhliziyo zethu futhi asishukumisele ukuba ‘sinikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu ngokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu nangokuthuthumela,’ sidinga umoya wakhe ongcwele. (Heb. 12:28) Ngakho, kufanele siqale isifundo ngasinye ngokunxusa uJehova ukuba asiphe umoya wakhe ongcwele. (Math. 5:3) Lapho sizindla ngemiBhalo futhi sisebenzisa izinsiza kufunda esizinikezwa inhlangano kaJehova, sivulela uJehova izinhliziyo zethu. (IHu. 62:8) Ukuqhuba isifundo ngale ndlela kuyisenzo sokukhulekela esibonisa ngaso ukuzinikela kwethu kuJehova futhi esikhulisa ngaso uthando lwethu ngaye.—Jude 20, 21.

5. Kungani kubalulekile ukuba sizindle ngeZwi likaNkulunkulu nsuku zonke?

5 Njengabo bonke ubuhlobo, ubuhlobo bethu noJehova kumelwe buqiniswe ngokuqhubekayo ukuze buqhubeke bukhula ekuphileni kwethu konke. Ngakho, kwangathi nsuku zonke singazibekela isikhathi sokusondela kuNkulunkulu, sazi ukuthi naye ngokufanayo, uyosondela kithi.—IHu. 1:2, 3; Efe. 5:15, 16.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela