Ukuhlasela Kwabagibeli Bamahhashi Okukuhilelayo
1, 2. Izinceku zikaNkulunkulu namuhla zihileleke kanjani ekugcwalisekeni kombono oyisiprofetho olotshwe kusAmbulo 9:13-19?
1 “Ingelosi yesithupha yashaya icilongo layo.” Ngemva kwalokho, “abagibele amahhashi” abayinani ‘elingamashumi amabili ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane’ bayagabavula. Akulona ibutho lempi elijwayelekile leli. “Amakhanda amahhashi [a]njengamakhanda ezingonyama.” Kuphuma umlilo, umusi, nesibabule emilonyeni yawo, futhi “imisila [yawo] injengezinyoka.” Abahlaseli abangokomfanekiso abagibele amahhashi baqotha imbokodo nesisekelo lapho bedlula khona. (IsAm. 9:13-19) Uyazi yini ukuthi wena uhileleke kanjani ekugcwalisekeni kwalo mbono oyisiprofetho omangalisayo?
2 Insali egcotshiwe nabangane bayo, ezinye izimvu, ngobunye batshela abantu ngezahlulelo zikaNkulunkulu. Lokhu kuholela ekudalulekeni ngokuphelele kwesimo seLobukholwa sokufa ngokomoya. Ake sihlole izici ezimbili zalo mbono oyisiprofetho oqokomisa isizathu esenza inkonzo yezinceku zikaNkulunkulu iphumelele kangaka.
3. Ikuphi ukuqeqeshwa oye wakuthola ukuze udlulisele isigijimi sikaNkulunkulu ngokuphumelelayo?
3 Sikuqeqeshelwe Futhi Sikuhlonyiselwe Ukuhambisa Isigijimi SikaNkulunkulu: NgeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini nangeminye imihlangano yebandla, izikhonzi zikaNkulunkulu ziye zaqeqeshelwa ukukhuluma isigijimi sikaNkulunkulu ngegunya. Zilingisa uJesu nabafundi bakhe, zifuna abafanelekayo, zishumayele nomaphi lapho abantu betholakala khona. (Math. 10:11; Marku 1:16; Luka 4:15; IzE. 20:18-20) Yeka ukuthi iye yaphumelela kakhulu kangakanani le ndlela yokushumayela esekelwe eBhayibhelini!
4. Imaphi amathuluzi abamemezeli abaningi abanawo ukuze bakwazi ukwenza umsebenzi wabo?
4 Izikhonzi ezingamaKristu ziye zasakaza izigidigidi zamaBhayibheli, izincwadi, izincwajana, nomagazini lapho zenza umsebenzi kaNkulunkulu wokushumayela. Lezi zincwadi ziye zatholakala ngezilimi ezithi azibe ngu-400; zikhuluma ngezihloko ezihlukahlukene futhi zisebenzisa izindlela ezivusa isithakazelo ezinhlotsheni ezihlukahlukene zabantu. Ingabe uwasebenzisa ngokuphumelelayo la mathuluzi?
5, 6. Yini ebonisa ukuthi abantu bakaJehova basekelwa ngokwasezulwini?
5 Isiqondiso Nokusekela Kwasezulwini: Umbono oyisiprofetho ukwenza kucace ukuthi umsebenzi omelelwa ukuhlasela kwabagibeli bamahhashi abangokomfanekiso usekelwa uNkulunkulu. (IsAm. 9:13-15) Umsebenzi wembulunga yonke wokushumayela ufezwa ngomoya kaNkulunkulu, hhayi ngokuhlakanipha noma ngamandla omuntu. (Zak. 4:6) UJehova usebenzisa izingelosi ukuze aqondise lo msebenzi. (IsAm. 14:6) Ngakho, ngaphezu kwemizamo yoFakazi abangabantu, uJehova unikeza ukusekela kwasezulwini ukuze adonsele abathobekileyo kuye.—Joh. 6:45, 65.
6 Njengoba beqeqeshelwe, bakuhlonyiselwa kahle ukuhambisa isigijimi sikaNkulunkulu, futhi besebenza ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi, abantu bakaJehova bayibutho elinamandla. Masiqhubeke sifeze indima yethu ekugcwalisekeni kwalo mbono oyisiprofetho omangalisayo.