Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/04 k. 1
  • Ukukhuthazela Kunomvuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhuthazela Kunomvuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhuthazela—Kubalulekile KumaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Hlala Useduze Nenhlangano KaJehova
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • “Vumelani Ukukhuthazela Kuphelelise Umsebenzi Wako”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Kufanele Sikubheke Kanjani Ukulingwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 8/04 k. 1

Ukukhuthazela Kunomvuzo

1 “Ngokukhuthazela kwenu niyozuza imiphefumulo yenu.” (Luka 21:19) Lawo mazwi, ayingxenye yesiprofetho sikaJesu mayelana ‘nesiphelo sesimiso sezinto,’ akwenza kucace ukuthi ekugcineni ubuqotho bethu, kumelwe sikulungele ukubhekana nezilingo eziningi. Kodwa ngamandla kaJehova, ngamunye wethu ‘angakhuthazela kuze kube sekupheleni’ futhi ‘asindiswe.’—Math. 24:3, 13; Fil. 4:13.

2 Ukushushiswa, izinkinga zempilo nezemali kanye nokucindezeleka kwemizwelo kungenza usuku ngalunye lube nzima kakhulu. Nokho, akumelwe neze silibale ukuthi uSathane uzama ukuphula ubuqotho bethu kuJehova. Ngokuhlala sithembekile kuBaba wethu usuku ngalunye sisuke siba nengxenye ekumnikezeni impendulo angaphendula ngayo uMklolodeli wakhe owamphonsela inselele. Yeka indlela okujabulisa ngayo ukwazi ukuthi “izinyembezi” zethu lapho sibhekene nesilingo azilitshalwa! Ziyigugu kuJehova, futhi ubuqotho bethu benza inhliziyo yakhe ijabule!—IHu. 56:8; IzAga 27:11.

3 Ukucwengwa Izilingo: Ukuhlupheka kungaveza ubuthakathaka bokholo noma ukushiyeka kobuntu, njengokuqhosha noma ukungabi nasineke. Kunokuba sifune ukubalekela izilingo noma ukuziqeda ngezindlela ezingavumelani nemiBhalo, kumelwe silalele iseluleko seZwi likaNkulunkulu sokuba ‘sivumele ukukhuthazela kuphelelise umsebenzi wako.’ Ngani? Ngoba ukukhuthazelela izilingo ngokwethembeka kusisiza ukuba sibe ‘abaphelele nabaphilile ezicini zonke.’ (Jak. 1:2-4) Ukukhuthazela kungasisiza ukuba sihlakulele izimfanelo eziyigugu, njengokucabangela, ububele nesihe.—Roma 12:15.

4 Isimo Esivivinyiwe Sokholo: Lapho sikhuthazelela izilingo, isimo sokholo lwethu siba esivivinyiwe, esinenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu. (1 Pet. 1:6, 7) Ukholo olunjalo lusihlomisela ukuba sihlale siqotho ezilingweni esiyobhekana nazo esikhathini esizayo. Ngaphezu kwalokho, siba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu uyasamukela, futhi lokho kuqinisa ithemba esinalo, kulenze libe ngokoqobo nakakhulu kithi.—Roma 5:3-5.

5 Umvuzo omuhle kunayo yonke wokukhuthazela uqokonyiswe encwadini kaJakobe 1:12, ethi: “Uyajabula umuntu oqhubeka ekhuthazelela ukulingwa, ngoba lapho amukeleka uyokwamukela umqhele wokuphila.” Ngakho-ke, masihlale siqotho ekuzinikeleni kwethu kuJehova, siqiniseka ukuthi uyobavuza ngokucebile “labo abaqhubeka bemthanda.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela