Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/04 k. 8
  • Bonisa Umoya Wokuphayona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bonisa Umoya Wokuphayona
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UFiliphu—Umvangeli Oshisekayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Ukumemezela “Izindaba Ezinhle NgoJesu”
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
  • Izibusiso Zenkonzo Yobuphayona
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Khuluma Ngendlela Engokwemvelo
    Thanda Abantu—Wenze Abafundi
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 8/04 k. 8

Bonisa Umoya Wokuphayona

1. Ungawuchaza kanjani umoya wokuphayona?

1 Kungakhathaliseki ukuthi bangaba yini amaphayona manje noma cha, bonke abamemezeli boMbuso bangawubonisa umoya wokuphayona. Bayakushisekela ukulalela umyalo wokushumayela nokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20; IzE. 18:5) Bayabakhathalela abantu futhi bayazidela ukuze bafeze inkonzo yabo. (Math. 9:36; IzE. 20:24) Izinceku zikaJehova zizimisele ukwenza noma yini edingekayo ukuze zisize abanye bafunde iqiniso. (1 Kor. 9:19-23) Ake sibheke isibonelo esisodwa somuntu owabonisa lowo moya, umvangeli uFiliphu.

2. Abadala nezinceku ezikhonzayo bangayilingisa kanjani intshiseko kaFiliphu enkonzweni?

2 Ukushumayela Nokufundisa: UFiliphu wayenemithwalo yemfanelo enzima ebandleni langekhulu lokuqala. (IzE. 6:1-6) Noma kunjalo, ngokuyinhloko wayengumshumayeli oshisekayo wezindaba ezinhle. (IzE. 8:40) Ngakho, namuhla abadala nezinceku ezikhonzayo bangabonisa umoya wokuphayona ngokuhola ngentshiseko enkonzweni bebe benakekela izabelo zabo. Akuve kulifaka umfutho lokhu ibandla.—Roma 12:11.

3. Singawubonisa kanjani umoya wokuphayona lapho sibhekene nezilingo?

3 Ngemva kokufa kukaStefanu, igagasi loshushiso lakuphazamisa kakhulu ukuphila kwabafundi. Nokho, uFiliphu waqhubeka eshumayela, futhi waba nendima ebalulekile ekuqaleni umsebenzi kumaSamariya. (IzE. 8:1, 4-6, 12, 14-17) Singasilingisa isibonelo sakhe ngokuqhubeka sishumayela izindaba ezinhle lapho sibhekene nezilingo nangokushumayela ngokungakhethi kubo bonke esihlangana nabo.—Joh. 4:9.

4. Yisiphi isibonelo uFiliphu asibeka njengomfundisi?

4 Ikhono likaFiliphu njengomfundisi weZwi likaNkulunkulu lingabonakala endabeni yokuphenduka komthenwa ongumTopiya. (IzE. 8:26-38) Ukuthuthukisa ikhono lokusebenzisa iBhayibheli ‘nokubonisana ngemiBhalo’ kungenye futhi indlela yokubonisa umoya wokuphayona. (IzE. 17:2, 3) NjengoFiliphu, sifuna ukushumayela izindaba ezinhle noma kuphi lapho abantu bengatholakala khona nangaso sonke isikhathi esifanele.

5. Yini engasiza abazali abangamaKristu ukuba bagxilise umoya wokuphayona kubantwana babo?

5 Umkhaya Nebandla: Akungabazeki ukuthi isimo sengqondo nesibonelo sikaFiliphu sawathonya amadodakazi akhe. (IzE. 21:9) Ngokufanayo, abazali abangamaKristu abagxilisa ukuphila kwabo ezithakazelweni zoMbuso bakhuthaza abantwana babo ukuba benze okufanayo. Nakuba ekhathele ekupheleni kwesonto, umzali okushisekelayo ukushumayela kwabanye angaba ithonya elihlala njalo enhliziyweni yomntwana.—IzAga 22:6.

6. Singabonisa kanjani ukuthi siyawazisa amaphayona asebandleni lethu?

6 UFiliphu wangenisa ekhaya lakhe uPawulu noLuka, amaKristu ashisekayo ayezikhandla enkonzweni kaJehova. (IzE. 21:8, 10) Singabonisa kanjani ukuthi siyabazisa nokuthi siyabasekela abashisekayo namuhla? Mhlawumbe singacela ukusebenza namaphayona ekuseni noma ntambama lapho bembalwa abahlanganyela enkonzweni. (Fil. 2:4) Futhi singabamema emizini yethu ukuze sijabulele ubudlelwano obakhayo nabo. Kungakhathaliseki ukuthi zinjani izimo zethu, kwangathi sonke singalwela ukubonisa umoya wokuphayona.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela