Ukushumayela NgoMbuso—Kuyilungelo Eliyigugu
1 Nsuku zonke, izigidi ezihlala emhlabeni wonke ziyazuza emalungiselelweni okuphila uJehova awenza ngesandla esivulekile. (Math. 5:45) Kodwa bambalwa kakhulu abajabulela ilungelo eliyingqayizivele lokubonisa ukubonga kuMdali wabo ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Math. 24:14) Ulazisa kangakanani leli lungelo eliyigugu?
2 Ukushumayela ngoMbuso kuletha udumo kuNkulunkulu futhi kwenza abantu abacindezelekile ngenxa yezikhathi esiphila kuzo namuhla ezinezinxushunxushu babe nethemba kanye nokuthula. (Heb. 13:15) Kulabo abasilalelayo isigijimi, kusho ukuphila okuphakade. (Joh. 17:3) Yimuphi umsebenzi wokuziphilisa noma umsebenzi umuntu angawufundela onalezi zinzuzo? Umphostoli uPawulu wayebonisa ukuthi uyayazisa inkonzo ngendlela ayeyifeza ngayo. Wayeyibheka njengento eyigugu.—IzE. 20:20, 21, 24; 2 Kor. 4:1, 7.
3 Ukwazisa Ilungelo Lethu Eliyigugu: Enye indlela esibonisa ngayo ukuthi siyalazisa ilungelo lethu lokushumayela ukuqaphela izinga esifeza ngalo inkonzo yethu. Ingabe siyazinika isikhathi sokulungiselela intshumayelo eyothinta izinhliziyo zabantu abasilalele? Ingabe singalithuthukisa ikhono lethu lokusebenzisa imiBhalo nokubonisana nabantu? Ingabe siyisebenza ngokugcwele insimu esiyabelwe? Ingabe singakwazi ukuqala nokuqhuba isifundo seBhayibheli? NjengamaKristu athembekile, angesikhathi esidlule nawamanje, sishukunyiswa umbono oqondile ngale nkonzo, futhi siyalazisa ilungelo esinalo.—Math. 25:14-23.
4 Lapho sibhekene nemiphumela yokuguga, impilo engeyinhle, noma ezinye izimo ezinzima, kuyasiduduza ukwazi ukuthi imizamo yethu yentshiseko enkonzweni yaziswa ngempela. IZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa ukuthi uJehova uyayazisa imizamo enjalo yokumkhonza, ngisho naleyo engase ibonakale ingemihle emehlweni abanye.—Luka 21:1-4.
5 Ukushumayela ngoMbuso kuwumthombo wokwaneliseka okukhulu. Udade othile oneminyaka engu-92 wathi: “Yeka ukuthi ngizizwa nginelungelo kangakanani lapho ngicabanga ngeminyaka engu-80 yenkonzo yokuzinikela kuNkulunkulu—engingazisoli nakancane ngayo! Ukube bengingathola elinye ithuba lokuphila, bengiyophila ngendlela efanayo, ngoba empeleni, ‘umusa kaNkulunkulu wothando ungcono kunokuphila.’” (IHu. 63:3) Kwangathi nathi singalazisa leli lungelo esilinikezwe uNkulunkulu—umsebenzi wokushumayela ngoMbuso.