Singasiza Ngani?
1 OFakazi BakaJehova bavame ukubuza umbuzo othi, “Singasiza ngani” lapho bezwa ngenhlekelele eyenzeke endaweni ethile. Njengoba ukulandisa okukuzEnzo 11:27-30 kubonisa, amaKristu ekhulu lokuqala asiza abazalwane abahlala eJudiya ababekhungethwe indlala.
2 Namuhla, imithetho yenhlangano iye yavumela ukuba imali enikelwe isetshenziselwe ukusiza abampofu nokusiza abavelelwe izinhlekelele zemvelo noma izinhlekelele ezibangelwe umuntu nangezinye izikhathi lapho kudingeka usizo.
3 Ngokwesibonelo, ngonyaka odlule abafowethu abaningi banikela ukuze kusizwe labo ababethintwe inhlekelele ye-tsunami eNingizimu Asia. Yaziswa kakhulu le minikelo ebonisa uzwela eyaya esikhwameni senhlangano sokunikeza usizo. Nokho, lapho abantu benza iminikelo ehlelelwe ngokuqondile inhlekelele ethile, kuyimfuneko kwamanye amazwe ukuba leyo mali isetshenziselwe leyo nhlekelele kuphela phakathi nesikhathi esithile, kungakhathaliseki ukuthi abazalwane bendawo sebelunikezile yini usizo noma lusadingeka.
4 Ngakho-ke kutuswa ukuba iminikelo yokusiza abampofu nalabo abavelelwe izinhlekelele ifakwe esikhwameni somsebenzi womhlaba wonke. Lesi sikhwama sisetshenziselwa ukusiza abafowethu abadinga usizo kuhlanganise nokuthuthukisa izidingo ezingokomoya zobuzalwane bobuKristu. Uma ngasizathu simbe umuntu efisa ukwenza umnikelo wokusiza abavelelwe izinhlekelele kodwa ungahlanganiswa neminikelo yomsebenzi womhlaba wonke, nalokho kuyokwamukeleka futhi lowo mnikelo uyosetshenziswa noma kuphi lapho kudingeka khona usizo. Nokho, kuyoba ngcono lapho leyo minikelo ingabi nemibandela yokuthi isetshenziswe kuphi futhi kanjani.
5 Isizathu sokucela ukuba iminikelo iyiswe ngokuyinhloko esikhwameni somsebenzi womhlaba wonke ukuthi lokho kwenza kube nemali eyengeziwe ukuze isetshenziselwe zonke izici zomsebenzi woMbuso kunokuba ihlale ilinde izinhlekelele. Ukusebenza ndawonye ukuze sinikele ngalokho okudingekayo ngenjongo ‘yokukhula komzimba ukuze uzakhe othandweni’ kuvumelana nokushiwo incwadi yabase-Efesu 4:16.