Zisebenzise Ngokuhlakanipha Izincwadi Zethu Ezisekelwe EBhayibhelini
1, 2. Abantu abaningi bazizwa kanjani ngezincwadi zethu, futhi lokhu kuphakamisa muphi umbuzo?
1 “Bengilokhu ngifunda izincwadi zenu kusukela ngo-1965. Ngiye ngibheke iBhayibheli lapho ngifunda, futhi yonke into esezincwadini zenu ihambisana nalo. Bengilokhu ngifuna ukwazi iqiniso langempela ngoNkulunkulu noJesu, futhi ngingasho ngobuqotho ukuthi ngiyazithola izimpendulo ngezincwadi zenu nangeBhayibheli.” Yasho la mazwi enye indoda eyabhalela indlunkulu yoFakazi BakaJehova. Kuyo leyo ncwadi, le ndoda yacela isifundo seBhayibheli.
2 Njengale ndoda enokwazisa, izigidi zabantu emhlabeni wonke ziyazazisa izinsiza-kufundisa zeBhayibheli ezilungiselelwa ‘yinceku ethembekileyo neqondayo.’ (Math. 24:45) Unyaka ngamunye, kunyatheliswa indathane yezincwadi ukuze kusizwe abantu abanhliziyo ziqotho ‘bafinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’ (1 Thim. 2:4) Singazisebenzisa kanjani ngokuhlakanipha izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini?
3. Singakugwema kanjani ukusaphaza izincwadi?
3 Gwema Ukusaphaza: Njengoba kuhamba isikhathi, singaba nenqwaba yezincwadi esingeke sizisebenzise. Yini okufanele siyenze ukuze sigweme ukusaphaza lezi zincwadi eziyigugu? Kudingeka ukuqonda lapho sithatha izincwadi esizozisebenzisa ensimini. Kunokuthatha amakhophi amaningi encwadi ezobe ihanjiswa, singathatha eyodwa noma ezimbili bese siphinda sithatha ezinye uma lezo sesizihambisile. Ngaleyo ndlela sigwema ukunqwabelana kwezincwadi emakhaya. Ngokufanayo, uma sinenqwaba yomagazini esingakabahambisi, kungakuhle ukunciphisa i-oda.
4. Yini engenziwa uma ibandla li-odé izincwadi eziningi kakhulu?
4 Izincwadi Ezinqwabelene: Uma ibandla li-odé izincwadi eziningi kakhulu, umphathi wezincwadi angahlola kwamanye amabandla asendaweni ukuthi awazidingi yini izincwadi ezengeziwe. Abamemezeli bangahambisa omagazini abadala emalungwini omkhaya angakholwa, ezifundweni zeBhayibheli kanye nabanye. Labo abasanda kuhlanganyela bangathanda ukuba nomagazini abadala ukuze bazenzele umtapo wezincwadi.
5. Singabonisa kanjani ukuthi siyazazisa izincwadi zethu?
5 Sifuna ukuba izincwadi zethu zifeze injongo eziklanyelwe yona, okuwukuthi, ukusiza abaqotho ukuba bafunde okwengeziwe ngezinjongo ezimangalisayo zikaJehova. Njengoba noJesu engazange akusaphaze ukudla okwasala ngemva kokusuthisa izixuku ngokumangalisayo, umgomo wethu kufanele kube ukuzisebenzisa ngokunenzuzo izincwadi ezilungiselelwe ezisekelwe eBhayibhelini. (Joh. 6:11-13) Isigijimi esisindisa ukuphila esisezincwadini zethu ngeke sithinte izinhliziyo zabantu abathambekele ekulungeni uma sizigcina emashalofini ethu noma ezikhwameni zethu. Ngakho-ke, kufanele sibonise ukuqonda lapho si-oda izincwadi esizozisebenzisa ensimini futhi sizisebenzisele ukusiza abanye.—Fil. 4:5.